Now Reading
UbuKhrestu bathengwa ngegazi lababephikisa hhayi leMvana
Dark Light

UbuKhrestu bathengwa ngegazi lababephikisa hhayi leMvana

Inkolo yobuKhrestu yakhelwa phezu kwegazi elachithwa amaKhrestu ngokubulala bonke labo ababengahambisani nenkolo yobuKhrestu, ngoba bengafuni ukuba kube khona ezinye izinkolo emhlabeni ngaphandle kwenkolo yaseRome yobuKhrestu. Kwadingeka ukuba kusetshenziswe inkemba, isibhamu, nalo lonke olunye uhlobo lwesikhali sokubulala kusabusa uConstantine waseRome.

Ngowama-314, isiphelile inkomfa yaseNicea, esegunyaziwe uConstantine ukuthi akayiqale inkolo yobuKhrestu, waqala ukwenza izinto eziningi ezaziyisihluku kubantu ababengewona amaKhrestu, bebulawa ubuthaphuthaphu, kuhle wena owabona kubulawa izimpukane. Kugobhoza igazi usuku nosuku. Befa abantu bakaMvelinqangi ngoba nje kushiqekwa ngenkani le nkolo yobuKhrestu, esisenayo nanamhlanje.

Ngowama-324 uConstantine waphatha ngesihluku, wabulala ngisho abefundisi ababengakholelwa enkolweni yobuKhrestu. Lesi sihluku sasihambisana nokuphihliza amathempeli anoma ubani ongahambisani nenkolo yobuKhrestu.

Ngowama-335 uConstantine, laphaya e-Asia Minor nasePhalistani, wathumela ukuba kubulawe bonke laba abenza imilingo kanye nalabo ababethandaza emigwaqeni.

Ngowama-341 uConstantine 11 (Flavius Julius Constantius) wabulala wonke amaGriki kanye namaJentalisi. Abanye babeboshwa.

Ngowama-354 kwashaywa umthetho omusha owawulawula ukuthi akucekelwe phansi amathempeli ezinye izinkolo. Kwaqala ngokuba kushiswe yonke imitapo yolwazi kuwo wonke amadolobha.

Ngowama-359 eSyria, amaKhrestu ahlangana enza indawo lapho kuzobulawa khona kumbe kuboshwe bonke labo ababengewona amaKhrestu.

Ngowama-364 uMbusi uJovian wakhipha umthetho wokuthi yonke imitapo yolwazi yase-Antioch mayishiswe. Lo mthetho wawuhambisana nokuba kubulawe labo ababekhonza amadlozi nezinye izinto ezazingahambisani nenkolo yobuKhrestu. Lo mthetho wawubuye ukhiphe nokuthi abaphucwe izindlu zabo kumbe babulawe bonke abangahambisani nenkolo yobuKhrestu. 

Ngowama-370 uValens wakhipha umyalelo othi akubulawe bonke labo abangewona amaKhrestu kuyo yonke indawo yase-Eastern Empire, e-Antioch. Izikhulu eziningi kule ndawo, okwakukhona izimeya, abefundisi, izifundiswa nabanye mababulawe.  Injulabuchopho yakhona uSimonides yabanjwa yashiswa izwa, kwathi abanye abefundisi banqanyulwa izintamo zabo, babulawa. Izinqwabanqwaba zezincwadi zashiswa.

Ngowama-372 uValens wakhipha umyalelo owawuthi iMeya yaseMinor Asia kanye namaGriki mababulawe, kushiswe nezincwadi zabo.

Ngowama-373 igama elithi “pagan” laqanjwa ngokusemthethweni, liqanjwa ngamaKhrestu njengegama elisho labo abangakholelwa enkolweni yobuKhrestu. Ngakolulnye uhlangothi uTheodosius wabiza bonke labo abangahambisani nale nkolo njengabantu abaphambene engqondweni. Leli gama elithi ‘pagan’ ngesiZulu singathi yi‘qaba’.

Ngowama-381, emhlanganweni womhlahlandlela owawubizwe uConstantine, igama elithi “uMoya Oyingcwele” lakhiwa, lenziwa igama elisho ubungcwele obuvela kuNkulunkulu. Kuthe kusuka lapho kwashaywa umthetho ovimbela bonke abantu abafuna ukubuyela ezinkolweni zabo, mhlawumbe abangayizwa kahle inkolo yobuKhrestu. 

Ngowama-385 kuya kowama-388 izinkulungwane ngezinkulungwane zabantu laba ababebizwa ngamaqaba bafakwa emhubheni endaweni ebizwa ngokuthi yiseSkythopolis, babulawa.

Ngowama-389 kuya kowama-390 izinqwabanqwaba zamakholwa enkolo yobuKhrestu, zisuka emaweni nasemigedeni, nasogwadule, zehla zeza phansi emadolobheni, laphaya eMiddle East naseGibithe zizobulala yonke into enjengezithixo zabo, amathempeli, imitholampilo, imitapo yolwazi, bashaya labo abangewona amaKhrestu.

Ngowama-392, ziyisi-8 kuLwezi, uTheodosius wakhipha umthetho owawuchitha zonke izinto zamaJentalisi ezazibizwa ngenkoloze. Ngowama-395 imithetho emisha yakhishwa, eyayilawulwa ukuthi makubulawe wonke amaqaba. 

Ngowama-399, uFlavius Arcadius wakhipha umthetho wokubhidliza wonke amathempeli ayesasele.

Ngowama-401 amaKhrestu eCarthage ashaya labo ababengewona amaKhrestu, babhidliza amathempeli nezithixo. Laphaya eGaza uSobaba uPorphyrius wathuma abalandeli bakhe ukuthi abayoshaya amaqaba babulale nemizi yabo kanye namathempeli.

Ngowama-405 uJohn Chrytom wathumela impi nezikawoti ukuthi ziyobulala izithixo kuwo wonke amadolobha ePhalistani.

Ngowama-408 uSt Augustine wathumela abalandeli bakhe ukuyobulala inqwaba yamaqaba eCalama nase-Algeria. 

See Also

Ngowama-409 kwashaywa omunye umthetho owawuvimba bonke labo ababethandaza izinkanyezi nelanga nenyanga. Siyokhumbula ukuthi inkolo yokuqala ngqa emhlabeni kwakukhonzwa uRa, ilanga kanye nenyanga.

Ngowama-415 e-Alexandria, iqulu lamaKhrestu, elaligqugquzelwe nguSobaba uCyril, lahlasela abantu, lalimaza impahla eningi, laze labulala nesifundiswa uHypatia, bathatha izicubu zakhe zomzimba bahamba bebukisa ngazo emigwaqeni. Ekugcineni washiselwa endaweni eyayibizwa ngokuthi kuseCynaron.

Ngowama-416 uHypatius wabulala amaqaba endaweni yaseBithynia. Kanti eConstantinople bonke labo ababengewona amaKhresu, abehluleli, izisebenzi zikaHulumeni nabanye abaningi, babulawa.

Ngowama-423 uTheodosius wamemezela ukuthi inkolo yamaqaba ayilutho kodwa iyidimoni, wabe sethi akungabikhona muntu ozoyilandela akholwe yiyo, ngoba uma benza njalo bayobulawa ngenkemba.

Ngowama-435 kwashaywa umthetho omusha wokuthi akubulawe amaqaba kanye nabahlubuki. Inkolo eyayivunyelwa ngaleso sikhathi kwakungeyamaJuda (Judaism) kuphela, njengoba isakhona nanamhlanje. Ngowama-448 uTheodosius wakhipa umyalelo othi makushiswe zonke izincwadi zalabo abangewona amaKhrestu.

Ngowama-450 kwashiswa wonke amathempeli edolobhaneni i-Aphrodisias, kwashiswa nemitapo yezincwadi. Ngowama-482 kuya kowama-488 wonke amaqaba ase-Asia Minor abulawa, afa, ambelwa. Ngowama-515 umphathi wedolobha iConstantinople, u-Anastasius, wayalela ukuthi amaqaba ase-Arabia akabulawe kubhidlizwe namathempeli awo. 

Ngowama-546 amakhulu ngamakhulu amaqaba abulawa eConstantinople, ebulawa ngu-Asiacus.

Wonke lo mbhalo utholakala la:  (Vlasis Rassias, Demolish Them! Published in Greek, Athens 1994 & http://www.mountainman.com.au/essenes/article_060)

  UMnu uMfuniselwa Bhengu, ungumbhali noMshicileli wezincwadi

Scroll To Top