Now Reading
Izaba zokufuna ihlandla lesibili zikaMengameli waseSomalia
Dark Light

Izaba zokufuna ihlandla lesibili zikaMengameli waseSomalia

UMengameli waseSomalia ihlandla lakhe leminyaka emine eliphele kule nyanga akufaneke abambe iqhaza ezingxoxweni ezikhona ezisetshenziswa njengesixazululo.

Omunye wohulumeni bezifunda abahlanu bakuleli lizwe uthe le mpikiswano ekhona ibangele ukubambezeleka kokukhethwa kwenhloko entsha yezwe. 

IPhalamende bekufanele liqoke noma lithathe isinqumo ngomholi wezwe omusha ziyisi-8 kuNhlolanja kepha lokho kwabambezeleka ngenxa yokuthi abashayi bomthetho abakaqokwa futhi abaphikisa uMengameli uMohamed Abdullahi Mohamed, ofuna ihlandla lesibili, bamsola ngokufaka abalandeli bakhe emabhodini ezifunda nakazwelonke akhetha abashayi bomthetho.  

Lokhu kubambezeleka sekudale ukungezwani kuleli lizwe oluwuphondo lezwekazi elivele lehlukene phakathi ngenxa yempi yezakhamuzi zalo futhi iSomalia isasempini neqembu lombutho  i-al-Shabaab elivame ukuhlasela idolobha iMogadishu kanye nezinye izindawo zezwe.

UHulumeni waseJubbaland, esinye sezifunda ezinhlanu zakuleli lizwe, wathi isikhathi sikaMengameli sabe siphelile futhi kufanele akhishwe kunoma yiziphi izingxoxo ezikhona ngale mpikiswano ekhona.  

“Akufanele abe neqhaza ohlelweni lokhetho ukuze bonke ababamba iqhaza kwezepolitiki babe nokuzithemba ngalo, “ kusho indlu kaHulumeni waseJubbaland esitatimendeni.

UMthethosisekelo wezwe uyakuvumela ukuthi umengameli wezwe ahlale esikhundleni kuze kuqokwe omusha kodwa uma kuvuma iPhalamende. Kepha izazi zithi umengameli, ngokuqhubeka ahlale esikhundleni ufaka ingcuphe yokuphazamisa ukulinganiswa kwamandla okuvele kuntekenteke phakathi kwezinhlanga ezihlukile kanye nezifunda ezibangayo okusenhliziyweni yemizamo yokwakha kabusha ezombusazwe zakuleli lizwe.

Umkhulumeli omkhulu kaHulumeni kazwelonke akatholakalanga ukuba aphawule ngalolu daba.

UMengameli kazwelonke ngeSonto ubenomhlangano noNdunankulu, omengameli basezifundeni iHirshabele, iGalmudug, ezinye eziseNingizimu, obemele i-United Nations kanye neMeya yaseMogadishu.

See Also

Ikhasi lenkundla yokuxhuma iFacebook yeHhovisi likaMengameli lithe bekuwumhlangano wokuqala ngaphandle kokusho ukuthi ezinye izingxoxo zizobanjwa nini.

Umfelandawonye wamaqembu aphikisayo usaqala uNhlolanja wathi uzophikisana nanoma isiphi isicelo noma isimemezelo sokwelula ihlandla likaMohamed, wathi akube nomkhandlu kazwelonke wabenzi bomthetho, abaholi bamaqembu aphikisayo kanye namalungu omphakathi ukuba ubuse leli zwe kuze kukhethwe ozongenela isikhundla sikaMengameli.  

Amabutho kaHulumeni kanye nabaseki bamaqembu aphikisayo badubulana edolobheni iMogadishu ngoLwesihlanu olwedlule ngesikhathi kunombhikisho mayelana nokubambezelwa kokuvotwa. Abazongenela lolu khetho lobuMengameli baphakamise ukuthi kube neminye imibhikisho kuze kukhethwe inhloko yezwe entsha.

Leli lizwe belihlele ukuba nokhetho lukaMengameli kanye nabashayi bomthetho obekuzoba ivoti layo lokuqala eliqondile selokhu kwaqubuka impi yezakhamuzi ngowe-1991. Kepha ukubambezeleka kokulungiselelwa kokhetho ukuhlasela kweqembu i-al Shabaab kwachaza ukuthi esikhundleni salokhu kube nevoti elingaqondile lapho abenzi bomthetho babezokhethwa ngabadala kanye nabathile abakhethiwe.

Scroll To Top