Abanye abaholi bahloba ngehlazo kwezepolitiki


Sekuvamile ukuthi abaholi emazweni ehlukene emhlabeni balandelwe yiphunga elibi ngokwepolitiki kodwa eligcina libenza izintandokazi kwabanye
ZIYANDA izibonelo zosopolitiki abasimama ngokubekwa amabala okungcola nenkohlakalo agcina esephenduke isihlangu sabo.
Abanye babaholi abayizibonelo zalokhu nguNdunankulu wakwa-Israeli, uMnu uBenjamin Netanyahu, uMengameli wase-USA uMnu uDonald Trump, owayenguMengameli waseNingizimu Afrika uMnu uJacob Zuma, owayenguMengameli waseMalawi uNkk uJoyce Banda nowayenguNdunankulu wasePakistan uNkk uBenazir Bhutto.
Kuhlale obala kuleli sonto ukuthi uNetanyahu uyintandokazi kubantu bakwa-Israeli njengoba kuthe kuqalwa ukubalwa kwamavoti emuva kokhetho obelungoLwesibili kuleli lizwe kwacaca ukuthi uzowudla umhlanganiso kanti nabahlaziyi bebesho ukuthi iqembu lakhe iLikud Party lizowudla umhlanganiso (Kulotshwe lapha ingakaziwa imiphumela yokhetho).
Ibihlukene phakathi imibono ngamaqhinga awasebenzisile uNetanyahu ukuthi aqhubeke ahlale kwesobuNdunankulu. La maqhinga asembangele isigcwagcwa emazweni angaphandle kanti ngaphakathi ezweni lakhe ayaqhubeka nokumgcina njengentandokazi.
Isinqumo sakamuva asithathile lo Ndunankulu amazwe omhlaba ashaya amakhala ngaso kodwa esimfakele ugazi kwa-Israeli yileso asimemezele ngokuhlanganyela noMengameli wase-USA zingama-27 kuNdasa.
Uthe isifunda iGulan Heights sekungesakwa-Israeli ngokusemthethweni yize yayisidle ngokusebenzisa umbutho wezempi ngowe-1967 ngesikhathi leli zwe litholene phezulu nombutho wase-Syria.
Ngaphambi kwalesi simemezelo bekukholakala ukuthi kunezingxoxo phakathi kwe-Israeli neSyria zokuthi lesi sifunda sibuyiselwe ngaphansi kweSyria njengoba sivele ngokomlando kwakungesakhona.
Izinqumo ezifuze lezi esezimakhele ugazi uNetanyahu ezweni lakhe okungakho ngisho amacala enkohlakalo nokuxhaphaza amandla ombuso engayitholi indawo ngoba ubonakala njengomhlengi wakwa-Israeli enomakhelwane okusukela nsuku zaphuma bayisabisa ngokuyishabalalisa.
Kubonakala zonke izinqumo azithathayo ezigxekwa amazwe omhlaba zimakhela ugazi kubantu bakwa-Israeli abanombono wokuthi ucindezelwa ngoba nakhu evikela izwe lakhe yize awomhlaba evumelana ngokuthi uhloba ngehlazo lo mholi.
NoMengameli wase-USA uTrump ubonakala ehloba ngalo ihlazo ngenxa yokukwazi ukuguqula konke okubi okuphoswa kuye kumenze isisulu salabo abangafuni impumelelo yezwe lakhe.
Ebekulindeleke ukuthi kucacise ngesimo sikaTrump kwezepolitiki kubhekwe okhethweni lukazwelonke lwangowezi-2020 umbiko wocwaningo lommeli uRobert Swan Mueller obelubheka umthelela weRussia okhethweni okwanqoba kulo uTrump ngowezi-2016.
Ukuba buthuntu kwalolu cwaningo kwenze uTrump waphenduka isisulu sokuzingelwa ngokungenabulungiswa njengoba naye eseqalile ukuligcizelela leli phuzu.
Nakuba abahlaziyi behlukene phakathi ngomthelela walolu cwaningo emkhankasweni kaTrump kubhekwe okhethweni lwangowezi-2020, kodwa okunakekayo ukuthi usethola isihlangu sokuvika ngonya lozakwabo abamzingelayo ngalolu cwaningo.
Kwenzeka okufanayo naseNingizimu Afrika lapho amacala enkohlakalo kaZuma emakhela ugazi kwabanye abakholwa ngukuthi wuthando lwakhe olwenza inhlangano yakhe eyiqembu elibusayo, i-African National Congress (ANC) ilandelwe kakhulu KwaZulu-Natal.
Abanye abalandeli baleli qembu babona imbangela yala macala njengolunya lwabanye abaholi baphambilini asebewavusa ngoba befuna ukuzenza bahle ngaye.
Njengoba neMalawi iya okhethweni lukazwelonke ngoNhlaba, iqembu elibusayo iDemocratic Progressive Party (DPP) eliholwa nguSolwazi u-Arthur Peter Mutharika lidliselwa ogageni ngowakhishwa inyumbazana kwesobumengameli ngenxa yamacala enkohlakalo nokushushumbisa imali, uNkk uBanda wePeople’s Party (PP) njengoba leli qembu selisebenzisana neMalawi Congress Party (MCP) eholwa nguSolwazi uLazarus McCarthy Chakwera.
UNkk uBanda ubuyele eMalawi nyakenye emuva kokuhamba iminyaka emine ebalekele amacala asaziwa ngele “Cashgate” ngowezi-2014.
Ekubuyeni kwakhe uziveze njengomgilwa ngenxa yokulwa nenkohlakalo nokulwela amalungelo abesifazane. Iqembu lakhe abahlaziyi bebelilamanisa eduze neDPP eyathola amavoti ayisigidi ngowezi-2014.
Khona manjalo, njalo zingama-27 kuZibandlela abantu basePakistan bahlangana edolobheni iRawalpindi babungaze iqhawe labo elabulawa ngowezi-2007 uNkk uBhutto. Nakuba uNkk uBhutto ebungazwa njengeqhawe kodwa amacala enkohlakalo yiwo amkhipha kwesobuNdunankulu ngowe-1999 okwadala ukuthi abalekele e-United Arab Emirates ukuze angangeni ezikhindini.
Ngowezi-2006 i-USA ne-United Kingdom bangenelela ukuthi abuyele ePakistan ayokhankasela ukubuya kwesobuNdunankulu ihlandla lesithathu okuwumkhankaso yize wamhambela kahle kodwa wakhuthaza abathize ukuthi bazame ukumsoconga, abagcina bephumelele kukho zingama-27 kuZibandlela.
Imibono yayithi uNkk uButto uzozidlela amahlanga ngoba wayesekwazile ukushintsha amacala enkohlakalo ayebhekene nawo wawaveza njengonya lukaHulumeni nemizamo yokuthunaza isithunzi sakhe nokumnqinda amandla.