Umuzi wongenele ukhetho usuzungezwe ngamaphoyisa eChad



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Kushone cishe abantu ababili ngesikhathi ezokuphepha ziyobopha lowo ozongenela ukhetho ngaphansi kweqembu eliphikisayo uYaya Dillo emzini wakhe ngeSonto. Lokhu kushiwo nguye uDillo kanye noHulumeni.
UDillo, ohlele ukubhekana noMengameli u-Idriss Deby okhethweni oluzayo, utshele abezindaba ukuthi uhlaselwe emzini wakhe ngamalungu onogada bakaMengameli waphinde wathi amalungu amahlanu omndeni wakhe abulewe okubalwa phakathi unina.
Isitatimendeni esikhishwe uHulumeni sithe ezokuphepha ziye emzini kaDillo ngenhloso yokumbopha ngemuva kokuthi ephikisane negunya lokwahlulela kepha zahlangatshezwa nokuphikiswa kuhlonyiwe. Kule mpi kushone abantu ababili kwathi abathathu balimala, kusho isitatimende.
Ezokuxhumana zivaliwe enhlokodolobha yaleli lizwe iN’Djamena kusukela ngeSonto ekuseni ngokusho kwemithombo esendaweni.
Umuzi kaDillo kuvela ukuthi uzungezwe ngamaphoyisa kaHulumeni kusukela kwenzeke lesi sigameko.
UDillo wayengumholi wabahlubuki ababelwa noDeby ngonyaka wezi-2006 ngaphambi kokuthi angene kuHulumeni abe nguNgqongqoshe. Ungomunye wabantu abali-16 asebememezele ukuthi bazongenela ukhetho baqhudelane noMengameli uDeby.
UMengameli uDeby, osephathe lesi sikhundla kusukela ngowe-1990, wakwazi ukufaka uMthethosisekelo omusha ngonyaka wezi-2018 owawumgunyaza ukuthi angenele ihlandla lesithupha lobuMengameli. Amakhulu abantu kuqala inyanga baqala imibhikisho bephikisana nokungenela kwakhe ukhetho oluzayo.