UMsunduzi nohlelo lokuthuthukisa i-Edendale



UMhlongo yintatheli ebheke izindaba zohulumeni bendawo
Mukhulu umehluko phakathi kwezindawo ezazihlala abantu abacindezelekile nababekhululekile ingakatholwa idemokhrasi kuleli. Lokho kusukela ngesikhathi saphambilini lapho laba ababengacindezelekile behlala ezindaweni eziphucuzekile. UMsunduzi ube senhlanhleni yokuthi ube kwabokuqala ohlelweni oluqhamuke noHulumeni kazwelonke lokuthuthukisa izindawo ezazicindezelekile.
Isikhulu seGreater Edendale Vulindlela Development Initiative (GEVDI), uMnu uNarain Singh, silandise iBAYEDE ngezinhlelo abanazo ukuthuthukisa i-Edendale, eMgungundlovu, belekelelwa uMnyango Wezezimali kaZwelonke.
USingh uthe kunezinto eziningi eziwubuxhakaxhaka okwedlulwa kuzona ngaphambi kokuthi kubonakale seksetshenzwa kulethwa intuthuko. “Lo msebenzi owenziwayo ubalwa nokuthumela amaphepha okuhlangabezana nomsebenzi okumele siwenze. Kulo msebenzi wase-Edendale wokwakha idolobha sesikuphothulile okunye. Njengamanje nje sekwakhiwa umgwaqo ongena ohlelweni lokwakhiwa kwaleli dolobha okuyimgwaqo ecusha kuleli dolobha,” kusho uSingh.
“Inhloso yaleli dolobha ukwakha isidleke somnotho e-Edendale. Kuphinde kuthuthukiswe nendawo. Lokhu sizokwenza ngokusebenzisa lokhu okukhona njengezinxanxathela zezitolo ezimbili, izibhedlela ezimbili ezikhona, ifemu yokwakha izicathulo, isiteshi samaphoyisa kanye neNyuvesi. Okuyizinto ezimqoka ezeseka idolobha,” usho kanje.
Uqhube wathi: “Manje sifake isicelo kuMnyango Wezokuthutha esifundazweni ukuba basivumele ezinhlelweni esinazo ezizolawula izimoto ukuba zizohamba kanjani. Saphinda sahlela ukuthi amanzi azohamba kanjani. UMasipala usuzenzile izinhlelo zokuthi bazohlaliswa kanjani abantu njengoba kunemizi eyakhele lezi zinxanxathela sikhuluma nje.”
Uthe leli dolobha lizoba neradius engama-800m okusho ukuthi uma uhamba ngezinyawo kuba imizuzu eli-10. “Leli dolobha elincane lakhelwe ukwelekelela abantu abahamba ngezinyawo, liphinde lithuthukise osomabhizinisi abancane njengoba sikhuluma nje kunabantu abadayisa ematafuleni abahlakazekile ngakho-ke lolu hlelo luzobahlanganisela endaweni eyodwa nabo bazibone ukuthi bayalekelelwa uHulumeni phezu kokuba sekulethwe izitolo ezinkulu kubantu,” kusho yena.
Uthe lo msebenzi uzohlukaniswa ngokwezigaba. Isigaba sokuqala esokwakha imigwaqo ezohamba phakathi edolobheni, esesibili esizoqala okuwukwakha indawo yosomabhizinisi abancane, ukwakha ibhuloho eliwelisa ngokuphephile abantu abeqa umgwaqo omkhulu uSelby Msimang okuyiwo owakhiwayo kuhlelo i-IPTN nokwakhiwa kwendawo yomphakathi (Public Square). “Okumele sikucacise ukuthi izakhamuzi uma zisibuza ngokuthi kwenzakalani ngokwakhiwa kwaleli dolobha sikusho ngokungananazi manje ukuthi seliyakhiwa, isigaba sesi-2 sisodwa sibalelwa ezigidini ezingama-R250,” usho kanje.
Uthe akusiwona umsebenzi olula ukuthi uMnyango Wezezimali ukhiphe imali engaka kepha kumele uboniswe ukuthi lo mqondo uzosebenza kanjani futhi abantu bazolekeleleka kanjani. Njengoba kunezinxanxathela zezitolo ezimbili, echaza ukuthi ngabe ukwakheka kwazo kwakuvele sekusezinhlelweni zokwakha leli dolobha yini, uthe: “Cha, lezi zinxanxathela zezitolo zabekwa laphaya ukuze zizothola abantu, nokubheka ukuthi abantu bahamba kanjani. Esikwenzile sihlaziye izinto eziningi, sabona ukuthi asengeze kokukhona, lezi zinxanxathela zezitolo zesekwe yilezi zinto esesihlose ukuzakha.”
Uthi uMsunduzi ube ngabokuqala kuHulumeni ukuba baqhamuke nohlelo lokuthi bazoyilawula kanjani le ndawo, okubala phakathi ukunqunywa kotshani, ukuyinakekela nabazophinda basebenzisane nabo, uhlelo lwentuthuko, kuphinde kubhekwe ukuthi uma bethola imali bazoyigcina kanjani indawo ingephephile.
USingh uthe okungalindeleka kuleli dolobha ukwakhiwa kwezindawo zokuhlala, kube nelokishi elibukekayo, kuqedwe imjondolo. “Siphinde safaka i-Information Communication & Technology (ICT) ezofaka yonke iMnyango kaHulumeni. iMeneja yedolobha isibhalele yonke iMnyango ukuba ithathe izikhala ezizoba khona kulesi sakhiwo, kanjalo neminye iminyango emqoka kaMasipala, okusho ukuthi uHulumeni uzoza ukuzolekelela abantu emphakathini wabo,” kusho uSingh.
Uthe ezinye zezizathu zokwakha leli dolobha ukuqeda ukungalingani emphakathini, kungahlale kwaziwa ukuthi abasezindaweni zabadla izambane likapondo banakho konke, inhloso ukuvala lelo gebe. “Okusasibambile okuncane ukuthenga omunye umhlaba ongaphansi komuntu ukuze lolu hlelo luqhubeke kahle, ngoba asikwazi ukwakha emhlabeni okungewona owethu,” usho kanje.
USingh uthe inhloso ukwelekelela abantu base-Edendale, kuphinde kunciphe abantu abaya edolobheni. “Kumele sikusho ukuthi leli dolobha elakhiwayo alilwisani nelikhulu kepha ukusondezela abantu base-Edendale njengoba nezindleko zempilo senyukile. Nemali yokugibela itekisi isingama-R30 ukuya nokubuya, okuyimali engalekelela abantu njengoba isimo somnotho singesihle, ekugcineni umphakathi uzobe udinga usizo.”