Now Reading
Isimo soBukhosi sibhincisela nxanye uNdunankulu waseThailand
Dark Light

Isimo soBukhosi sibhincisela nxanye uNdunankulu waseThailand

Ababhikishi baseThailand ngesonto eledlule baphonsele inselelo ukulawula kweNkosi yakhona uMaha Vajiralongkorn kwezinye izingxenye zamasosha endimeni eklanywa umkhosi wezempi kwezepoltiki.  

Lokhu kuphikiswa koBukhosi okusobala kwakamuva okwenziwe ngababhikishi abenza okungajwayelekile ukugxeka uBukhosi ezweni lapho buhlonishwa khona ngokomthetho ngemvume yomthethosisekelo wezwe okuvimbayo ukubugxeka.

Izinkulungwane zababhikishi zimashe zaya e-11th Infantry Regiment, eyodwa kwamabili yawo eyabekwa ngaphansi kwesandla seNkosi ngonyaka wezi-2019.

“Amabutho kufanele kube ngawabantu hhayi awenkosi,” kusho uParit “Penguin” Chiwarak ngesikhathi ekhuluma nabezindaba.

“Ohlelweni lwentando yeningi iNkosi ayinawo amandla okulawula ezombutho,” kugcizelela uChiwarak.

Ababhikishi basola uBukhosi ngokunika amandla amaningi ezombutho zaleli lizwe.

UParit ungomunye wabaholi bababhikishi okuvele ukuthi babhekene necala lokwephula umthetho wokungathukwa koBukhosi ngemuva kwezinkulumo zakhe eziningi azenze emibuthanweni.

Imibhikisho yaqala ngenyanga kaNtulikazi ifuna ukuthi uNdunankulu waleli lizwe uPrayuth Chan-ocha,  owayengumholi wamasosha aphume esikhundleni, kanye nomthethosisekelo omusha, kepha manje ababhikishi sebefuna nokuthi kuncishiswe amandla oBukhosi kuleli zwe.

See Also

UMnyango Wezangaphandle kuleli lizwe esitatimendeni osikhiphile uthe leli lizwe liyayilandela imithetho ebekiwe kepha futhi nelungelo lokuzikhulumela kumele ligcine ngaphakathi kwalowo mthetho.

“Kuzo zonke izimo lapho kwephulwa khona imithetho, izikhulu zithatha izinyathelo ngokulandela ngokuqinile inqubo efanele yezomthetho ngaphandle kokubandlululo,” kusho uMnyango.

UNdunankulu waleli lizwe uPrayuth uthe akavumelani nezimfuno zababhikishi zokuthi aphume esikhundleni futhi waphikisana nezinsolo zabo ezithi kukhona akwenza okhethweni lwangonyaka odlule okwakuqinisekisa ukuthi kaphumi esikhundleni. Kuzokhumbuleka ukuthi wangena kulesi sikhundla ngonyaka wezi-2014.

Isigodlo saseBukhosini sona  selokhu kwaqala imibhikisho siyanqaba ukuphawula kepha iNkosi yaleli zwe isike yasho yathi ngaphandle kwezenzo zabo ababhikishi bayathandwa “ngokufanayo”.  

Scroll To Top