Now Reading
Ukucabanga kwethu makube ngokuphusile
Dark Light

Ukucabanga kwethu makube ngokuphusile

Ubuchopho isitho esibucayi esiqoqeke ndawonye ngale ndlela yokuthi uMvelinqangi wasakha savikeleka ngokwehlukile kwezinye izicubu ezisemzimbeni. Hhayi ngoba ubuchopho bungcono kunezinye izitho busebenza bodwa emzimbeni womuntu. Ubuchopho bubambisene kakhulu nezinye izicubu zomzimba. Bukwenza ukuthi ucabange sikubize ngengqondo engenza ucabange okuhle nokubi. Bese kuya ngawe ukuthi ucheme ngakuphi. Abelaphi bendabuko nodokotela baseNtshonalanga bathi kunokugula okwalephekayo uma kukhululeke emqondweni.

Umlando wasemandulo usazihlonza namanje ukuthi ubukoloni baphumelela ukunqoba aboHlanga e-Afrika ngokubathuntubeza ingqondo esebenzisa ingqondo yawo amaKoloni. Kwazoba ubandlululo olwaphumelela ukunqoba aboHlanga eNingizimu Afrika. Kuhle ngoba sekukuningi osekuntwela ezansi kwabafunde bagogoda nabadumisa uMdali.

Phambilini ngathi izwe lisaphethwe ngabamhlophe ngoba ingqondo yosopolitiki boHlanga abasePhalamende nakomasipala isesaba abelungu. Ingqondo yesaba ukukhuluma ngezilimi zabo zebele ingxenye yenkulumo ngolimi lweTshiVenda, iXiTsonga, lwesiPedi, lwesiSotho, lwesiTswana, lwesiXhosa, lwesiNdebele, lwesiSwati nolwesiZulu. Bese kuvuleka amathuba emisebenzi yotolika njengasezinkantolo. Njengoba kufiswa nayibhodi eyengamele izilimi zonke zaseNingizimu Afrika iPanSALB.

Wayeqinisile uMnu uBantu Stephen Biko kafushane ethi ubukoloni benza ingqondo yaboHlanga yaba nokuzibukela phansi. Ngokwami ukubona sekuyithina esesizibukela phansi ngezilimi zethu ngoba ingqondo igabisa ngemfundo nangemali engumqondo wamaKoloni. Wayeqinisile nomculi uMzwakhe Mbuli ekhuluma ngokulimala kwengqondo ukuthi kwakungukulimala komuntu, komndeni, komphakathi nokwesizwe.

Uma singcono isiNgisi, yini esiyiqambile nesiyisungulile ingqondo yethu ngolimi lwesiNgisi yabonelwa izwe nomhlaba okuwubuchwepheshe. Okuseqhulwini engqondweni ukujivaza, ukungazethembi, ukukhuluma nokushumayela kabi, ukubukela nokuzibukela phansi igazi lakho eliyigama nesibongo sabendulela wena. Siyakuqonda ukuthi ukuqala konyaka omusha akuqali manje kwaqala emandulo ngokukaMvelinqangi, abadala, idlozi nethongo lakho. Unyaka omusha kwabanye uqala ngezigameko ezinhle kanye nezimbi empilweni. Asethembe ukuthi kuzophela nya ukubiza abanye nokubizana ngamagama kuze kuphimiselwe kuthiwe ‘unengqondo encane usibanibani’ Umunikwe ngubani lowo muntu osho kanjalo kuyena? Uzokuthanda yini uma sekubizwa wena kanjalo?

Ungasho kanjani ukuthi ingqondo yomunye incane ube ungakwazi ukufunda okusengqondweni yakhe kanye nasuke ekucabanga. Ngoba ucabanga ukuthi usuyazazi ukuthi unengqondo ebanzi kunabanye ube ungakabonwa ngabedlulele ukwedlula wena. Okwenza usho lokho yingoba awunanhloniphi. Uthi uyabazi abantu ube ungabazi. Usho lokho ngoba awukazazi ukuthi ungubani. Awukazazi ukuthi wabela isipho nesiphiwo emhlabeni esiwumnikelo kwabanye ezweni olakheleyo. Naka, bheka, funa, cinga ngengqondo esakho isipho nesiphiwo owawusifumbethe ngezandla ngoba sonke safika sifumbethe ezandleni okuhlukahlukene.

Ukusho lokho ngoba uzitshela ukuthi ingcono eyakho ingqondo ekubeni lowo muntu othi unengqondo encane, kunesimanga onomona ngaso ngaye. Unomona ngoba kunabasemazingeni aphezulu empilo, emfundo, olwazi,engcebo nezentuthuko nokunye okuningi abamsondeza eduze kwabo lomuntu onengqondo encane emehlweni akho.

Yeka ingqondo owaziwa ngayo kusukela usemncane ukuthi igcwele ukuhlakaza nokucekela phansi abanye abantu.

See Also

Isikhathi sokuba sibe nengqondo emsulwa ngesikukhulumayo nsuku zonke zokuphila kwethu. Isikhathi sengqondo eyakhayo neyakhisanayo ezweni. Sikhumbule ukuthi ingqondo yenza sizikhombe ngomunwe owodwa wokugxibha, wokugxeka nokuzulumba abanye kanti iminwe emine ingqondo iyikhombe kuwena.

Ngabezwa nabalaleli ohlelweni Isidlo Sasekuseni ku-Ukhozi FM olwaluholwa ngumsakazi uNongcebo Mc Kenzie yedwa ngoba wayengekho uTshatha Ngobe mhla ziyisi-6 kuMasingana ngowezi-2020 osukwini lwangoMsombuluko. Abalaleli babephawula bethi bazoyeka ukukhuluma amanga kusukela onyakeni omusha. Abanye babesola utshwala obabubaqambisa amanga. Omunye umlaleli wathi unoduma lwengozi alushaywa lona ngabantu ayebahleba nhlangothi zombili. Kukho konke ukuphawula kwabalaleli bakhohlwa ingqondo okuyiyona eyenza baqambe amanga hhayi utshwala. Nami ngiyaba nengqondo yokuqamba amanga ngingabuphuzi utshwala.

Ingqondo yabanye seyinesijwayezi sokuzitshela ukuthi bayazi futhi bayayazi impilo yabo noma impilo yami. Abanye bakhuluma ngesiNgisi begcizelela elempilo yabo ukuthi ngabe balaleliwe yini kwabebekade bekusho ngolimi lwesiZulu. Kudlalelwa esiNgisini nje bakithi, akuphelelwe nakulona ulimi lwesiNgisi ngoba ingqondo igcwele ubusakabuli bodwa.

Kuyihlazo nesishozi nanamanje uma kujolozelwa kancane ukuthi kunabanale ngqondo kusukela bekhula yokungafuni ukuzama okuhle empilweni, baqholosha ngokwabanye. Siqaphele ingqondo enjalo ngoba izomfaka enkingeni okuqholoshwa ngaye aze abe nezitha yena ebe ezithobile emphakathini.

Scroll To Top