Now Reading
Inkatha ithi liselikhulu igebe ezikoleni ngokwemiphakathi
Dark Light

Inkatha ithi liselikhulu igebe ezikoleni ngokwemiphakathi

Unyaka wezi-2020 kube ngonezinguquko eziningi ikakhulukazi kulezo ebesesizithatha njengosikompilo kanye nomkhuba wethu. Okunye okube nokuguquka ukungangeni kwabafundi izinsuku zonke esikoleni. Imiphumela kamatikuletsheni wonyaka wezi-2020 iyakufakazela ukuthi kube nezinguquko, ngokwehla kwezibalo zamaphesenti abafundi abaphumelele. IKwaZulu-Natal ilale isine eNingizimu Afrika ngama-77, 6%, isuka kwangama-81, 3%. 

Olilungu leqembu eliphikisayo eSishayamthetho saKwaZulu-Natal i-Inkatha Freedom Party ophinda ababe ilungu lekomiti lezeMfundo, uMnu uMntomuhle Khawula, ube nengxoxo neBAYEDE ebuka futhi ephawula nangale miphumela. Ephawula ukuthi ubone imphumela ihambe kanjani esifundazweni njengoba benze umsbenzi ongaka njengekomiti ukuqinisekisa ukuthi abafundi babuyela esikoleni bephephile kukhuvethe, kangangokuba akukho umfundi okwabikwa ukuba walahlekelwa impilo yakhe ngenxa yokutheleleka ngokhuvethe uthe: “Okokuqala asikusho ukuthi unyaka wezi-2020 kube ngunyaka onzima kakhulu kunoma ubani, noma imuphi umkhakha wempilo, ikakhulukazi kuwona umkhakha wezemfundo nokuwunyaka olukhuni mhlawumbe selokhu ngazalwa angikaze ngiwubone onjengawo.” 

Eveza ukuthi ngabe izingqinamba abahlangabezane nazo ngabe ziyahambisana yini nemiphumela isifundazwe esiyitholile uthe: “Kunamazwe nalana ezwenikazi i-Afrika anqume ukuba awubulale unyaka wezi-2020 kwezemfundo, babona ukuthi baqale kahle kulo esikuwo. Kodwa kuthina eNingizimu Afrika sikwazile ukuthi siwuciciyele unyaka wokufunda waze waphela, ngaphansi kwezimo ezinzima. Umuntu akababonge othisha, abafundi, abazali abanikele ngezingane zabo, nabo bonke abantu ababe neqhaza ekutheni kuciciyelwe unyaka ekutheni mawuhlengeke uze uyofika ekugcineni ukuze izingane zingamoshekelwa unyaka wonke ngenxa yokhuvethe.” 

Uqhube wathi nakuba imiphumela yehlile ngokwamaphesenti kuzwelonke nasesifundazweni, lokho akacabangi ukuthi kulibhaxa elingako uma kubhekwa ukuthi unyaka bewunjani, ngakho abafundi benzekahle, nothisha, bawuhlenga unyaka. 

“Abangaphumelelanga sizwelana nabo kodwa siyakuqonda ukuthi bekunobunzima obekungenza ukuthi empilweni kanoma ubani kwenzeke noma yini, ngakho mabangazideli. Mina bengingathi ngokwami mababuyele esikoleni bayowuhlenga unyaka wabo kunokuthi badikibale ngoba isikhathi sempilo side kakhulu kunonyaka owodwa ofike nokhuvethe, abakucabange ukuthi umuntu usebenzela ikusasa lakhe, akukho muntu ozobabeka amabala athize ngoba izimo bezinje,” kusho uMhlonishwa uKhawula eduduza laba abangama-22,4% abangaphumelelanga esifundazweni iKwaZulu-Natal.

See Also

Uthe abakufundile kulolu khuvethe nakule ndlela yokufunda okuphunywa kuyona nabaphezu kwayo ukuthi lento ekade beyisho kubaphathi bemfundo beliqembu i-IFP ukuthi imfundo eNingizimu Afrika ayikakalingani. “Imfundo engcono itholwa omtakabani abanemali yokuyithenga. Bese kuthi imfundo esezingeni eliphansi laba abantulayo bese becosha noma yini eyimvithi esala lapho, ngenxa yezinsiza akuyona ebiwa uHulumeni, ukuthi uma usedolobheni uzothola imfundo engcono, uma usemakhaya uza kamuva. Buka nje ukuthi ukuze ingane ifunde bekudinga ukuthi ibe no-online, namadata. INingizimu Afrika izwe elinedata emba eqolo ezwenikazi lonke, emhlabeni wonke ibalwa emazweni ama-5. Kulaba abantulayo bekuba lukhuni okwabo ukufunda, njengoba bekudingeka nomakhalekhukhwini, amatablet, amakhompuyutha okuyizinto zomtakabani,” usho kanje. 

Uthe ingqalasizinda ibe nendima eyilimayo ekutheni kuphazamiseke ukufunda njengoba izikole zasemakhaya zingenawo amagumbi okufundela anele. “Ake kufakwe imali eningi ekutheni kuthuthukiswe izindawo zasemakhaya nasemalokishini. Kumele kuphinde kuvalwe lento yokuthi emakhaya kunothisha abancane ngoba abafundi bancane ngoba lokhu kusho ukuthi kwancipha isibalo sothisha nezinga lemfundo liyehla,” usho kanje.

Scroll To Top