UMagashule emabhetshini ecaleni elisazoqala enkantolo



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Igama lakhe cishe yilo elenza kuphithizele izintatheli kanye nalabo abamesekayo nabangamuzwa kahle. Loyo nguMnu u-Elias Sekgobelo “Ace” Magashule onguNobhala Jikelele weqembu elibusayo kuleli. Lo mholi owake waba nguNdunankulu waseFree State ubhekene namacala abucayi kuye siqu kanye naseqenjini angumholi kulo.
Ngasohlangothini lweqembu leli cala lihlukanisa phakathi amalungu njengoba kukhona amesekayo namsolayo. Le nkinga ayikho kwelakubo kuphela kepha nakubo ubuholi bukazwelonke beqembu.
Ngaleli cala izinhlangothi zombili zenza okusemandleni ukuba okwenzakalayo kuvune bona. Kulabo abangamfuni leli cala wumkhonto ongaqeda ngaye ngoba uma limgojela uyoya ezikhindini abuye ehle esikhundleni.
Empeleni laba bathi kaphume kwamanje. Lo mkhankaso usuze wenabela nangaphandle kwenhlangano njengoba nezinye izinhlaka zomphakathi sezisho okufanayo. Laba bafaka ingcindezi yokuthi isivumelwano senhlangano sokuthi onecala kehle esikhundleni bathi asisebenze.
Kanti kulaba abamesekayo leli cala ngomunye wemigoga ebekelwe abanjengaye uMagashule. Labo okuthiwa balwela ukuba umnotho ube sezandleni zaboHlanga bathi uMagashule uyisisulu kumazondo abathile eqenjini nabadlelana nabadeshi.
Naye uMagashule usethe ne kuloyo owanguMengameli uZuma ngakho belu ngoba unethemba lokuthi izixuku lezo ezathwala uZuma naye ziyomthwala kulokhu. Leli cala libuya nje kuningi osekwenzekile kusuka ekuveleni kwemibiko eshayisanayo ngofakazi omqoka ose-United State of America nowayengumabhalane kaMagashule.
Ngesikhathi ihleli inkantolo ngokwedlule kwathiwa le ntokazi isingasohlangothini loMbuso njengofakazi. Kwathi kungakashoni ilanga kwavela ukuthi isishaye ungqimphothwe. Nokho uMbuso umile ekutheni ingufakazi wawo.
Abanye abathintekayo ngosomabhizini (osomathenda) okuvela ukuthi babedlulisa amavenge nakulo iqembu elibusayo nokwenza kube nombuzo ekutheni ngabe nalo iqembu kumele yini libe yingxenye yabamangalelwa.
Omunye nje usothenda uMnu uSodi kafihlanga ukuthi imali wayinika iqembu elibusayo nakhona ngoba kuliqembu lakhe. Nalo iqembu kaliphikanga ukuthi kukhona amavenge afika kulo njengomnikelo.
Enza isethulo sakhe kuKhomishini ephenya izinsolo zokugwamandwa kwamandla ombuso, usomabhizinisi, uSodi waveza ukuthi wanikela ngezigidi eziyisi-R6.5 enhlanganweni ngesikhathi sikaDkt uZweli Mkhize njengoMngcinimafa. Akagcinanga ngokunika uMkhize kepha nakuMnu uPaul Mashatile kuyavela ukuthi wanikela
NgokukaSodi lokhu akuyona inkohlakalo ngoba wabe enikela eqenjini lakhe. “Iqiniso lithi bekuzoba neminikelo evela kimina luqobo noma kwelinye lamabhizinisi ami. Angikuboni okungajwayelekile kulokho noma okuwumkhonyovu noma okuyinkohlakalo. Ngempela angiboni kanjalo. Ngaphandle uma kungavela mveli velayo isho okunye. Angikholwa ukuthi kukhona ubugebengu ekusekeleni iqembu ozikhethela lona,” kusho yena.
Akulindelekile ukuthi leli cala liqale kusasa njengoba kwabayi-16 abamangalelwe kusamele kwengezwe abanye kanjalo namacala. UMagashule ungaphandle ngebheyili kanti kusasa kulindeleke ukuthi abanye abathathu bacele ibheyili.
Okunye okulindelekile yizinhlangothi ezimbili kuyo inhlangano ezizobe zeseka nalezo eziphikisayo.