Now Reading
Ukulandelelwa kwezimangalo zikaTrump kwelokhetho
Dark Light

Ukulandelelwa kwezimangalo zikaTrump kwelokhetho

Sekuvela imibiko ethi uMnu uDonald Trump owayenguMengameli wase-United States of America (USA) wayesecabanga ukukhipha esikhundleni ummeli jikelele osabambile ngesikhulu esizimisele ukulandela izimangalo zakhe ezingenabufakazi zokukhwatshaniswa kokhetho. 

Ngokubika kwephephabhuku iWall Street ngeledlule, kuthiwa wabe esecindezela uMnyango Wezobulungiswa ukuba ucele iNkantolo Enkulu ukuthi ichithe ukunqoba kukaMengameli uJoe Biden. 

Licaphuna abantu abanolwazi ngalolu daba, leli phephabhuku lithe imizamo ngamasonto okugcina ombuso kaTrump yehluleka ngenxa yokungemukelwa abantu ababesezikhundleni zobulungiswa ababenqaba ukufaka lokho abakubheka njengecala elingenasisekelo ngokusemthethweni eNkantolo Enkulu.

Ezinye izikhulu eziphezulu zalo Mnyango zasongela uTrump ngokwesula ezikhundleni uma esusa esikhundleni ummeli jikelele obambile, uMnu uJeffrey Rosen, lokhu kushiwo ngabathile abasondelene nalo lolu daba. UMnyango Wezobulungiswa wona awusheshanga waphendula ngalolu daba kwabezindaba.

Izikhulu eziphezulu okubalwa phakathi loyo owayengummeli jikelele uMnu uWilliam Barr kanye noMnu uJeffrey Wall banqaba ukuhambisa icala lokukhwabanisa eNkantolo Enkulu bephetha ngokuthi besingekho isisekelo sokuphonsela inselelo umphumela wokhetho kanti nombuso wezwe wawungenandaba nokuthi ngubani onqoba ukhetho phakathi kukaTrump noBiden, kusho eminye imbhalo eshicilelwe ephephabhukwini.

Ummeli wangalesiya sikhathi weWhite House, uMnu uPat Cipollone kanye nesekela lakhe uMnu uPatrick Philbin, nabo baphikisana nombono kaTrump owawukhuthazwa ngabameli bakhe bangaphandle.

Ngemuva kokuthi icebo lakhe lokuya Enkantolo Enkulu lehlulekile uTrump kuvela ukuthi wacabanga ukukhipha esikhundleni uRosen afake uMnu uJeffrey Clark esikhundleni sakhe. Kuzokhumbuleka ukuthi uClark  ungumlingani kaTrump owayesekuvezile ukuthi uzimisele ukusebenzisa amandla oMnyango ukusiza uTrump aqhubeke nempi yakhe yezomthetho eyayingaphumeleli lapho ephikisana khona nemiphumela yokhetho.  

Kuvela ukuthi uTrump wabuye wahlehla kulelo cebo lokuxosha ummeli jikelele ngemuva kokuthi izikhulu eziphezulu zimsongele ngokwesula ezikhundleni zazo. Lolu daba lokuxoshwa kukaRosen lwaqala lwashicilelwa yiphephandaba i-New York Times.

See Also

Umeluleki kaTrump okwathiwa makaphawule ngale mibiko wathi lona owayenguMengameli wase-USA “ube lokhu ephakamisa ukuthi uhlelo lwethu lwezobulungiswa kufanele luphenye ubugebengu obukhulukazi obudlangile bokhetho olukhungethe uhlelo lwethu iminyaka.”

Abeqembu lamaDemocrats bacasuke kakhulu ngale mibiko lapho kubonakale uMnu uRichard Durbin, onguSihlalo omusha wekomidi lezobulungiswa ebeka ukuthi bazoluphenya lolu daba lokusetshenziswa koMnyango Wezobulungiswa ukuze kuqhutshekwe nemizamo kaTrump yokuchitha imiphumela yokhetho.

Kuzokhumbuleka ukuthi izimangalo zikaTrump ezingapheli futhi ezingenasisekelo zokukhwatshaniswa kokhetho nokwenqaba kwakhe ukwamukela ukunqoba kukaBiden kwaholela ekutheni uTrump anxuse abalandeli bakhe ngoMasingana ziyisithupha ukuba bayobhikisha enhlokodolobha yezwe, bebhikishela ukwamukelwa komphumela wokhetho ngokusemthethweni, lo mbhikisho waholela ekufeni kwabantu abahlanu okubalwa phakathi nephoyisa lasenhlokodolobha.

Scroll To Top