Now Reading
IBAYEDE noShuter and Shooter kunqabakutholwa
Dark Light

IBAYEDE noShuter and Shooter kunqabakutholwa

Inhloso yokusebenzisana wukuqhakambisa  ukubhalwa nokufundwa kwamabhuku abhalwe ngolwethunga


Esinye sezizathu zokubunjwa kwephephandaba iBAYEDE kwabe kuyisifiso sokuvuselela imisebenzi emidala eyabe ibhalwe ngaboHlanga ngezilimi zomdabu. Echaza ngalokhu uSolwazi uSimelane oyiSikhulu Esiphezulu senkampani eshicilela elaboHlanga, uthi:

“Kusuka siqala eminyakeni eyisi-7 eyedlule asibanga namahloni ukuthi sicheme nezilimi zaboHlanga. Sabe sinephupho lapho ukubhala nokukhuluma ngezilimi zabomdabu kungeyona into ethathwa njengephutha noma into engajwayelekile. Kunalokho sabe sifuna olwethunga lungene kuzozonke izigaba zokuphila kwabantu. Sabe singayiboni inkinga yokuba izilimi zethu zibe ngezepolitiki nepolitiki yezomnotho, umthetho nokunye.”

UMagutshwa uqhube wathi: “Okunye okwabe kuliphupho lethu wukuthuthukisa isiko lokufundwa kwamabhuku abhalwe ngezilimi zaboHlanga siqala kulezo zabeNguni.” 

Leli phupho lifezekile njengoba kuleli sonto kube nesivumelwano nenkampani endala kuleli yabashicileli  iShuter and Shooter. Le nkampani isishicilele isibalo esikhulu saboHlanga selokhu yasungulwa eminyakeni engaphezu kweli-100 edlule.  

Lesi sivumelwano ngokusho kukaSolwazi uSimelane sizoqhakambisa imisebenzi yababhali abadala nalabo abasha kanye nesiko lokubhala nokufunda amabhuku.

Okhulumela abakwaShuter and Shooter, uNks uZondi oyi-Indingenous Languages Senior Publisher uthe: “Ngicela ukuqala ngokwethulela isigqoko elaboHlanga ngaleli thuba eliyingqayizivele lokusebenzisana nathi. 

Lokhu kwenzeka ngesikhathi njengoba umsebenzi wabashicileli kubukeka uyinsakavukela umchilo wesidwaba emazweni aphesheya kuphela. Ubani owathi kufanele ulwazi siluthole kubona? AboHlanga bayibekile induku ebandla, nakuba kungugqwagqwa ukulotshwa nokushicilelwa kolwazi.  

Okunye okwashicilelwa kwaba wundabuzekwayo yilokhu: iShuters Top Class, iShuters Premier, uMasihambisane, IsiZulu Sethu, IsiZulu Soqobo, IsiXhosa Ngumdiliya, iSichumile IsiXhosa, iSediba sa thuto, iSediba, iSiswati Setfu, iSetswana Tota, iHi Nwa Hi Kolwa, i-Ace it! amaStudy Guide kanye neDuzi Bugs Readers.” 

Umlando omude

Echaza ngomlando wenkampani uNks uZondi uthe: “Eminyakeni ye-1850 uMnu uDaniel Sanders wavula isitolo sokuhweba ngezincwadi eMgungundlovu okwathi onyakeni we-1921 isitolo leso sathathwa nguLG Shuter owabe esehlanganyela noMnu uRA Shooter ekubeni abanikazi besitolo. Lokho kwaholela ekutheni igama lesitolo kube uShuter and Shooter.

“Ukungenelela kwaboHlanga kuqale ukuqapheleka eminyakeni ye-1930 lapho laba bashicileli baqala bashicilela amanoveli esiZulu, izinkondlo kanye nezincwadi zesikole. Akusiwo umlando wabashicileli bakwaShuter and Shooter uma igama likaSolwazi uCLS Nyembezi lisele ngaphandle. 

Eminyakeni ye-1950 inkampani yagqugquzela aboHlanga ukuba babe negalelo eliqavile, babenamava emshikashikeni wokushicilela imibhalo. Kwathi onyakeni we-1959 ngezikhathi zokungena kwemfundo yobandlulo, uSolwazi uSibusiso Nyembezi, washiya phansi umsebenzi eNyuvesi iFort Hare wangena kwaShuter and Shooter njengenhloko yabashicileli bezilimi zaboMdabu,”

See Also

Uqhube wathi: “UNkwali (uNyembezi)  waba yilungu lebhodi kule nkampani kusukela onyakeni we-1975 kwaze kwaba uyalandulela elengabadi ngonyaka wezi-2000. Baqhubeka nokwanda aboHlanga lapha kuBhodi yakwaShuter and Shooter, sibala asebemnkantshubovu kwezokushicilela njengoSolwazi uDBZ Ntuli, uMbhishobhi uNF Mbhele nobaba uRay Wela. Kuwo lowo nyaka wezi-2000 inkampani yasidedela isitolo, yabe seyibhekana nokushicilela izincwadi zezikole. Onyakeni wezi-2002 inkampani  yabe seyihlangana nenkampani yabashicileli bakwaReach Out.”

Ngizoqhubeka Mhleli ngiye onyakeni wezi-2011 lapho inkampani yakhipha imikhiqizo yezincwadi zokufunda nokufundisa ezibhalwe ngohlelo lukaCAPS. Ngonyaka wezi-2013 yethula uhlelo lokufunda ngenkundla yomoya (e-Learning Platform) akuphelelanga lapho, yandlondlobala yaze yasungula inkundla yokuqeqesha ebizwa ngokuthi yiShuters Academy.

Onyakeni wezi-2018 kulapho inkampani yaba nobunikazi obuphelele baboHlanga (100%) lapho seyiba sezandleni zikaSomabhizinisi  oqavile eNingizimu Afrika uMnu uSandile Zungu.

Onyakeni wezi-2020 yethule uhla olusha lwezincwadi zeCoding and Robotics ezibhalwe ngezilimi zaboMdabu.”

USolwazi uSimelane uthe bafihle induku emqubeni njengoba besazothula izinhlelo zalo nyaka nathe akasakwazi ukulinda. 

“Nakanjani lezi zinhlelo zizobandakanya wonke umuntu ngoba ukufunda akunaminyaka. Lokhu wukuhlangana kwezinkampani eziphethwe ngaboHlanga ngokuphelele. Siyathemba ukuthi lokhu kubambisana nenkampani enomlando ohlonishwayo kuzoba wumnikelo omqoka ekuthuthukisweni kwezilimi zaboHlanga,” kusho uSolwazi.

Scroll To Top