Iqinisa unswinyo i-USA kwezokundiza nezombutho zaseChina



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
UHulumeni kaTrump sekuseduze ukuthi umemezele ukuthi i-Aerospace yaseChina kanye nezinye izinkampani zakuleli lizwe banobudlelwano nezombutho, lokhu kuzochaza ukuthi lezi zinkampani zizovinjelwa ukuthenga izimpahla kanye nobuchwepheshe base-USA. Lokhu kuveze uhlu olutholwe ngabezindaba kodwa olungakaqinisekiswa.
Uma lolu hlu luqinisekiswa lokhu kungakhuphula ukungezwani kwezohwebo neBeijing, inhlokodolobha yaseChina, futhi kulimaze izinkampani zase-USA ezithengisa izingxenye zezindiza zomphakathi eChina kanye nezinye izimboni.
Okhulumela uMnyango Wezohwebo e-USA okuyiwo obhale lolu hlu unqabile ukuphawula ngalolu daba.
Ekhuluma eBeijing okhulumela uNgqongqoshe Wezangaphandle eChina uZhao Lijian uthe: “SiyiChina siyaphikisana nalokhu kucindezelwa kwezinkampani zaseChina yi-USA, lokhu okwenziwa yileli lizwe kuphula kakhulu umthetho wokuncintisana kwezimakethe kanye nezinkambiso zamazwe omhlaba zokuhweba nokutshalwa kwezimali i-USA ehlezi ithi iyakugcina futhi iyakuhlonipha.”
Izinkampani zaseChina bezilokhu zisebenza ngokuhambisana nomthetho futhi zilandela ngokuqinile imithetho nezimiso zemithetho yamazwe ezisebenza kuwo, kufaka phakathi ne-USA.
ObenguMengameli wase-USA uDonald Trump uqinise izenzo zakhe ezinyangeni ezedlule eziqondiswe kuChina, njengoba ezinsukwini eziyishumi ezedlule, wethule umyalo omkhulu owenqabela ukutshalwa kwezimali kwe-USA ezinkampanini zaseChina umbuso wakhe obuzibona ukuthi ziphethwe ngezombutho waseChina.
Uhlu lolu okulindwe ukuthi luqinisekiswe luza ngemuva kokuthi uMnyango Wezohwebo unwebe incazelo ethi “military end user” ngenyanga kaMbasa. Lo mthetho wangoMbasa awubandakanyi kuphela ukuhlinzekwa ngezikhali kanye namaphoyisa ezwe, kepha nanoma yimuphi umuntu noma inhlangano esekela noma enikela ekunakekelweni nasekukhiqizweni kwezinto zombutho, noma ngabe ibhizinisi labo ngokusebenza aligxilile kwezombutho.
Izindaba zalolu hlu ziqhamuke ngesikhathi esinzima embonini yezokundiza zase-USA njengoba inkampani iBoeing ifuna ukuvunyelwa yiChina ngebhanoyi labo i-737 MAX ngemuva kokuthi lamukelwe ngabalawuli base-USA. Okhulumela le nkampani unqabile ukuphawula ngalolu daba.