Izakhamuzi ziyazethemba ezempilo eNhlokodolobha



UMhlongo yintatheli ebheke izindaba zohulumeni bendawo
Namhlanje kuphela unyaka golokoqo kwabikwa ukuthi kunomuntu osehaqwe ukhuvethe eNingizimu Afrika. Wakhonjwa eMsunduzi mhla zi-5 kuNdasa nyakenye, okwakungomhlophe owayevakashele e-Italy nomkakhe wafike wahaqwa yilo mkhuhlane. Isibhedlela sokuqala esazithola sibhekene nokhuvethe eNingizimu Afrika yiGrey’s Hospital esiseMsunduzi esayelapha yaze yasinda le nsizwa. Uphelile unyaka ukhuvethe lukhona eNingizimu Afrika, imnyango kanye nezinsiza zikaHulumeni ezingenzi kahle zavela obala kuso lesi sikhathi esingango nyaka.
Njengoba izwe selikhuluma ngazwilinye ngomgomo wokhuvethe uhlelo oluqale ngesonto eledlule lapho kugonywe izisebenzi zezempilo, uMnyango Wezempilo kuzwelonke ulukhiphile uhlu lwezindawo oluzoba izikhungo zokugomela ukhuvethe eNingizimu Afrika.
KwaZulu-Natal izibhedlela okubikwe ukuthi zizoba yizikhungo zokugomela ukhuvethe zinhlanu okuyiGeneral Justice Gizenga Mpanza, i-Edendale, iMadadeni, iNetcare St. Augustine’s kanye nePrince Mshiyeni Memorial.
UNgqongqoshe Wezempilo uDkt uZwelini Mkhize ngesikhathi ethula ukuthi lolu hlelo lomgomo luzohamba kanjani, wathi bazoqala ngezisebenzi zezempilo, kulandele labo abenza imsebenzi emqoka kanye nabantu abadala. Lokhu kusho ukuthi lolu hlelo seluzophumela ngaphandle emphakathini kanti sekuzolindeleka abantu abaningi abasebenzisa lezi zikhungo.
Amalungu omphakathi asesifundeni uMgungundlovu aphawulile ukuba ngabe asibona kanjani isimo sezempilo kulesi sifunda njengoba silele isibili esifundazweni iKwaZulu-Natal silandela iTheku ngezibalo eziphezulu zabahaqwe ukhuvethe.
NgoLwesithathu isifunda uMgungundlovu esinomasipala abayisi-7 okuwuMsunduzi, iMpofana, iRichmond, iMpendle, uMshwathi, uMngeni kanye noMkhambathi besinabantu abayizi-35 550 kanti eThekwini abayi-156 008, nokho ukuba iTheku lihambe phambili kulindelekile uma wenza izibalo ngoba linabantu abaningi kakhulu.
UMgungundlovu ulele isibili esifundazweni ngezibalo eziphezulu futhi unomasipala abaningi abasezindaweni zasemakhaya kanti uke wazithola uba nabantu abaningi abahaqwe yilesi sifo khona ezindaweni zasemakhaya.
Ilungu lomphakathi waseMsunduzi uMnu uThembalakhe Sithole lithe: “Inkulu indima elinywe uMnyango Wezempilo kule ndawo yakithi. Kusukela sinokwesaba ngenkathi ukhuvethe lushunqa eduze izakhamuzi zizwa engathi zingangadlula ngasesibhedlela iGrey’s, basehlise amaphaphu ukuba singaxhamazeli lokho ngikholwa ukuthi kuyiklamile indima emqoka ngoba uma abantu betatazela maningi amaphutha abawenzayo okunye okungadala ukuba isizwe size senze amaningi amaphutha. Uma ngisho amaphutha abantu ngibala nawabahlengikazi kanye nodokotela okuyibo abelapha muntu ophethwe ilolu bhubhane.”
UNks uSindiwe Majola waseMkhambathini uthe: “Sesinakho ukuzethemba izibhedlela zethu ikakhulukazi lezi zikaHulumeni, sesibonile ukuthi zinawo amandla okwelapha izakhamuzi, zaguqula nesithombe esinaso ngezisebenzi zezempilo ikakhulukazi indlela eziphatha ngayo iziguli. Ngaphambi kokuthi ukhuvethe lubhebhetheke sibone nalabo abanemali yokukhokhela izibhedlela ezizimele bezithola besezibhedlela zomphakathi. Uma ubheka nje ukuthi isigwili esikwazi ukuvakashela e-Italy sihlale eGrey’s silashwe size sisinde lokhu kudweba esinye isithombe ngesimo sezempilo kanye nobuhlakani nesibindi kwabahlengikazi bethu lapha eMgungundlovu.”
UMnu uLinda Madlala waseMpendle ephawula yena uthe: “UMnyango Wezempilo ulime indima emqoka kuthina. Ngesikhathi sokhuvethe sibone izisebenzi zezempilo ziza ezindaweni zakobantu zenza umsebenzi. Ukuqokwa kwesibhedlela i-Edendale ukuthi kube yiso esigomayo ngesikhathi sokhuvethe kube wubuhlakani obukhulu ngoba nathi siyasuka eMpendle siye e-Edendale ngenxa yokuthi ukunyanga kwabo kusezingeni eliphezulu kuphela kumele balungise nje indlela okugcwala ngayo noma sinwetshwe lesi sibhedlela.”
UNkk uNomkhosi Dubazane waseMsunduzi naye uphawulile wathi: “Okwamanje akukho engingakusho ngedlela abasebenza ngayo kepha ngibonile bengenelela ngisho ezibhedlela ezizimele ukuqiniseka ukuthi izakhamuzi ziyasinda futhi nemigudu iyalandelwa leyo ephuma enhlanganweni iWorld Health Organization (WHO).”
UMnu uKwazikwakhe Mshengu waseMsunduzi uthe: “Ngibona ezempilo zisinakekelile ngesikhathi sokhuvethe. Sibone nezisebenzi zezempilo zifika ezindaweni zethu, ngesikhathi izakhamuzi ziziphethe budlabha, asisasazelwanga ngamaphoyisa silokhu sibalekela wona kepha basipha imfundo nje sakwazi ukuthi siziqoqe njengomphakathi. Uma sibheka ngokwelaphwa izinga beselifana nakuleli lasezindaweni ezizimele ngisho nokulandela imigomo yokhuvethe bekuqinisekiswa yonke into.”