Now Reading
Umthelela wokhuvethe kupolitiki yase-Iran
Dark Light

Umthelela wokhuvethe kupolitiki yase-Iran

Njengawo wonke amazwe, leli lizwe lihlaselwe umkhuhlane ukhuvethe. Kunokuphikisana phakathi kwenhlangano yezempilo iWorld Health Organization (WHO) naleli lizwe ngezibalo zasebesuleleke ngalo mkhuhlane kanye nasebefile. I-Iran ithi bayizi-5917 asebetheleleke ngalo mkhuhlane babe ngama-87 abafile. 

IWHO ihlawumbisela ukuthi zinkulu kakhulu izibalo kunalezi ezivezwayo. Lo mkhuhlane uhlasela nje leli lizwe lilungiselela ukhetho lokuqoka uHulumeni omusha. Lona ungowokugcina kuMengameli uHassan Rouhani weqembu iModeration and Development Party ebesehole amahlandla amabili elokuqala elaqala ngowezi-2013 elesibili ngowezi-2017. 

I-Iran iyizwe elingavamile ukukwazi ukuhlukanisa izigameko nezinhlekelele nepolitiki. Lokhu kwabonakala ngowe-1979 ngesikhathi kubuya umholi wenkolo yobuSulumane u-Ayatollah Khomeini ekudingisweni eFrance okwashesha kwanomthelela kupolitiki kwaketula iNkosi uMohammad Pahlavi. 

Lokhu kwaba nomthelela omkhulu kupolitiki ngoba kwanikeza amandla okuhola ngaphandle kokuqokwa iningi kuKhomeini, kwaguqula uMthethosisekelo wezwe wahambisana nencwadi engcwele yenkolo yobuSulumane i-Quran kwaphinde kwadala ukuklwebhana nokuklolodelana phakathi kwaleli lizwe ne-United States of America (USA) okuqhubeka okuze kube namhlanje. 

Kwaphinda kwabonakala ngowezi-2015 ngesikhathi kusayindwa isivumelwano sokufaka amatomu ocwaningweni lwamandla enuzi esaziwa ngokuthi iJoint Comprehensive Plan of Action okwakuphakathi kwaleli lizwe ne-USA. 

Lesi sivumelwano sasheshe saphenduka ithuluzi lepolitiki kwazise saxegisa unswinyo lomnotho olwalubhekiswe kuleli lizwe saphinda samcabela indlela uMengameli uRouhani ekubuyeni ihlandla lesibili okuyinto engehlanga kahle kowayenguMengameli owayehlela ukukhuza ibuya uMnu uMahmoud Ahmadinejad owayesola uRouhani ngokuthengisa ngezwe. 

Ukhuvethe lufike nenye ipolitiki yalo kuleli lizwe njengoba lufike vele sekukhona abangasayinambithisisi kahle eyobuholi bukaKhomeini Khamenei. Lo mholi usevele uvuna uMnu uHossein Dehghan onobudlelwano obuhle naye ukuthi athathe izintambo kuRouhani. UDehghan usuka eqenjini elifanayo noRouhani. 

Leli qembu kubonakala selivele lihloma ngomgomo wokhuvethe njengethuluzi lomkhankaso. Ukhuvethe lubuveze ngokusobala ubuntandane be-Iran. Leli lizwe linesigcwagcwa kwamanye amazwe ngenxa yokungahoshelani kwalo ne-USA. 

Lokhu kukapakela nasocwaningweni lokuthola umgomo walo mkhuhlane. Amazwe afana ne-USA, iFrance kanye neBritain asesebenzisa izizumbulu zemali ocwaningweni lomgomo wokhuvethe. Amazwe amaningi aseMiddle East asethenjisiwe yilawa mazwe ukuthi azowuthola lo mgomo uma usuqinisekisiwe. 

Kepha i-Iran yona ayizixakanga ngokuxoxisana nalawa mazwe ngoba ibivele yazi ukuthi awafuni lutho oluyihlanganisa nawo. Lokhu kuliphoqile leli lizwe ukuthi libhukule lizicwaningele ngokwalo umgomo wokhuvethe. 

Lokhu kubuyise isithunzi nesigqi eqenjini iModeration and Development Party nobuholi bukaKhomeini kwabuyisa nokuziqhenya kubantu base-Iran. Zingama-28 kuZibandlela wanyakenye leli lizwe laveza ukuthi selizoqala lihlole ukusebenza komgomo wokhuvethe kubantu ngoba ube yimpumelelo ezilwaneni. 

Lokhu kunikeza uDehghan ithuba elihle kuyiwa okhethweni kuphinde kugcizelele iphuzu lokuthi leli lizwe alidingi ukukhangezwa ngamanye amazwe. Umgomo wokhuvethe usuyithuluzi leModeration and Development Party ekufezeni izinhloso zalo zokuqhubeka nokubusa e-Iran. Lokhu kwenza kubhincisela nxanye izimbangi ezifana noMnu u-Abbas Akhoundi, uMnu uFereydoon Abbasi kanye noMnu u-Ali Motahari bona abanemibono yokuthi ukwakha ukuvuselela ubudlelwano ne-USA ikhona okuzoletha izinto kwezomnotho nenthuthuko e-Iran. 

See Also

Amazwe afana ne-Israel, iSaudi Arabia, i-United Arab Emirates (UAE), iBahrain, iMorocco ne-Algeria ayizithandwa zamazwe asentshonalanga avele awafuni ukuthi i-Iran ithole umgomo ngaphambi kokuthi ilalele izimfuno zawo. 

Ezithinta ukuyeka ukufukamela amavukelambuso nokuwaxhasa ngezikhali nemali, ukuvala ucwaningo lokwenyuswa kwamandla enuzi, ukuhlehla ezindabeni ezithinta umbango womhlaba phakathi kwabasePalestine ne-Israel kanye nokunqamula ubudlelwano namazwe afana neQatar, iPakistan, iSyria neLebanon. 

UDehghan kulindekele ukuthi aqinise ikhanda ngokusebenzisana azishaye indiva lezi zimfuno zalawa mazwe ikhakhulukazi ngoba ukhuvethe lwenze kube kuningi ukusebenzisana phakathi kwe-Iran nalawa mazwe. 

Ubudlelwano bokhuvethe nepolitiki e-Iran busobala futhi kwakuyinto eyayilindelekile. Ngoba kuwunyaka wokhetho, ukhuvethe, umgomo walo kanye nomthelela walo ebudlelwaneni namanye amazwe kulindeleke ukuthi kube yinto egqama kakhulu umkhankasweni wamaqembu. 

Okuvele sekucacile ukuthi iqembu elibusayo lizimisele ukusebenzisa ukutholwa komgomo wokhuvethe njengesihlangu salo kulolu khetho nokuyinto eshiya izimbangi esimweni esinzima sokukhombisa abantu ukuthi izinkinga ze-Iran aziqali futhi azigcini ngokhuvethe okungakho kumele abantu bavotele bona. 

Scroll To Top