Now Reading
Abalandeli bakaNavalny bazilungiselela ukubhikisha
Dark Light

Abalandeli bakaNavalny bazilungiselela ukubhikisha

Ngaphambi kokuthi abuyele eRussia usopolitiki ophikisayo uMnu u-Alexei Navalny kanye nabalandeli bakhe babekulindele ukuthi angase aboshwe ngakho bahlela imibhikisho ezophoqa ukuthi izwe lakhe limkhulule ejele, kusho umlingani wakhe.

UNavalny, ongumgxeki omkhulu kaMengameli waleli lizwe uVladimir Putin, waboshwa ngeledlule ngesikhathi ebuyela ezweni lakhe ngemuva kokudliswa ushevu athi wafakwa ngamaphoyisa ombuso ebhulukweni lakhe.

Lo mmeli oneminyaka yobudala engama-44 okuyimanje osejele elidumile eMoscow njengoba kusalindwe imiphumela yamacala akhe amane athi yena ubhecwa ngobubende inyama engayidlanga kuwona, usola uMengameli uPutin ngokuyalela abantu ukuthi bambulale ngodaba lokudliswa kwakhe ushevu.

UPutin usezichithile izinsolo zikaNavalny waze wamsola ngokuba ingxenye yomkhankaso wamaqhinga angcolile e-USA okumhlambalaza.

Abaseki bakaNavalny bahlele imibhikisho kazwelonke ezophoqa ukuthi umbuso umkhiphe ejele lesi senzo siwukuhlolwa okuphezulu kokwesekwa kwakhe ngesikhathi futhi umhlaba ubhekene nokhuvethe.

UMnu uLeonid Volkov, osondelene kakhulu noNavalny, utshele abezindaba ukuthi amaqembu aphikisayo kulo iqhinga lokubhikisha banelinye lokukhipha ividiyo yophenyo ngoPutin kanye nabalingani bakhe, olufana nevidiyo abayisakaza ngoLwesibili emayelana nesigodlo esihle abasola ukuthi esikaPutin, kepha umbuso wezwe wona wakuphika lokho. Kuvela nokuthi le vidiyo isibukwe kwaze kwaba yizigidi ezingamashumi amahlanu nantathu ezinkundleni zokuxhumana. “Siyazi ukuthi umbuso uyakusaba ukubhikisha kwabantu,” kusho uVolkov. 

Uqhube wathi: “Siyazi futhi ukuthi umbuso awukaze uhluleke eminyakeni yakamuva ukugoba ngandlela thile uma imibhikisho inamandla amakhulu nanele.”

See Also

Imithombo emibili ekhona kumbuso ikholwa ukuthi umbuso uzozama ngazo zonke izindlela ukuthi uNavalny umgqume ejele ngisho iqhubeka imibhikisho emesekayo.

Iqembu elibusayo kuleli zwe aliphendulanga ngokushesha ngalezi zinsolo. UVolkov kanye nabanye bathembe kakhulu ukuthi ulaka lwabantu ngempatho kaNavalny kanye nevidiyo yesigodlo kuzogqugquzela abantu ukuthi babhikishe. Bazama nokuveza kugqame lokhu okubukwa njengemibono yabantu eyandayo yokungajabuli ngesimo sokwehla kwamaholo kanye nohlelo lwezomnotho okudalelwe ukhuvethe.

Kepha uHulumeni usubeke izijeziso eziqinile kubabhikishi futhi kuvela ukuthi uPutin oneminyanka yobudala engama-68 abantu abangama-60% bayamthanda futhi bayamamukela.

Scroll To Top