Bathi basazoqhubeka bawubheme ongekho emthethweni



UMhlongo yintatheli ebheke izindaba zohulumeni bendawo
Ucwaningo olukhiswe i-Ipsos luthi ugwayi ongekho emthethweni ususabalele kakhulu eNingizimu Afrika. Isikhulu seBritish American Tobacco South Afrika (BATSA), uMnu uJohnny Moloto, uphawulile ngalolu cwaningo, esikhathini esingesidala iBATSA ibikhala ngokunyuswa kwentengo kagwayi. Ucwaningo luveza ukuthi ugwayi omningi eNingizimu Afrika awukho emthethweni.
UMoloto uthe: “Udaba lukagwayi ongekho emthethweni beluvele luyinkinga kusuka kudala. Sabona ukuthi uma sikhuluma singavezi izibalo noHulumeni singawukhombisi ukuthi sikhulumela phezu kwani ilapho esanquma khona ukuba kwenziwe ucwaningo khona uHulumeni uzoselekelela ubophe lezi zigebengu. Lolu cwaningo oluphumile lukhombisa ngokusobala ukuthi inkinga iya ilokhu ikhula. Manje seyifinyelela kuhhafu wemakethe yethu kagwayi. Lokhu kusho ukuthi imakethe yethu seyehle ngohhafu.”
Uqhube wathi lokhu kuthinta ubugebengu nenkohlakalo kuphinde kuthinte nemisebenzi njengoba kunabantu abalahlekelwa imisebenzi kulo gwayi osemthethweni oyikhokhayo intela, laba abangayikhokhi intela kusho ukuthi bazenzela umathanda.
Ucwaningo labakwa-Ipsos luveza ukuthi uma uya ezitolo ezithengisa ugwayi, ezintathu kwezine zazo ziwuthengisa ngenani elingaphansi kwelivumelekile nelisemthethweni.
Ephawula ngokuthi ngabe lokhu kusho ukuthi ilowo gwayi yini osuke ungekho emthethweni uthe: “Yebo. Imbangela yakho ukuthi silokhu sibona uguquko lokuthi lo gwayi usuthengiswa kuphi kakhulu. Ngaphambi kwemvalelwakhaya wawuthengiswa kakhulu esifundazweni iGauteng, manje izigebengu sezisabalele kuyabonisa ukuthi lokhu esaxwayisa ngakho uHulumeni ukuthi laba bakhiqizi sebengenelile emakethe.”
Echaza ngobunzima lobu bugebengu obuhleleke ngakho uthe: “Khona kunzima kodwa nyakenye uHulumeni wethula imishini emincane ebalayo ukuthi ukhiqize ugwayi omngakanani okwenza ukuthi kube lula ukuthi uma uHulumeni ucwaninga amabhuku ekupheleni konyaka ukwazi ukuthi ubheke inani likagwayi okhiqiziwe nentela ekhokhiwe.”
Uthe okunye banxusa uHulumeni ukuba wenyuse intengo kagwayi iphakethe lama-20 libize imali engaphezu kwama-R28.00 uma kukhona odayisa ugwayi ongaphansi kwalelo nani aboshwe. Ngalokho umuntu ozobe eboshwa uzobe eboshelwa icala lokuthi uthengise ngenani elingaphansi kwalelo elivumelekile. Ngoba uma kubekwa inani eliphansi kuzobe kusho ukuthi othengisayo akayikhokhile intela incane kakhulu. “Sawuxwayisa uHulumeni ngemingcele njengowaseZimbabwe ukuthi kuningi okungenayo okungekho emthethweni okubalwa nogwayi, izindlela ezingena ngawo kulula ukuthi babanjwe,” usho kanje.
Nyakenye intatheli yaleli phephandaba ike yaba nengxoxo nomunye wabakhiqizi bakagwayi oseMgungundlovu, engxoxweni eyaqoshwa wathi: “Kule mboni kuyaliwa. Bafike balande ugwayi emazweni aphesheya, bawulethe kuleli uma sebenza amanani bese bayawakhuphula ngoba bafuna ukuthola inzuzo enkulu, kade bevele bebe nezindleko zokuhambisa impahla. Into edala lo mbango kakhulu wumgolo, mina anginankinga yokwakha inzuzo yesihlanu ngoba uma seziningi zihlangene (izihlanu) zakha isigidi, ngakho okumqoka kimi ukuthi ngidayise ugwayi omningi ukuze ngithole inzuzo efana neyalo onogwayi omba eqolo afune ukunotha ngebhokisi elilodwa.”
Lo gwayi okuthiwa awukho emthethweni nokho kuyaziwa lapho udayiswa khona futhi udumile.
Leli phephandaba lihambele eMgungundlovu eduze kweNkantolo yeMantshi kanye neNkantolo Ephakeme lapho kunomlisa odayisa ugwayi. Akushilo yena njengomdayisi ocele ukuvikelwa uthe: “Le ephuma phesheya ayihambi, abantu abanamali kodwa ngoba kugwayi sebangena kunzima ukuthi baphume. Lo gwayi uthengisa ngokushesha. Ababhema lo ongekho emthethweni bathenga ithwenti kodwa laba ababhema lo osemthethweni bathenga amaluzi.” Inkulumo yalo mbhemu ikhumbuze intatheli ngenkathi izinkampani ezithengisa ngogwayi ziyisa uHulumeni enkantolo ngesikhathi semvalelwakhaya. Ummeli owayemele laba bakagwayi wathi ugwayi into enzima ukuwuyeka uma sewuwuqalile ngakho ukuvalwa kokuthengisa kwawo kuyabahlukumeza labo abawubhemayo.
Abebethenga lo gwayi baphawulile. UMnu uDumisani Mazeka uthe: “Wonke ugwayi uyabulala futhi ubhaliwe. Kungcono uthenge lo oshibhile wonge imali ube nogwayi omningi.” UMnu uThabani Mshengu uthe: “Lo gwayi oshibhile ubhekelela amakhukhu ethu, ngeke siwuyeke. Ngabe kungcono ukube kuthiwa awukho emthethweni nje iwona kuphela obulalayo. Manje wonke ugwayi uyabulala.”