Now Reading
Nasemkhakheni wezemidlalo sasingene khaxa iSILO
Dark Light

Nasemkhakheni wezemidlalo sasingene khaxa iSILO

Kuyohlale kukhumbuleka iNgonyama uZwelithini kaBhekuzulu, kaSolomon igqama ngamaqhaza amaningi isadla anhlamvana nazohlala egqamile njengezinye iZingonyama. 

Iyokhunjulwa ngokuba yinqolobane nesilulu sikaZulu nezinye izizwe. Kwakuyisibusiso nenhlanhla uma usondele eduzane neSILO. Ingasaphathwa uma uxhawule esandleni saso noma sikuthinte ngezandla zaso.

Ngizocakula ngomlando ngebhola, ongagqamile kakhulu ngoMdlokombane ukuthi wayengumdlali webhola lezinyawo, unobhutshuzwayo futhi ewukhonzile. Kuyavela nasencwadini ethi “King of Goodwill. The Authorised Biography of King Goodwill Zwelithini kaBhekuzulu” eyabhalwa ngoSolwazi u-O.E.H.M Nxumalo, uC.T Msimang beno-I.S. Cooke.

Kwelinye lamakhasi ale ncwadi kuvela inkulumo kaMntwana uNonhlanhla exoxa ngosizo olwalwehlukahlukene aboHlanga kwaNongoma ababeluthola kumnikazi wesitolo, umlungu uMnu uNorman Rodney Bond. Uyakhumbuleka umlandompilo kaBond owawubalulwe nguSolwazi u-O.E.H.M Nxumalo ephephandabeni Inkazimulo ayenguSihlalo walo ngowezi-2017.

Ngokwami uBond ngingamfanisa nomlungu uPett owayenesitolo oSungulweni, eShowe, uThalimeshe kwazoba uPhandaphansi owayenesitolo eMbizimbelwe, eMacambini kanye nabanye abelungu kwezinye izindawo ababekhonzwe ngaboHlanga.

Uyaqhubeka uMntwana uNonhlanhla ukuthi uBond wasiza kakhulu ngenkathi epha iSILO izicathulo zokudlala ibhola. Wayecacisa ukuthi iSILO sabe singumdlali webhola naso njengawo wonke umuntu. Sasizenzela ebholeni sisafunda eBhekuzulu esikoleni saMakhosi nezinduna. Kulapho uMntwana uNonhlanhla asifica sincike ngodonga. Wasithatha, wasibalekisa sayobhaca emaNdebeleni lapho ayegcagcele khona. Uveza nangombono nawuphendula owawukade ubhalwe ephephandabeni Ilanga nguMnu u-A.W.G owayedume ngoChampion engowakwaMhlongo owayemgxeka ngaleso senzo. Yingakho inyosi isihasha ngokubalulwe ngenhla.

Kwezebhola iNgonyama yaletha isibusiso esabonakala mzukwana iyobuka umdlalo weZulu Royals uSuthu olumabhesh’ankone noma ngingasakhumbuli ikilabhu eyayizodlala ePrincess Magogo, kuseyikwaMashu Stadium ngowe-1972. Sasukuma sonke esasiphakathi sama ngezinyawo ngenkathi singena enkundleni sigqoke isigqoko nesudi yosafari ababewumbala oluhlaza. Yaqonda enkabeni yenkundla lapho kubekwa khona ibhola yalikhahlela ngenkathi sekukhala impempe. Isibusiso seNgonyama oSuthwini sagqama ngenkathi lunqoba isicoco sendebe ngaphansi kweNational Professional Soccer Leaugue (NPSL) ngonyaka obalulwe ngenhla. Lwasithola isibusiso uSuthu mhlazane lunqoba isicoco sendebe yeCoca Cola ngowe-1992.

Kwakusanesibusiso kusafikela iNgonyama eSigodlweni eMbelebeleni esikwa-A ehositela yakwaMashu. Phela eMbelebeleni kwakungakagubuzelwa amachaphazelo egazi. ISILO neNdlunkulu sasivamise ukuhambela eMbelebeleni sifike silale siphumule izinsuku. Kwakusuka nesinedolo, aboHlanga ababeqhamuka kwezinye izindawo beze eMbelebeleni ukuyokotha iNgonyama naMakhosi. Kanjalo naMaZulu F.C uSuthu olumabhesh’ankone lwalusalala eSigodlweni eMbelebeleni uma luzodlala ePrincess Magogo.

Kwazise ukuthi kwakusatshengisa ukuthi aboHlanga babesathembana, babengakasabani bebodwa mayelana nobugebengu nokubulalana. Kanjalo namaZulu ayesengamaZulu ayengasabeki komunye umZulu ngaphambi kowe-1985. Kanjalo nowe-1996 unyaka okwabulawa omunye waBantwana beMbube. 

Kwezebhola kuyakhumbuleka kunomdlalo wamanqamu okwakudlala iqembu lesizwe iBafana Bafana. Yayikhona iNgonyama uZwelithini enkundleni okwabanezithombe zayo iyobuka iBafana Bafana eyanqoba yazuza indebe ye-Africa Nations Cup ngowe-1996. Kwajabula wonke umphakathi waseNingizimu Afrika. Maningi amakilabhu ebhola avakashela iSILO ukuyothola izibusiso. Amanye awo enza kahle kwezemidlalo.

See Also

Izibusiso zazitholwa ngabaningi ababeyozethula kuso iSILO uZwelithini kaBhekuzulu. Kwakungabezombusazwe, abezepolitiki, ngosomabhizinisi, umphakathi owehlukahlukene nabanye abaningi. Abanye bayaziwa futhi basadla anhlamvana kanti abanye abasekho emhlabeni. Abanye babo baze babanethuba lokuba sezikhundleni eziphakeme.

Kwezenkolo noma kwezeBhayibheli kukhumbuleka uMnu uJacob Zuma ememezela ngokunikela ngemali engamakhulu amahlanu ezinkulungwane zamarandi, engakabi nguMengameli we-African National Congress (ANC) kanye nowezwe ngowezi-2006 ukuze kubhalwe, kuhunyushwe kabusha iBhayibheli kulungiswe nokuningi okukulo. Kwelanywa ukuvezwa kwesithombe ephephandabeni Inkazimulo sababengabahumushi beBhayibheli laphaya ekomkhulu leBhayibheli ngaseMayville, abase bewuqedile umsebenzi wokuhumusha iBhayibheli ngowezi-2017.

Emva kwalokho sabikelwa nguDkt uMpumelelo Mbatha emsakazweni Ukhozi FM ngowezi-2020 ukuthi kwakuzoba nomcimbi wokuyobungaza nokuyothula kuso iSILO iBhayibheli lolimi lwesiZulu elaselihunyushwe kabusha bese kuba yima litholakala emphakathini. Ngizothi iBhayibheli laliyothola izibusiso njengawo wonke umuntu osuke ethintwe izandla zeNgonyama.

Iyakhumbuleka inika amabutho kuMfumfu ngowezi-2018 eMoses Mabhida Stadium inombolo lapho okwakufanele athenge khona izihlangu.

Akuzange kudingeke ukutolikelwa isiZulu ngombhalo owawugqame ngamagama amakhulu  athi ‘BAYEDE’ enyangeni uNhlangulana ngowezi-2014 ukuthi la magama ayethole isibusiso eNgonyameni uZwelithini kaBhekuzulu, kaSolomon.

Scroll To Top