Now Reading
Awase-Europe asikaza ukuqhubulusha iRussia, kodwa…
Dark Light

Awase-Europe asikaza ukuqhubulusha iRussia, kodwa…

Inhlangano i-European Union (EU) iveze izindaba zokuthi izothintana ngevidiyo nabalingani bomgxeki omkhulu weRussia, uMnu u-Alexei Navalny. Kulokhu kuxhumana kuzophinde kube khona izithunywa zaseBritain, i-United States, iCanada kanye ne-Ukraine, ngemuva kokuthi iRussia ixoshe osomaqhinga bamazwe angaphansi kwale nhlangano ngesonto eledlule.  

Lo mhlangano kungenzeka uvule isithangami sokuqala samazwe asentshonalanga ukuthi abheke ukuthi iyiphi impendulo angayikhipha ngokuhlanganyela mayelana nokuboshwa kukaNavalny ngesonto eledlule kanye nokuxoshwa kwamalungu awo ngoLwesihlanu okwenzeke ngesikhathi uSomaqhinga Omkhulu wale nhlangano evakashele iMoscow.

Isikhulu senqubomngomo yangaphandle se-EU, uJosep Borrell, sithe sizwe ngokuxoshwa kosomaqhinga eGermany, ePoland kanye naseSweden ezinkundleni zokuxhumana sona sisezinxoxweni nomlingani waso waseRussia uSergei Lavrov.

Ukuxoshwa kosomaqhinga yiRussia nokunxusa kukaBorrell ukuthi kumiswe okungavunanga zithelo kanye nokwenqatshwa kwesicelo sakhe sokubona uNavalny kuqinise umbono wakhe wokuthi izwekazi i-Europe neRussia kuyaqhelelana. “IRussia iyaqhubeka nokuziqhelelanisa nezwekazi i-Europe futhi ibheka intando yeningi njengosongo olukhona,” kubhala uBorrell, ongumakadebona kasopolitiki waseSpain owayenethemba lokuthi ukuvakasha kwakhe kungase kulungise ubudlelwane phakathi kwaleli zwe nentshonalanga.  

“Sekuzofanele amalungu e-EU anqume ukuthi yiziphi izinyathelo ezilandelayo futhi lezo zinyathelo zingafaka phakathi izijeziso nonswinyo,” kuphetha uBorell.

Selokhu iRussia yathatha iCrimea e-Ukraine, ngoNdasa wezi-2014, iRusssia ingaphansi kwezijeziso zezomnotho zasentshonalanga, kanti neNATO isola iRussia ngokufuna ukudicilela phansi intshonalanga ngokusebenzisa imininingwane engekho emthethweni kanye nokusebenza ngezindlela ezingaziwa.

See Also

Kodwa intshonalanga isayidinga iRussia njengomhlinzeki wezamandla futhi njengezwe elinamandla kulesi sifunda kanye nokugcina isivumelwano senuzi sowezi-2015 ne-Iran kanye nokubhekana nokuguquka kwesimo sezulu.

Ngesonto eledlule amazwe iPoland, iLithuania, i-Estonia, iLatvia, iRomania kanye neCzech Republic anxuse ukuthi kukhishwe izijeziso ezintsha ezizobhekiswa eRussia kepha amazwe iGermany, i-Italy neFrance aphakamisa ukuthi iRussia inikwe isikhathi sokucabanga kabusha ngesinqumo sayo sokubopha uNavalny.  

Scroll To Top