Now Reading
Imingcele nobuzwe bethu kumele kuvikelwe kakhulu
Dark Light

Imingcele nobuzwe bethu kumele kuvikelwe kakhulu

Ngeminyaka ye-1990 iqembu lomculo iBoom Shaka lake lakhipha icwecwe elaliqanjwe ngegama lalo leli qembu, kulelo cwecwe kwakukhona nezingoma ezifana nalena eyaduma kakhulu eyayithi “It’s About Time”. Phakathi kulelo cwecwe kwakukhona ingoma ekleliswe yaba ngeyesibili esihloko sithi; ‘Kwere Kwere’ lapho begigiyela imikhuba eminingi eyenziwa ngabokufika. Kanti ngaphambi kwalokho kwakukhona uMazambane naye owake wakhipha ingoma eyaduma kakhulu ngeminya yawo-1980 esihloko sithi Hambani Magoduka (sisale sizwa ubumnandi benkululeko yezwe lethu). Muva nje uZanefa Ngidi kuke kwabikwa ngonyaka wezi-2015 ukuthi usemangalelwe ngabathile kuKhomishini Yamalungelo Abantu ngokukhipha kwakhe icwecwe elaliqanjwe ngokuthi Abahambe Osbari okusho ukuthi abahambe abokufika. Kuyo yonke le nhlabamkhosi eyenziwe ngabaculi baseNingizimu Afrika kubukeka sengathi sonke kanye noHulumeni asibanakanga.  

Eminyakeni engeminingi edlulile sibonile ukuthi abantu bakuleli lengabadi bake bathi ukuvukelana nabokufika, abanye balahlekelwa ngisho ukuphila kwabo, ngenxa nje yokuthi badabuka emazweni angaphandle. Inkinga enkulu lena okumele ixazululwe ngokushesha ngaphandle kokuthi kulokhu kuncengwa abantu bakuleli lizwe kuthi baziphathe kahle baphinde bamukele abokufika ezindaweni zabo. 

Njengamanje sekunemishado eminingi engamampunge lapho khona abantu bakuleli lizwe beshada nabokufika ngokungemthetho ukuze nje bathole ubuzwe. Lena into elula kakhulu ukuyilungisa kodwa sibona uHulumeni edembesela noma ehudula izinyawo. UMnyango Wezasekhaya awuguqule umthetho wezemishado. Lowo mthetho kumele ukuchithe ukuthi umuntu oshada nesakhamuzi esingumsinsi wokuzimilela lapha naye usezoba ngowakuleli lizwe. Abashade nje baqede bese umuntu ephindela ezweni lakhe afake isicelo sokuzohlala kuleli lizwe, bese kubhekwa kabanzi ngokuthi lowo ofaka isicelo uyinhloboni yomuntu, ufundile yini, futhi unamaphi amakhono esiwadingayo njengezwe, akanawo yini amacala mhlawumbe okushokobeza. Siyobe singebona abokuqala ukwenza njalo, izwe lase-USA liyakwenza lokho ngenhloso yokuvimba noma ukunqanda ukudayiswa kobuzwe kusetshenziswa imishado mbumbulu njengesithabezi. 

UMnu uMkhuleko Hlengwa  Isithombe: nguJan Gerber

Le nzukazikeyi engikhuluma ngayo umkhuba omubi owenziwa abokufika asebevele bengaphakathi kwaleli lizwe. Ukuze unqandwe lo mkhuba kuzomele kubiyelwe kahle kuphinde kuvikelwe imingcele yaleli lizwe. Okubuhlungu kakhulu ukuthi kuke kwavela izindaba zokuthi kukhona ababethole ithuba lokubiyela kahle izwe lethu uma uya ngapha koMusina kodwa sizwe sekuthiwa bavele babiya ngocingo olungekho ezingeni. Izigcwelegcwele ezishumbisa impahla nabantu ziyacanasa futhi ziwela udede lapho sezizivulele khona inqwaba yezintuba. UMnu uMkhuleko Hlengwa onguSihlalo weKomidi Elibhekele Ukusebenza Kwezimali ZikaHulumeni uke wanikela khona kulezi zindawo ezinenkinga yocingo lwemingcele ngonyaka owedlule naye wabuya edumele ngomsebenzi osezingeni eliphansi owenziwe.

UMengameli wase-USA osanda kuphuma esikhundleni uDonald Trump wayebhodla umlilo ethi uzokwakha udonga phakathi kwe-USA neMexico. Esinye sezizathu esazimenza acabange ngale ndlela kwakuwukufika kwabantu baseMexico e-USA ngokungemthetho. Akagcinanga lapho wayesho khona ukuthi iMexico izokhokhela izindleko zokwakhiwa kwalolo donga, nokho okugcine kungenzekanga. Ngaphandle kwepolitiki yakhe umfo kaTrump uyabona kodwa ukuthi into ayeyifisa ukuvikela abantu base-USA. Emlandweni kuyovela ukuthi wabona inkinga yezidakamizwa eyayibhekene nezwe wabe esenza okuthile. 

See Also

Sengiphetha, ngesikhathi esanda kungena esikhundleni sokuba uMengameli uTrump kunengoma noma iculo likaFrank Sinatra elithi: ‘My Way’ abethanda ukulidlala njalo uma ehlanganise abantu. Namhla zingama-20 kuMasingana lapho esephuma esikhundleni liphinde lezwakala kakhulu leli culo ikakhulukazi ngesikhathi indiza ibisimphindisela ekhaya eFlorida. Ngicabanga ukuthi abantu base-USA nabantu nje emhlabani wonke kwakumele balalelisise leli culo efika nje uTrump esikhundleni, ngoba liyacacisa ukuthi likhuluma ngomuntu owenza izinto ngendlela yakhe. Inkinga ekhona emhlabeni jikelele ngeyokuthi amaciko noma abaculi abajwayele ukunakwa uma besho izinto ezithile. Bheka nje uMazambane le ndaba yabantu bokufika wayikhuluma kungakaphumi ngisho uMandela ejele, yaphinde yakhulunywa iBoom Shaka sekubusa uMandela, yaphinde yakhulunywa Zanefa Ngidi engasekho uMandela emhlabeni. Nakuba sekukhulunywe kangaka, namanje imingcele yethu ayibiyiwe kahle, sekunabantu abadayisa ubuzwe ngoba befuna inkece. Umbuzo esingazibuza wona uthi koze kube nini uHulumeni ungaguquli imithetho yezemishado ngenhloso yokunqanda imishado mbumbulu ngoba kufuneka ubuzwe? Koze kube nini obakufika bengena isinyenyela kuleli zwe? Sesikhohliwe yini ukuthi omunye wabaculi abanohlonze kulo mhlaba uLucky Dube wabulawa abantu bokufika bethi bamduna imoto? 

Alivikelwe kahle izwe lethu, ayivuselelwe bese kubakhona abaqaphi emingceleni yethu. Akuqedwe nya ukuthi uma owokufika eke waganwa isakhamuzi salukuleli lizwe bese kuthiwa naye usengowalapha engakaze afake ngisho isicelo sokuba isakhamuzi. Amade anginawo ngiyema lapha (ungafunga ukuthi isiphetho sami sibhalwe uJonny Dimba wodumo lwengoma ethi Msakazi).  

Scroll To Top