Now Reading
Amasosha abonga uMhlonishwa uSisulu
Dark Light

Amasosha abonga uMhlonishwa uSisulu

Emveni kweminyaka eminingi kudonsiswana phakathi kukaHulumeni kanye nababengamasosha oMkhonto Wesizwe (MKV), ngoMsombuluko aze aqala abona ukukhanya. Lokhu kulandela emveni kokuba uNgqongqoshe Wezamanzi Nokuhlaliswa Kwabantu, uNkk uLindiwe Sisulu, evakashele la masosha eMsunduzi. Eminyakeni emithathu eyedlule amasosha angena emafulethini e-Aloe Ridge ngodli ekhala ngokuthi izethembiso athenjiswa zona azikafezwa kusukela kusenguMengameli wokuqala wentando yeningi uNelson Mandela.

La mafulethi akhelwe ukwenzela uHulumeni imali, lisebenze sakuba ibhizinisi. Kulo mhlangano bekukhona amasosha, uSomlomo woMsunduzi iKhansela u-Eunice uKaMajola Zondi, uNgqongqoshe uLindiwe Sisulu kanye noMphathiswa woMnyango Wezokuhlaliswa Kwabantu esifundazweni iKwaZulu Natal, uNkk uPeggy Nkonyeni. 

Uqala umhlangano uNkonyeni edweba isithombe ngalolu daba uthe: “Sizamile ukuxoxisana namacomrades (amasosha) ngezindlu ezise-Aloe Ridge, bekhala ngezindlu abathenjiswa zona eminyakeni engama-26 eyedlule. Ngakho uma bebona izindlu zivulwa iloyo owayenguMengameli uJacob Zuma babona ukuthi kusho ukuthi izindlu zikaHulumeni lezo. 

Kuhambe kwahamba kwafuna ukuba kuyiwe ezinkantolo ukuze bakhishwe laphaya. Ngiyaziswa ukuthi kunabanye abantu abahleli laphaya abangasiwona amasosha. Sesiqoke ezinye izindawo lapho sithi bazokwakhelwa khona izindlu zabo. Asiyidlanga thina imali yabo ikhona, ngiyajabula ukuthi ukhona Ngqongqoshe ukuzoxazulula.” 

UMnu uThemba Mavundla uqale wazichaza ukuthi ungubani nokuthi uvelaphi noMkhonto Wesizwe. Uthe waqeqeshwa e-Ethiopia ngowe-1985, wajutshwa ukuyosebenza e-Angola, iseTanzania, ezwekazini i-Europe kanye nasemazwe amaningi aseMpumalanga ye-Afrika. Uthi wabuya kuleli ngowe-1994 emveni kokuba sekunenkululeko akazange walubona ukhetho lokuqala ngenxa yomzabalazo ababewuqhuba.

Esengena endabeni uMavundla uthe: “Angiqale ngisho Ngqongqoshe ukuthi nisihlukumeze kakhulu, uthi uyafika ubuye uhlehlise. Lolu daba lwezindlu into eyathenjiswa kithina ngabaholi uMandela, uMama uWinnie kanye noMengameli uCyril Ramaphosa.” 

“Siyazifuna izindlu, kahle kahle besesihlele ukuthi indoda nendoda ne-AK yayo iyongena epulazini imudle ngentshibhobho imgqibe ithathe ipulazi. Lelo kwakuli cebo lethu. Sasingeke sicele izindlu. Kodwa ngoba ubuholi bathi singasebenzisi amandla sehla.” 

Uthe ngowezi-2004 uMnu uMike Mabuyakhulu esanguMphathiswa woMnyango Wezokuhlaliswa Kwabantu wazakha izindlu KwaMashu kepha zazingabafanele. Wazakha engabathintanga, babe sebeqhamuka nesiqubulo esithi; ‘Akukho okungathi ngaphandle kwethu’. 

Uthe bayazifuna izindlu kepha bafuna namathuba amabhizinisi, ngakho bazozakhela izindlu zabo. Uqhube wathi bayakha indlu ebafanele eNgwavuma beyakhela elinye isosha uNtuli. Uthi baya nohlelosakhiwo engqungqutheleni yeMKVA ngowezi-2012 beyokwethula indlu ababona ukuthi ibafanele bona beyiKwaZulu-Natal. 

Uthe abafuni indlu etheni bafuna enamakamelo okulala ama-3, ikhishi kanye nendawo yokuhlala.

See Also

“Emveni kokuba sewuphumile zaguquka izinto, omasipala, amakhansela ajutshwa i-ANC okubala uMasipala uMsunduzi, bahlala bavumelana ukuthi abazokunika amasosha umhlaba ngoba nanifuna ukusinika imali. Amakhansela e-ANC eMsunduzi avotela ukuba singanikezwa umhlaba khona bezokwakha izindlu zabo. KwakuyiseMsunduzi kuphela ngenxa yokuthi sasesithe ‘akukho okungathi ngaphandle kwethu’, ingoba babefuna ukuzuza, siyazibhalisa izinkampani kepha zingawutholi umsebenzi. Ngiyezwa ukuthi kunezinkampani eseniziqokile ukuthi zisosakhela izindlu lokho ngeke kwenzeke, ngiyafunga ngiyagomela. Isizathu singakwazi ukwakha lezi zindlu yingoba bale nomhlaba!” 

Esesonga lo mhlangano uNgqongqoshe uSisulu uthe: “Ngasungula iNational Response Task Team ngoba ngangifuna ibhekane nezinkinga zamasosha. Sonke sinemivimbo njengoba sasingamasosha mina ngabuya noCde uZuma.” 

Ube esenza amancoko ukuthi nokho noma kade elokhu ehlehlisa bekunezinto ezimbambayo njengoba manje uMengameli ebabizile wathi abantu bayakhuluma ngaphandle kwavunyelwana ukuthi kumele kuqale ongqongqoshe uma sekugonyelwa ukhuvethe. 

Esengena esixazululweni uthe: “Ngizonikhokhela imali yerenti kusuka manje njengoba ningayikhokhi, kuze kuphele izindlu zenu, nizozakhela izindlu zenu. Ngiyanikweleta izindlu, ngenxa yalokhu enakwenzela izizukulwane zakuleli lizwe. Sinawo umhlaba, sinayo imali, nakhe izindlu zenu. Imali eniyikweletayo sizoyixoxa noNgqongqoshe wenu wamasosha ukuthi uyikhokha kanjani. Ngininika inyanga eyodwa ukuthi nikhiphe labo ndlavini enabafaka.”

UMavundla ephendula esicelweni uthe bangabakhipha nakusasa kuphela babalanda ngoba befuna ukuzwakala. 

Scroll To Top