Now Reading
Kwakufanele kutshalwe izihlahla emalokishini aseThekwini
Dark Light

Kwakufanele kutshalwe izihlahla emalokishini aseThekwini

Kuyacaca ukuthi izinto ezindala okubukeka sengathi zintsha njengoba zagqama ngowezi-2000, zibhalwe ekhasini lama-62  nelama-63 kube ele-100 kuya kwele-102, ngababhali uGavin Maasdorp no-ASB Humphreys bencwadi iFrom Shantytown to Township: An Economic Study of African Poverty and Rehousing in a South African City, ngenkathi aboHlanga babesanda kususwa eMkhumbane, kwaKito naseCator Manor.

Babhala ngokwakufanele kwenzeke KwaMashu naseMlaza ngenkathi yocwaningo lwangowe-1969 kuya kowe-1971.

Kwakungezemvelo ezaziseqhulwini nababethi inhlabathi yayikulungele ukutshalwa kwezihlahla ziqaqele emigwaqeni kanye nokuba nensimu nezihlahla zikabhanana nomango emagcekeni aboHlanga bakwaMashu nabaseMlaza. Njengoba zazitshaliwe izihlahla zezithelo emalokishini amadala iLamontville neChesterville.

Siyazi ukuthi izihlahla ziyimpilo kumuntu nasezintweni eziphefumulayo nezingaphefumuli. Ziwumthunzi uma kubalele ilanga, zenze kube nomoya opholile nonempilo ezindlini nasemagcekeni. Abanye bazigenca ngenxa yezizathu ezahlukene okuyizinguquko esezenzeka emagcekeni. Njengasegcekeni ekhaya kwakunesihlahla sikabhanana, sikamango nopopo.

Waqinisekisa noNkanyiso “uNka” Shangase waseThafamasi eNdwendwe asebeKwaMashu ngobumqoka bezihlahla emagcekeni nakumuntu. Ukuba kuya ngaye ngabe azigencwa izihlahla ezitshalwe endaweni engaphazamisiyo. Njengezihlahla ezincane abazigencayo abanye kube kungezempilo.

Ngaziqaphela izihlahla ezintathu ukuthi kwake kwasikazwa ukutshalwa kwezihlahla besanda kuhlaliswa aboHlanga KwaMashu. Zibonakala ngokutshaleka okuhlelekile, zaqaqela ngasemgwaqeni. Sezizinde zinezineziqu ezinkulu ngasekhoneni lomgwaqo uMalandela M21 noMpangele uma uqhamuka ngaseNewlands eduzane negaraji.

Zatshalwa futhi nakwa-F kwaMashu ngasezitolo kwaMagwaza, kwaHlabisa ebhusha, ngasemtholampilo nangasesontweni lasemaRomeni nasesontweni okwakungelaseSheshi eselingasePoly Clinic. Zatshalwa kwa-F okwakuyisemaphoyiseni ngasemgwaqeni uLuthuli noNzimande. Ziwubufakazi bokuthi zingaphezulu kweminyaka evile kwengama-60.

Ukutshalwa kwezihlahla kwakugqama ezikoleni kwaMashu ngaphansi kohlelo lokutshalwa kwezihlahla olwaqala ngoMandulo. Sakubona sisafunda ePhuthumani JP School kwa-H ngoMandulo we-1967.

Kanti uma ngithi qaphu, isesikoleni iDukemini JP, iseSilimela SP ezikwa-E kube iseThandukwazi JP nase-Isibonelo High School kwa-F, iseDumani JP, e-Ubuhle SP kwa-G nakwezinye izikole zakwamanye amalokishi. Kwatshalwa izihlahla emigwaqeni emva kweminyaka eminingi njengoba sezibonakala.

Umphakathi waseChesterville, e-Extension One neTwo wahlinzekwa uMasipala ngezihlahla zezithelo ngowezi-2000. Zafa, zamila ezinye emizini embalwa.

Kwakhuthazwa ukutshalwa kwezihlahla zezithelo nensimu emagcekeni omphakathi waseMount Royal, eKhrosini KwaMashu, ngowayenguMhlonishwa Wezolimo uThemba Mthembu ngowezi-2017.

Babhala ngezinhlaka zoHulumeni Basemakhaya, Bezindawo phecelezi iLocal Government okwakufanele zazise. Kwaqanjwa izinhlaka zakwaMashu ngokuthi: Urban Bantu Council, ezaseMlaza bathi iTown Council, ngenkathi yocwaningo lwangeminyaka ebalulwe ngenhla.

Sekubizwa ngokuthi ukhetho loHulumeni Bezindawo kusukela ngowe-1996.

Bathi umphakathi waseRaincoat wathuthelwa KwaMashu, wahlaliswa ezindlini zokuqala ngenyanga uNdasa ngowe-1958. Kwakungasekho muntu eRaincoat ngoNcwaba we-1958 kanti ababeseThusini emgwaqeni uHaviland, kuDunbar, Tintown, ababekwaMnyasana basuswa ngowe-1959. Kanti eMlaza imizi yokuqala ukuhlaliswa kwaboHlanga kwaba ngoNhlaba we-1962.

Ngizogqamisa iphuzu ngo-E no-F KwaMashu ukuthi njengamanje ngabe sekunezihlahla eziqaqele emigwaqeni kusukela ngaleyo minyaka yocwaningo noma nganeno kwazise ukuthi izindlu zokuqala okwahlaliswa aboHlanga nababengabokuqala ukususwa eMkhumbane ngowe-1958 nowe-1959.

See Also

Ngamanye amazwi ngabe seziwubufakazi obubonakala ngobude, ngobubanzi beziqu, ngezimpande ezigaxele emigwaqeni kwa-E no-F neminye imigwaqo.

Kwakuchaza umama ngowe-1985, uTholani ozalwa iNkosi uZimvu kaHhashi Biyela eShowe, eMpaphala. Waqhubeka wathi ngangisanda kuzalwa ngowe-1958 besuswa eTwo Sticks, eMkhumbane bayohlaliswa kwa-F. Waqinisekisa noLawrence Manyoni wakwa-F ukuthi babehlala eKB.

Wenanela noBhoyi umnewabo kaNeli owaganela kwaManqele, kaMandla noNdoda baseMfanefile eMelmoth. Babehlala kwaMjafethe kusabusa iNkosi uNkantini Zulu eMelmoth. Bahlaliswa ko-2 Room kwa-J ngasesitolo kwaShayizandla. 

Basebethuthela kwa-G emgwaqeni uNongoma. Ukhumbula kwaTiki, okwakuyizindlu ezazingemuva kwesikole e-Ubuhle kwa-G.

UBhoyi wakhumbula isitolo seNdiya kwaMjafethe, eMkhumbane owawuqanjwe ngalo. UMjafethe waqhwagwa, wagwamandwa nguMgobhozi owathuthela eMlaza. Isitolo seNdiya uLangwane eTwo Sticks esasingasemfuleni uMkhumbane, okwakuphekwa khona ugavini sagwamandwa nguMkhulushane owaba nesitolo kwaMashu kwa-D.

Emakhasini anduleleyo sasibalulile ngokwakwethenjiswe nguPW Botha owayenguMengameli wezwe ngowe-1978 ukuthi amalokishi aboHlanga ayezothuthukiswa ngezindlela eziningi. 

Uyakhumbuleka uBotha owenqaba ngisho ukuvela okokuqala kuKhomishini Yamaqiniso Nokubyisana ethi isekisi ngowe-1996 nowe-1997. Akugqanyiswanga kakhulu lokho, kwathuleka ezinhlangothini zabamnyama nezabamhlophe.

Scroll To Top