Kufanele siziqikelele esimweni sobhubhane ukhuvethe
USolwazi uNombulelo Magula uyiNhloko Yezokwelashwa Kwezifo eNyuvesi YaKwaZulu-Natal.
Lolu bhubhane lusishaye sonke ngezindlela ezingafani ngakho asikwazi ukuluvumela ukuba luqhubeke
INingizimu Afrika ibhekene nokwanda kokhuvethe. Sonke ukhuvethe lusishayile njengoba sibone abangani bethu nezihlobo begula abanye bashona ngenxa yalesi sifo esibi. Sibone imindeni iphela nezingane zisala ziyizintandane. Simelwe wukwenza kangcono ukulandela izindlela zokugwema lolu bhubhane. Sonke kufanele siklame indima yethu ekunciphiseni ukubhebhetheka kwaleli gciwane emiphakathini yethu.Sesiqalile ukuzwa izinkulumo ngegagasi lesithathu. Njengoba sesizibonele isivuvu sesibili saleli gciwane, asikwazi ukuba nesesithathu futhi kumele sigwenywe ngazo zonke izindlela.
Ukhuvethe
Lesi isifo esaqala ukubonakala eNingizimu Afrika (KwaZul-Natal) mhla ziyisi-5 kuNdasa wezi-2020. Kusukela ngaleso sikhathi, abantu abayisi-1 246 643 sebethelelekile. Kulaba abayizi-973 265 baluleme kuthi abayizi-239 799 baphila nalo. IKwaZulu-Natal inesibalo esiphezulu sabantu abanaleli gciwane abayizi-93 376, ilandelwe iGauteng ngabayizi-50 501, iWestern Cape (48 416) neNorth West (10 573) kanti ezinye izifundazwe zinesibalo esingaphansi kwezi- 10 000 (lolu ulwazi lusukela mhla zili-11 kuMasingana wezi-2021).
Okubuhlungu ukuthi sekushone abantu abayizi-33 579. Igciwane elibizwa ngeSARS-CoV-2 (okuyilungu lomndeni wamanye amagciwane iCorona) elaqala ukubonakala eChina lidala lesi sifo esihlobene nokuphefumla esingajwayelekile. Ukusabalala kwaleli gciwane ngokushesha lisuka kumuntu liya komunye kuholele ekutheni libhebhetheke phakathi kwamazwe njengoba abantu bebenqamula amazwe. Ukubhebhetheka kwalo ngokushesha okuhlanganisa nokufa okuyamaniswa naleli gciwane kuholele ekutheni amazwe aphendule ngezindlela ezingajwayelekile ukunqanda ukusabalala kwalo lisuka kumuntu liya komunye.
Ekuqaleni, igciwane belivame kubantu abahamba amazwe futhi akuthathanga isikhathi eside ukuthi libe semiphakathini kwase kuba wukuthi lingena kubantu abangazange bahambele kwamanye amazwe. Ekuqaleni kwavalwa imingcele yezwe ukulinqanda, kwafundiswa abantu ngezindlela zokunciphisa ukusabalala kwalo.
UHulumeni wabeka imithetho yokunciphisa ukuhamba kwabantu onhloso yakho kwakuwukunciphisa ukubhebhetheka kwalo kubantu. Ukufaka isifonyo ukumboza ikhala nomlomo kugwema ukubhebhetheka kwegciwane lisuka kumuntu liya komunye uma ekhwehlela, ethimula noma ekhuluma.
Leli qhingasu liyasebenza uma wonke umuntu esifake ngendlela efanele isifonyo ngisho ngabe unokuzethemba ukuthi akaze ahlangane nomuntu onokhuvethe. Ukuhlanza izandla ngensipho nangamanzi noma ngesibulalimagciwane kugwema ukubhebhetheka kwegciwane kwazise kususa okungenzeka libe sezandleni emva kokuthinta okuthile okunalo ukuze kungabi nokungcola okungenayo uma umuntu ethinta amehlo, ikhala noma umlomo.
Ukushiya isikhala esiyimitha nengxenye kuya kwamabili phakathi kwabantu nakho kungenye yezindlela zokugwema ukuthola igciwane kwabanye abantu abangaba nalo. La masu agwema ukubhebhetheka kwegciwane lisuka komunye liya komunye.
Ukubhebhetheka kwegciwane
Ukusabalala kwaleli gciwane ngokushesha kuholele ekutheni iWorld Health Organisation (WHO) idalule lokhu njengobhubhane mhla zili-11 kuNdasa wezi-2020. Ukuba khona kwalolu bhubhane kuze nobunzima kwabaningi emphakathini wethu. Lube nemiphumela emibi ngqo neqhamuka ngezinye izindlela empilweni yethu.
Umphumela oshaye ngqo ukulahlekelwa ngabathandiweyo, amalungu emindeni, izihlobo, abangani, ozakwethu emsebenzi nabantu esibaziyo. Konke lokhu kwenzeke ngesikhashana esincane. Eminye imindeni ilahlekelwe abazali abashiye izintandane kanti abanye balahlekelwe inqwaba yamalungu emindeni yabo. Umthelela ongashayi ngqo kube yizindlela zokungenelela ezibekiwe ukugwema noma ukunciphisa ukusabalala kwegciwane eziholele ekulahlekelweni imisebenzi nobubha obunzima.
Ulwazi esilutholayo
Ngesikhathi sisalwa nokuqonda isiphithiphithi empilweni yethu esidalwe yilolu bhubhane, sigxishwe ngolwazi oluningi kanti abaningi basanemibuzo engakaphendulwa. Njengoba kusekuningi esisazokufunda ngeSARS-CoV-2 (okwehlukile okusanda kuhlonzwa), siyazi ukuthi kudala isifo esiqala njengenkinga yokuphefumula kwesingenhla okuba nezimpawu ezifana nomkhuhlane bese kuqhubeka kubange igciwane emgudiwni wamaphaphu okuvela njengenyumona, uhudo, ukuphelelwa umuzwa wokunambitha nokuhogela.
Ezinsukwini zokuqala igciwane lingenile, liyaphindaphindeka emzimbeni libange isifo ezithweni zomzimba ezinjengezinso, inhliziyo, ubuchopho nezinye. Izimpawu zokuqala ezifana nomkhuhlane ziyabonakala bese kungaphefumuleki kahle. Ukuphefumula kuqala kube nzima futhi kube lukhuni ukuthola umoya (oxygen) emaphashini ukuze igazi likwazi ukuyisa umoya kwezinye izitho zomzimba.
Ukuze kugwemeke lokhu kubalulekile ukuthi ngesikhathi umuntu eqala egula futhi esethole imiphumela yokuhlowa ekhomba ukuthi usethelelekile, alulekwe futhi ahlolisiswe emtholampilo noma esikhungweni sezempilo esiseduze.
Ongakwenza usalinde imiphumela
Ngesikhathi usalinde imiphumela yokuhlolelwa ukhuvethe, kubalulekile ukuthi ungahlangani nabanye abantu njengoba lokhu kuvikela umndeni nabangani ekuthelelekeni. Kubalulekile ukuthi labo abake basondelana nosehlabekile noma ilungu lomndeni okanye isihlobo soshonile ukuba angasondeli kwabanye abantu. Kusemqoka ngaphansi kwalezi zimo ukufaka isifonyo esimboza ikhala nomlomo, ukuhlanza izandla nokuvula isikhala phakathi kwabantu ukunciphisa ukubhebhetheka kwegciwane. Ukunciphisa isibalo sabahambela imingcwabo njengoba kuyalela uHulumeni nakho kubalulekile ukunciphisa ukwanda kwegciwane. Isibalo sabantu abaningi emicimbini nakweyemiphakathi nakho kuyamaniswa nezimbangela zokubhebhetheka kwegciwane.
Ukusheshe uhlolwe
Ukusheshe uye kwabezempilo nokuhlolelwa ukhuvethe kusemqoka ukuze kuphele ukusabalala kwegciwane emphakathini kuthi nalabo asebehlabekile basheshe belashwe. Ukuphuza ukubokanala kwegciwane selisesigabeni esibucayi kujwayele ukuthi kwenze kube nzima ukwelapha futhi kwandisa imiphumela emibi nokufa.
Okufundwayo
Kuningi okufundwayo ngaleli gciwane, ukuthi lisibanga kanjani isifo nokuthi lingagwenywa kanjani futhi lilashwe. Kukhona izincwaningo zezempilo eziningi ezibuka izindlela zokwelapha nokugwema ukhuvethe.
Ngaphandle kwalokhu, amasu okugwema lesi sifo ngokuziphatha kuyohlala kubalulekile: ukufaka isifonyo, ukuhlanza izandla, nokugwema ukusondelana kwabantu. Ukugonqa nokusheshe uthole ukunakekelwa ngokwezempilo kubalulekile kulabo asebehlabekile.