Ayikayikhulumi eyesivumelwano senuzi i-Iran



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
UMnyango Wezangaphandle e-Iran ngeledlule unqabe izingxoxo ezintsha noma izinguquko esivumelwaneni senuzi saseTehran kanye namanye amazwe omhlaba, ngemuva kokuthi uMengameli waseFrance u-Emmanuel Macron ethe izingxoxo ezintsha kufanele zifike phakathi neSaudi Arabia.
“Isivumelwano senuzi yisivumelwano samazwe omhlaba esiqinisekiswa umkhandlu i-UN Security Council Resolution 2231, esingaxoxisi futhi amaqembu aleso sivumelwano abekiwe ngokucacile futhi awaguquki,” lokhu kushiwo okhulumela uMnyango Wezangaphandle wase-Iran ngesikhathi ekhuluma emsakazweni wezwe.
I-Iran yaqala ukwephula lesi sivumelwano ngokwandisa uhlelo lwayo lwe-ureniyamu ngemuva kokuthi i-United States of America (USA) yakhetha ukuphuma esivumelwaneni ngonyaka wezi-2018 ngaphansi kombuso kaTrump owafaka unswinyo eTehran.
Umbuso kaMengameli wase-USA omusha, uJoe Biden, uthe uhlela ukubuyela kulesi sivumelwano uma i-Iran iqala kabusha ilandela yonke imigomo yesivumelwano ngokuphelele.
ISaudi Arabia kanye nomlingani wayo i-United Arab Emirates amazwe akuGulf ama-Arab kufanele afakwe kulezi zingxoxo, abathi futhi kufanele zifake phakathi uhlelo lwemicibisholomlilo yase-Iran kanye nokwesekela kwayo amaphekula eMiddle East.
Enkulumweni yakhe uMacron ugcizelele kakhulu ukuthi kuzanywe ngazo zonke izindlela ukuvimba lokhu akubize ngephutha lokuvalela amanye amazwe ngaphandle akuso lesi sifunda esivumelwaneni esamukelwa ngonyaka wezi-2015.
ISaudi Arabia, esempini eqhubekayo ne-Iran kubangwa umhlaba okubalwa oseYemen, ibiseka umkhankaso kaTrump wokucindezela i-Iran ngakho konke.
UMacron uthe izingxoxo zenuzi ne-Iran zizobe ziqinile kakhulu futhi sincane isikhathi esikhona sokuvimbela ukuthi i-Iran ibe nesikhali senuzi.
UKhatibzadeh (osesithombeni)uthe uMacron kufanele akhombise “ukuzithiba”. “Uma iziphathimandla zaseFrance zikhathazekile ngokudayiswa kwezikhali ePersian Gulf Arab States, kuzofanele zibuyekeze inqubo yazo, izikhali eziphuma eFrance kanye namanye amazwe aseNtshonalanga zidala izibhicongo zezinkulungwane zabantu baseYemen, futhi ziyisikhali esikhulu esidala ukungazinzi kulesi sifunda,” kusho uKhatibzadeh.