Kuthunyelwe umthwalo womgomo waseRussia eMexico
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Kulandela ukuthintana ngocingo noMengameli waseRussia uVladimir Putin ngoMsombuluko, uMengameli waseMexico ubonge ukuthunyelwa komuthi womgomo wokhuvethe waseRussia iSputnik V oyizigidi ezingama-22 ukuze usatshalaliswe kuleli lizwe ezinyangeni ezimbili ezizayo.
UMengameli u-Andres Manuel Lopez Obrador (osesithombeni), ngeledlule ubike ukuthi unokhuvethe noma kunjalo waluthatha ucingo oluvela kuPutin.
Enkundleni yokuxhumana uTwitter u-Obrador ubike ukuthi ngesikhathi esocingweni noPutin ummemile ukuthi avakashele iMexico. Ngawo uMsombuluko uNgqongqoshe Wezangaphandle eMexico uthe lokhu kuxhumana ngocingo kwalezi zikhulu zombuso kusho ukuthi iziphathimandla zaseMexico zezempilo zinokwesekwa okuqhamuka eRussia mayelana nokulethwa kwemithi yokugoma.
Abasizi baka-Obrador abaphezulu bathe lo Mengameli oneminyaka yobudala engama-67 ubezizwa engconywana kuqala leli sonto njengoba eqhubeka nokuhola leli zwe esigodlweni sezwe.
UMengameli u-Obrador ubike ukuthi unokhuvethe ngesonto eledlule ngesikathi leli zwe lisesigabeni esinzima kakhulu njengoba izibalo zabantu ababulawa ukhuvethe zikhula kakhulu. Lolu bhubhane lugqilaze kakhulu uhlelo lwezempilo lwaseMexico.
UMengameli u-Obrador owayeyixhwele ngaphambi kokuthi ahlaselwe isifo senhliziyo ngonyaka wezi-2013, enkundleni yokuxhumana uTwitter uthe izimpawu zakhe azithusi kakhulu futhi uyakuthola ukwelashwa. “Njengenjwayelo ngihlezi nginethemba,“ kusho u- Obrador, obegoloza ukugqoka isifonyo kusukela ukhuvethe lwahlasela kuleli lizwe ezinyangeni eziyishumi ezedlule.
U-Obrador osanda kubuya eMexico City ngemuva kohambo lwakhe lwezinsuku ezintathu lwasenyakatho kanye nasenkabeni yezwe, uthe uzoqhubeka nokusebenza kanye nokuhlela noMengameli uPutin.
Kepha lo makadebona uzobuyela emuva esimisweni sakhe esejwayelekile sokuxhumana nomphakathi esilawule kakhulu impilo yezombusazwe yakuleli zwe selokhu aqala ukungena esihlalweni sobuMengameli ngoZibandlela wezi-2018.