Kuzoqokwa uNdunankulu omusha eKosovo
UShozi yisifundiswa nombhali wezindaba zesimomazwe, wenza iqhuzu lePHD.
ISishayamthetho esisha eKosovo sizohlangana okokuqala ngeviki elizayo ukuyoxoxisana okungase kuholele ekuqokweni kukaNdunankulu omusha. UNdunankulu wesikhashana uVjosa Osmani uqoke ukuthi ngoMsombuluko kuhlangane okokuqala iSishayamthetho esisha. Lesi Sishayamthetho siwumuphumela wokhetho lwezili-14 kuNhlolanja.
Emveni kokugcotshwa kwamalungu kulindeleke ukuthi kuqokwe uNdunankulu omusha. U-Albin Kurti kulindeleke ukuthi kube nguye okhuphukela kulesi sikhundla kulandela ukuthi iqembu lakhe i-Determination Movement okanye iVetevendosje! (ngokolwimi lwaseKosovo) lanqoba izihlalo ezingama-58 kwezingama-120 kusiShayamthetho. Nakuba kwashoda kancane ukuthi leli qembu libe ngomakhonya kodwa kulindeleke amanye amaqembu azisondeze kulo. UKurti usethe uzosebenzisana namaqembu amancane ukwakha uHulumeni. Ukwakha uHulumeni omusha kungase kubelula eqenjini likaKurti iVetevendosje! kunokuqoka uMengameli omusha okuyisinqumo esizodinga ukwesekwa amalungu angama-70% eSishayamthetho. Lokhu kuqokwa kukaMengameli kuhlelwele inyanga uNhlaba. UHulumeni omusha kuleli lizwe uhlalelwe umthwalo onzima njengoba leli lizwe lingelinye lalawo antula kakhulu e-Europe, kanti izinga lokwentuleka kwamathuba omsebenzi, ubugebengu nenkohlakalo liphezulu kakhulu. Konke lokhu sekufike kwacindezelwa kakhulu nawukhuvethe kanti leli lizwe lisakuthola kunzima nokuthi lithole umgomo wawo njengoba nababebathembisile i-European Union (EU) yehluleka iyancama ukufeza isithembiso sayo njengoba ngisho namalungu ayo eselulaxazile uhlelo lwayo lokugoma ngokuthi izinto zihamba ngolonwabu kanti nalo mgomo ebeligabe ngawo i-AstraZeneca sekuthiwa ubangela ukuvimbelana kwegazi okungadala ukuma kwenhliziyo, ukufa kohlangothi kanye nokuqubuka kwezinduna ezisasilonda emzimbeni.
Okuxakayo ngoKurti ukuthi akayikhulumi eyokuvuselela ubudlelwano neSerbia okuze kube namuhla isaphika ukuthi iKosovo izwe elizimele kodwa ithi lingezinye zezifundazwe kuyo.
UKurti uqinisa ikhanda nje iKosovo ayinakho ukwesekwa ngamazwe omhlaba ekuzimeleni kwayo. Leli lizwe lamemezela ukuhlubuka eSerbia nokuzimela ngowezi-2008 emuva kweminyaka elishumi kwatholana phezulu umbutho wezempi waseSerbia nesizwe sama-Albania esasifuna iKosovo izimele. Le mpi eyayiphakathi kowe-1998 kuya kowe-1999 yaphela emveni kwezinsuku ezingama-78 sekungenelele umbutho weNorth Atlantic Treaty Organization (NATO) owaxosha umbutho waseSerbia waletha umbutho ozoqapha ukuthula. Amazwe amaningi asentshonalanga aseyamukele iKosovo njengezwe kodwa iSerbia kanye nabangani bayo iRussia neChina bayenqaba ukwamukela lokhu.
Indlela obudlelwano obubi ngayo phakathi kweKosovo neSerbia kunokwesaba ukuthi ingaqhuma nanoma inini intabamlilo. IKosovo izama ukwakha abahlobo ngaphandle kwe-Europe njengoba isilandele i-United States of America (USA) neGuatemala ukuvula isizinda sikaHulumeni eJerusalem okuwukushaya indiva isexwayiso se-United Nations (UN) esikhuza amazwe ngokuvuna ubuqhwaga be-Israel eyihlwitha ngenkani le ndawo kuPalestine.