Isikhathi sokushaya ilabani kuBoris Johnson
UShozi yisifundiswa nombhali wezindaba zesimomazwe, wenza iqhuzu lePHD.
Zingama-24 kuNtulikazi wezi-2019 uMnu uBoris Johnson waqokwa njengoNdunankulu weBritain. Kulokhu kuqokwa baningi ababebungabaza ubuholi bukaJohnson. Ikakhulukazi ngoba kwakuyisikhathi lapho iBritain izama ukwehlukanisa nenhlangano yamazwe ase-Europe i-European Union (EU). Lesi sehlukaniso saba ngesinzima kakhulu saze saxoshisa uNkk uTheresa May kwesobuNdunakulu zingama-24 kuNtulikazi kowezi-2019.
Okwamdonsela emnyango lo Ndunankulu kwaba ukwehluleka kwakhe ukuqhamuka nesehlukaniso esizogculisa iPhalamende laseBritain kanye nobuholi be-EU.
Imilomo yayivunana ukuthi uJohnson uzophuma ngendlela efanayo noNkk uMay. Zingama-30 kuZibandlela wanyakenye uJohnson umangaze abaningi esayinda isivumelwano sokuhwebelana nokusebenzisana noSihlalo we-EU, uNkk u-Ursula von der Leyen, ukuqinisekisa isehlukaniso. Nakuba le mpumelelo iyichashaza elihle kuJohnson kodwa ziningi izivivinyo ezifike nayo.
Izivivinyo kulo mholi zifaka iScotland efuna ukuhlubuka kuBritain, ingcindezi yezomnotho efika neBrexit, iziqhingi iBritain eyaziqhwaga kwamanye amazwe ikakhulukazi iFalklands, ukhuvethe kanye nokwakha ubudlelwano ne-United States of America (USA).
IScotland ingelinye lamazwe amane akha iBritain amanye okuyiWales, i-England neNorthern Ireland. Leli lizwe lalingahambisani nokuhoxa ku-EU. Lokhu kungahambisani nalesi sinqumo yikho okuyimbangela yemizamo yokuhlubuka kulandela iBrexit.
Zingama-28 uJohnson uvakashela leli lizwe ezama ukunqanda lokhu kukhuluma. Ukuhlubuka kweScotland kuyosho ukuncipha komhlaba nomnotho weBritain okungangabazeki ukuthi kuyobe sekuwukuphuma kwakhe uJohnson kwesobuNdunankulu nokuyinto eyoba ichashaza elibi. Kule nkinga uJohnson useqalile usebenzisa umgomo wokhuvethe i-Oxford-AstraZeneca kulandela ukwehluleka kwe-EU ukuhlinzeka amalungu ayo.
Ngonyaka ophelile kwabonaka uJohnson ezama kakhulu ukuziqhelelanisa nokumataniswa noTrump. UTrump wenza ubudlelwano be-USA ne-EU bube muncu kulandela ukuzama ukuyisebenzisa ukucindezela iRussia ngokuyisabisa ngonswinyomnotho nokuhoxa esivumelwaneni sokuvikelana iNorth Atlantic Treaty Organization (NATO) kanye nokuyiqhelelanisa ne-Iran.
I-EU yenqaba ukukhethelwa abangani yaziphendulela ngokuhlela ukwakha eyawo umbutho wezempi ozovikela amalungu ayo. Ukungahoshelani nokungathembani kwalezi zinhlaka kungase kube into enhle kuBritain kulandela iBrexit kanti kuzodingeka ubuchule nobuqhalaqhala kuJohnson ukuze kwenzeke ngendlela engeke ikhuphule amaphaphu ku-EU.
Abantu baseBritain abakakukhohlwa ukuthi i-USA yabasebenzisa ukuhlasela i-Iraq ngowezi-2003 nokuyinto esiyichashaza elingasuki emlandweni wakuleli lizwe. IBrexit iyiqalise phansi eyeFalklands. Lesi siqhingi iBritain isibanga ne-Argentina kusukela ngowe-1982.
Ngowezi-2013 abantu bakulesi siqhingi bavotela ukuhlotshaniswa neBritain ngaphezu kwe-Argentina. Kodwa lokho akuyidikibalisi i-Argentina ekuzameni ukusibuyisela ezandleni zayo lesi siqhingi.
Ngokwalesi sivumelwano, lesi siqhingi sasingaphansi kwesandla se-EU okungakho uma sekukhona isehlukaniso kulezi zinhlaka i-Argentina yabona ithuba. Ukulahleka kwalesi siqhingi kungavula umgodi wezibonkolo eBritain kwazise ziningi iziqhingi eyazigwamanda ezisengaphansi kwayo.

