Wenze obekulindelwe uRamaphosa e-Afrika



UShozi yisifundiswa nombhali wezindaba zesimomazwe, wenza iqhuzu lePHD.
Ngokwemigomo yenhlangano yamazwe ase-Afrika i-African Union (AU), uSihlalo uhlala unyaka owodwa bese eyaphuma. Lokhu kusho ukuthi lo nyaka ungowokugcina kuMengameli waseNingizimu Afrika uCyril Ramaphosa. Kwavunyelwana kule nhlangano ukuthi ozolandela nguMengameli waseDemocratic Republic of Congo (DRC) uMnu uFelix Tshisekedi.
URamaphosa ungene kulesi sikhundla abezindaba bemthwelwe ngeqoma njengozobuyisa isigqi aphinde akhuculule le nhlangano ewunembeza we-Afrika. Leli zwekazi lisabhekene nenkinga endala yedemokhrasi. Kunabaholi namaqembu ezepolitiki aqhoqhobele amandla ombuso ngokwesabisa nokushaya indiva imithethosisekelo. Lokhu kuyabonakala e-Uganda, eSudan, eSouth Sudan, eMali, eRwanda, eCentral African Republic, eChad, e-Equatorial Guinea, eDjibouti, e-Eritrea, e-Algeria, e-Egypt, eLibya, naseCameroon. Kamuva kubonakala kubuya ukuketulwa kohulumeni bentando yeningi wumbutho wezempi emazweni afana neMali neSudan. I-Uganda ibibhekene nesimo esejwayelekile njengoba bekuyinyanga yokhetho. Umkhankaso wokhetho wadala ukukhombana ngeminwe phakathi kweqembu likaMnu uRobert Ssentamu weqembu iNational Unity Platform neqembu elibusayo iNational Resistance Movement likaMengameli uYoweri Museveni osekuholele ekutheni uSsentamu aboshwe izikhawu eziningi. Njengoba bekulindelekile, iqembu likaMuseveni lidle umhlanganiso kulolu khetho.
NgoNcwaba wanyakenye uMengameli waseMali wagudluzwa ngesankahlu umbutho wezempi okusenguwo osembusweni nanamuhla. Okufanayo kwenzekile ngowezi-2019 eSudan. Kunokukhala kwabaningi kokuthi uRamaphosa njengoSihlalo we-AU uyayishalazela eyokushaywa indiva kwedemokhrasi e-Afrika. Lokhu kukhala kuvela kakhulu kulowo owayengumholi weqembu eliphikisayo iDemocratic Alliance (DA), uMnu uMmusi Maimane, osengumholi wenhlangano i-One South Africa (OSA). Lo mholi unomlando wokuveza ukungenami kwakhe ngokudembesela kwe-AU ezindabeni ezithinta idemokhrasi e-Afrika. Kowezi-2016 lo mholi wagxeka kakhulu umkhankaso wamanye amazwe ase-Afrika wokuhoxisa ubulungu eNkantolo yamazwe omhlaba, i-International Criminal Court (ICC), ethi ukuhoxa kule Nkantolo kuzobhebhethekisa inkinga yokushaywa indiva kwedemokhrasi. NgoNhlaba wezi-2016 uHulumeni waseZambia wahoxisa okwesikhashana imvume yakhe yokuyivakashela imsola ngokugxambukela ezindabeni zayo.
Ukuphoxeka kukaMaimane nabathize ngokuba nesandla esithambile sikaRamaphosa e-Afrika yinto okungafanele engabe iyethusa ngoba uvele wenza okwakulindeleke ukuthi akwenze ngesikhathi engena ku-AU njengoSihlalo. Ngokomlando wosihlalo be-AU, akekho oke akhulume into ekhomba ukusola elinye lamalungu ale nhlangano. Lokhu kugcizelelwa nawukuthi imvamisa osihlalo bale nhlangano kuba ngabantu vele ubuholi babo emazweni abo buphambene nenqubo yedemokhrasi. URamaphosa ungene emva kukaMengameli wase-Egypt u-Abdel Fattah el-Sisi owangena ngamandla ombutho wezempi ngowezi-2014 naye owalandela uMengameli waseRwanda uPaul Kagame oseneminyaka engama-21 kwesobuMengameli. Abanye osihlalo bale nhlangano kwaba nguMengameli waseChad u-Idriss Déby oneminyaka engama-31 kwesobumengameli, ngowayenguMengameli uRobert Mugabe owayesehlale iminyaka eyevile kwengama-30 kwesobumengameli kanye nabanye abaningi. Bekubalulekile ukuthi uRamaphosa asiphathe ngobunono esokuba ngusihlalo alandele usiko lokuthula elibusayo ku-AU. Kowezi-2019 uRamaphosa kanye noHulumeni we-African National Congress (ANC) wake wazama ukusabisa ngokungasisayindi isivumelwano sokuhwebelana i-African Continental Free Trade Agreement (AfCFTA) okuyinto agcina egobe uphondo kuyo emuva kokuthi amalungu e-AU ekhombise ukuthi azoyikhipha inyumbazane iNingizimu Afrika kanti futhi awayincengile ngoba ivele ikhona iNigeria okuyiyo ekhonyayo kwezomnotho e-Afrika. Iphutha elifanayo ubengeke aliphinda uRamaphosa ngoba kwamucacela ukuthi isigqi seNingizimu Afrika e-Afrika kasisafani nakuqala. Okunye, ngaphandle kokuba nguMengameli weNingizimu Afrika uRamaphosa ungusomabhizinisi.
Ngakhoke ukunuka amanye amalungu e-AU ukungayihloniphi inqubo yedemokhrasi kungamdonsela amanzi ngomsele kwazise amabhizinisi akhe agxile kakhulu kwezimbiwa phansi okuwumkhakha ohamba phambili eningini lamazwe anenkinga yedemokhrasi.
Konke lokhu kumenza uRamaphosa angakwazi ukwethula ngisho umyalezo ocacile ngempendulo ye-Afrika kuKhuvethe ngoba akazi ukuthi lokhu kungahlala kanjani kozakwabo. Lokhu kuyavela emudonsiswaneni wakamuva ophakathi kwe-ANC neZanu-PF othinta umzila phakathi kweNingizimu Afrika neZimbabwe iBeitbridge Border lapho khona abathize kuZanu-PF besola uHulumeni weNingizimu Afrika ngesiminyaminya ebesikhona kulo mzila. Ebuzwa uRamaphosa ngamazwi ayiziswana alawa malungu akafunanga ukucacisa ngemizwa yakhe izizathu okungaba zithinta yena njengosomabhizinisi okanye ukubaluleka kweZimbabwe neZanu-PF kusigqi seNingizimu Afrika kuSouthern African Development Community (SADC) ne-AU.
Nasembangweni wokuncela umfula iNile ophakathi kwe-Egypt, iSudan ne-Ethiopia bekuvele kulindelekile ukuthi uRamaphosa awushaye indiva ngoba iNingizimu Afrika ingase ithole amachaphazelo empi ethinta i-USA. I-Egypt inobudlelwano obuhle ne-USA okungangokuthi kukhona konke lokhu i-USA ehlezi ihlulela amanye amazwe ngakho i-Egypt ekwenzayo ikushaye indiva.
Okungakho uma i-Egypt neSudan bethi alingavulwa idamu lase-Ethopia iGrand Ethiopian Renaissance ezoncela umfula iNile okwedlula bona kuyinto ebukhuni kuRamaphosa ukuthi angathatha isinqumo esingeke saba namthelela omubi kuye naseNingizimu Afrika kwezokuhwebelana nokudlelandawonye.
Ngokomuntu oyiqondayo ipolitiki ye-AU namalungu ayo, uRamaphosa wenze khona impela ebekufuneka akwenze. Kodwa, ngokomuntu onentshisekela yokubona izinguquko ezinqala ku-AU uRamaphosa kufana nokuthi akaze aqale ukuba nguSihlalo wale nhlangano. Okubalulekile ukuthi kwaziwe ukuthi uRamaphosa njengoSihlalo we-AU akanawo amandla okulawula amazwe angaphansi kwale nhlangano. Wonke lawa mazwe anelungelo eligcwele lokuzilawula.