Now Reading
Iyaqonga indlela eya okhethweni kuMengameli waseFrance
Dark Light

Iyaqonga indlela eya okhethweni kuMengameli waseFrance

NgoLwesibili, uHulumeni waseFrance umemezele ukuthi ngonyaka ozayo ngenyanga uMbasa leli lizwe liya okhethweni lukazwelonke. Lolu khetho luzokwehlukaniswa izikhawu ezimbili. Esokuqala sizoba zili-10 bese kuthi zingama-24 kube ngesesibili. OMengameli baseFrance bakhethwa okweminyaka eyisihlanu okhethweni lwemijikelezo emibili, kanti labo abazongenela amavoti amaningi emzuliswaneni wokuqala babhekane okwesibili. 

Ngesikhathi kuvotwa okokugcina ngowezi-2017, uMnu u-Emmanuel Macron waqumba phansi umholi uNkk uMarine Le Pen.  UMnu uMacron kulindeleke ukuthi angenele ihlandla lesibili, yize engakamemezeli ukuthi uzokwenza yini lokhu.  Mhla zizine kulenyanga uNkk uLe Pen waphinde waqokwa njengoMengameli weNational Rally (RN) kanti usekwethule ngokusemthethweni obekungumzamo wakhe wesithathu wokuphonsela inselelo iHhovisi likaMengameli.  Iqembu elijwayelekile ukuba libe ngelesithathu iLes Républicains (LR) lizomelwa yilowo owayenguNgqongqoshe Wezabasebenzi uMnu uXavier Bertrand. Kulindeleke ukuthi aphonsele uMacron inselelo yokuthola amavoti omengameli abasadla ngoludala.

Kunabantu abaningi abazama ukuphonsela inselelo lesi sikhundla okubalwa kubo nomholi weqembu elizigqatha ngenzolo nokucwasa amaSulumane uMnu uJean-Luc Melenchon omemezele ukuthi uzongenela ukhetho okungumzamo wesithathu wokuba ngumengameli. Bonke laba kulindeleke ukuthi basebenzele phezu kwazo zonke izidubedube ezenzekayo eFrance. Kuningi okwenzeka kuleli lizwe okumuphikayo umengameli uMacron okungabalwa kukho ukhetho loHulumeni lwasekhaya okubonakale iqembu lakhe lilahlekelwa inqwaba yezifunda, ukuntuleka kwamathuba omsebenzi kanye nomuthetho wokulawula izembatho zenkolo othathwa njengobandlulula abenkolo yobuSulumane. Kukhona konke lokhu kodwa okubonakala kumudlisela ogageni kakhulu ngokuthinta ukhuvethe nemithetho yokulilawula.

Leli lizwe like laba ngaphansi kwenkulu ingcindezi kuhlasela ukhuvethe okuze kwaphoqa ukuthi liqinise imithetho yemvalelwakhaya. Abaningi bawulandela futhi bawuhlonipha lo mthetho kodwa ngoMbasa kwaputshuka imibiko nemiqopho eveza ukuthi labo abasondelene noMengameli uMacron bayahlangana ezindaweni zokudlela nakuba lokhu kwakungavumelekile ngenxa yemithetho kahlalendlini.

UMengameli uMacron wenqaba waphetha ukulalela ingcindezi evela kubantu bakuleli lizwe ethi akaxoshe bonke ongqongqoshe abatholakale bephula umthetho kahlalendlini. Lokhu kwacasula inqwaba yabantu okwaholela ukuthi abanye babhikishele ukuvulwa kwezindawo zokudlela. Nebala le ngcindezi yazwela kuMengameli uMacron owabe esethambisa imithetho kahlalendlini. Leli lizwe lingelinye lalawo ahamba phambili ekugomeleni abantu ukhuvethe okuyikho okwalivumela ukuthi lithambise imithetho kahlalendlini.

Kodwa, ukubuya kabusha kwokhuvethe kuleli lizwe sekubangele ukuthi iphinde iqiniswe imithetho kahlalendlini okuyikho esekubangele ukuthi iqale phansi imibhikisho engasakhulumi kuphela ngokuxegiswa kwemithetho kahlalendlini kodwa esiphinde ikhulume ngokushenxa kukaMengameli uMacron. NgoLwesibili, amaphoyisa aseParis adubule isisi esikhalisa unyembezi futhi abopha ngesikhathi ezama ukuhlakaza ababhikishi, abaningi babo bengabaza ngemithi yokugoma. Laba bamasha kulo lonke elaseFrance ngenxa yemikhawulo emisha yokhuvethe nemithetho kahlala endlini. 

See Also

Eminye imibhikisho iqale ngoLwesithathu ekuseni eParis lapho khona uMengameli uMacron ebeyobuka umbukiso wamasosha waminyaka yonke wombukiso wendabuko weBastille Day. Le mibhikisho iqhubeke ngoLwesithathu ebusuku okuze kube namhlanje.

Ababhikishi, abajabule ngesinqumo esimenyezelwe ngoMsombuluko sokuphoqa abasebenzi bezempilo ukuthi bagonywe nokuthi abantu bakhombise umazisi wokugoma wokungena ezindaweni eziningi zomphakathi. Labo abangagonyiwe kuzodingeka bakhombise imiphumela yokuhlolwa.  Ekuqaleni kwalolu bhubhane, iFrance yayinezinga eliphakeme kakhulu lokungabaza imijovo emazweni athuthukile. 

NgoZibandlela wanyakenye, ucwaningo olwenziwa yiqembu lokuvota i-Odoxa nephephandaba iLe Figaro, lwabonisa ukuthi amaphesenti angama-42 kuphela abantu baseFrance abafuna ukugonywa.

Scroll To Top