Liphume nobovu: Kungenelele iNkantolo kolukaWine e-Uganda

by Anathi Mtaka
January 29, 2021

Isithombe: Financial Times

Anathi Mtaka
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Kuleli sonto agcine esukile amasosha ase-Uganda abeqaphe umuzi kaMnu uBobi Wine obegaqele isikhundla sobuMengameli waleli zwe emva kwezinsuku ezili-11 eqhinqe lapha futhi engamvumeli ukuba aphumele phandle.
Lokhu kwenzeke emva kwesinqumo seNkantolo Enkulu kuleli zwe ethe uma uHulumeni unobufakazi obungabophisa uWine kumele udaba ulufake enkantolo hhayi “ukubanjwa ngokungafanele ekhaya lakhe”.