Now Reading
Isililo: Isihlangu sikaMengameli uRamaphosa siwile
Dark Light

Isililo: Isihlangu sikaMengameli uRamaphosa siwile

Lishone elayizolo sezisabalale izwe lonke izindaba zokuwa komunye webutho likaMengameli uRamaphosa, uMhlonishwa uJackson Mthembu (osesithombeni). OkaNgoza obesenguNgqongqoshe eHhovisi likaMengameli, wazakhela kakhulu igama ngesikhathi esakhulumela iqembu elibusayo i-African National Congress (ANC) kuzwelonke. Udlule emhlabeni izolo ngoLwesine ngemuva kokuxinwa ukugula okuthiwa bekuhlobene nokhuvethe kulandela ukungeniswa kwakhe eSibhedlela Sombutho Wezokuvikela.

UMengameli uRamaphosa siqu nguye obikele izwe ngalo mshophi.  “Sifisa ukwedlulisa amazwi enduduzo emndenini wakwaMthembu ngokudlula emhlabeni kukaNgqongqoshe uJackson Mthembu. UMthembu udlule ngemuva kokungeniswa esibhedlela kulandela ukuba ehlolwe wathola ukuthi unokhuvethe,” kusho uRamaphosa esitatimendeni. 

UMthembu akamusha kuHulumeni njengoba eke waba nguMphathiswa Wezokuthutha esifundazweni iMpumalanga  ngaphambi kokuqokelwa ukuba nguMkhulumeli we-ANC eLuthuli House ngowezi-2012 nokuyisikhundla aqokwa kuso kubuywa engqungqutheleni yaseMangaung.

Yilapho ezakhele khona igama ngokuba namancoko kwabezindaba nokuphinde abenendlela yokuchitha imibiko ebibeka kabi inhlangano yakhe noma uZuma owayenguMengameli ngaleso sikhathi.

Akugcinanga lapho kodwa kwathi ngawo owezi-2012 waphinde uMthembu wahola ukhukhulelangoqo wombhikisho owawukhala ngeGoodman Gallary eyayinemifanekiso kaZuma enqunu nowawubizwa ngokuthi iThe Spear.

Kulowo mbhikisho waqhamuka nesiqubulo esasikhalima abantu ukuba bangalithengi iphephandaba iCity Press nesasithi: “Don’t Buy City Press Don’t Buy”, nokwathi ngemuva kwesikhathi  iphephandaba lawuhoxisa lo mfanekiso. Ngowezi-2016 wabasematheni ngesikhathi ephumela obala etshela ubuholi be-ANC nesigungu sonke esiphezulu ukuba besule ezikhundleni ngenxa yezinkinga ezazikhona.

See Also

Muva nje ubesegqame ngokuhola izithangami zabezindaba lapho ebesuke elawula khona ukukhuluma koNgqongqoshe njengoba kunokhuvethe. 

Ushiye emhlabeni izingane zakhe ezinhlanu nomkakhe uNkk uThembi Mthembu kanti ulandela indodakazi yakhe eyazibulala eCape Town muva nje.

Lokhu kube ngesinye sezigameko ezinyakazise i-ANC njengoba ewa nje uMvelase, kweleNdlovukazi uMthaniya nakhona bekulondolozwa obenguMphathiswa uMhlonishwa uBheki Ntuli odliwe yilo ukhuvethe oludle uMthembu. 

Scroll To Top