Ugqugquzela balandeli bakhe esejele eRussia ukuba baqhubeke nokubhikisha
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Amaphoyisa aseRussia abophe umgxeki omkhulu kaHulumeni uMnu u-Alexei Navalny ngemuva kokuthi ebuyele eRussia ngesonto eledlule. Lokhu kufakazelwe ngummeli wakhe kanye nabezamajele akuleli lizwe.
Bekungokokuqala ngqa uNavalny ebuyela kwelakubo kusukela adliswa ushevu ngonyaka odlule. Indiza yakhe idluliselwe kwesinye isikhumulo sezindiza saseMoscow ngomzuzu wokugcina emzamweni osobala weziphathimandla wokuvimba ukuthi abezindaba kanye nabeseki bakhe bamamukele kuleli lizwe.
UNavalny uboshwe ngesikhathi ekhipha incwadi yokuhambela amazwe ekhombisa unogada wemingcele ngaphambi kokuthi angene ngokusemthethweni eRussia, ngokusho kofakazi ababe khona ngesikhathi kwenzeka konke lokhu. Inkosikazi yakhe uYulia, umkhulumeli wakhe kanye nommeli wakhe bona bavunyelwe ukungena eRussia. Bekungakacaci ukuthi uboshelweni.
Kodwa kuzokhumbuleka ukuthi amaphoyisa akuleli lizwe asho ukuthi azozama noma yini ukuthi aboshwe mhla ebuya, emsola ngokwedelela imigomo yesigwebo sakhe esilengisiwe mayelana necala lokukhwabanisa langowezi-2014 yena athi selaphela futhi lalihleliwe.
Kuthe kuleli sonto wanxusa izakhamuzi zaseRussia ukuba zigcwale imigwaqo zibhikishe ngemuva kokuthi umehluleli enqume ukuthi aboshwe izinsuku ezingama-30 ngaphambi kwecala lakhe lokhu kwenzeka nje amazwe asentshonalanga asephakamise ukuthi lo mholi akhululwe ejele.
I-United Nations namanye amazwe asentshonalanga ngaphambi kokuba umehluleli anqume ngesigwebo sikaNavalny ayetshele iRussia ukuthi ikhulule lo mholi. Amanye amazwe asememezele ukuthi iRussia kufanele ijeziswe ngokuthi inswinywe okuthe uma kwanda ukukhuluma iRussia yathi wonke la mazwe nezinhlangano abanake izindaba zabo. Isinqumo sokuthi ahlale ejele ngenxa yokwephula imigomo yesigwebo sakhe esalengiswa ngosuku ngemuva kokuthi ebuyele eRusssia okokuqala kusukela adliswa ushevu kungaba yisandulela sokuthi aboshwe iminyaka okwedlula lezi zinsuku asaboshwe zona.
Ezamajele zasedolobheni iMoscow zifake isicelo sokuthi kuguqulwe isigwebo sakhe esilengisiwe seminyaka emithathu nohhafu ukuba sibe yisikhathi esejele ekuqaleni kwenyanga ezayo. Kuzokhumbuleka ukutho uNavalny uphinde abhekane namanye amacala amathathu ahlukile. Ngesikhathi amaphoyisa esemkhipha esiteshini samaphoyisa uNavalny utshele abeseki bakhe ukuthi okuwukuphela kwento abadinga ukuyesaba ukwesaba kwabo uqobo. “Ningesabi, bhikishani. Ningenzeli mina kepha enzelani nina kanye nekusasa lenu,” kusho uNavalny kuvidiyo efakwe enkundleni yokuxhumana uTwitter.
Abaseki bakhe bahlele ukuhlangana ezweni lonke kulo leli sonto futhi kuvele ukuthi isicelo somhlangano wabantu abayizi-10 000 ekupheleni kwale nyanga sesifakiwe kuziphathimandla zaseMoscow.
Kulo leli sonto futhi kuzokhumbuleka ukuthi abantu abangaphezu kwama-70 okubalwa kuwo abaseki bakaNavalny kanye nabezindaba baboshiwe ezweni lonke ngokusho kweqembu eliqaphayo i-OVD-Info
UNavalny oneminyaka yobudala engama-44, ubize imphatho yakhe njengekho emthethweni futhi wasola uMengameli wezwe uVladir Putin ngokukhipha ikhodi yobugebengu ngewindi ngenxa yokwesaba.

