Now Reading
Ukubuka impumelelo ngeso lomqondo oqinile, osimeme nozinzile
Dark Light

Ukubuka impumelelo ngeso lomqondo oqinile, osimeme nozinzile

Kuyindida futhi kuzwisa ubuhlungu ukubona umphakathi wakithi uhluleka ukuhlukanisa nokuchaza ukuthi iyini impumelelo. AboHlanga bangene ezikweletini futhi abanye babanjwe ukhwantalala ngenxa yomhlahlandlela obekwe isizwe sakithi uma kukhulunywa ngempumelelo. Angazi wena ukuthi ukholelwa ukuthi impumelelo iyini kodwa ngicabanga ukuthi uma incazelo yakho yempumelelo ingafaki “ukuqeda lokho okuqalile”, ayiphelele ngokwendlela engibona ngayo.

Into ebuhlungu ukuthi sithathe impumelelo sayimatanisa nezimoto, nemishado kanye nakho konke okuwubukhazikhazi empilweni. Uma ngithi sifakele abantu abaningi ingcindezi ngishiso ukuthi abantu bakithi abaningi bazibulele ngenxa yokuzibona bengaphumelele ngoba benganayo imoto noma umuzi eBallito. 

Abanye bazibulele ngenxa yokubabiza ngezehluleki empilweni ngoba bengenazo izimoto esinazo noma bengahlali emizini emikhulu esihlala kuyo. Okudabukisa kakhulu ukubona abantu abasha bangene shiqe ezinkingeni ngenxa yokweswela ulwazi nencazelo engcono ngempumelelo. Impumelelo akusikhona ukuba nemizi eminingi, izimoto eziningi kanye nokuba nemali eningi ebhange. 

UHulumeni usicele ukuthi siwuhlabe siwulawule siyisizwe, sikhuze ukubulawa nokuhlukunyezwa kwabantu besifazane ngenxa yabantu abacabanga ukuthi impumelelo ukucindezela nokuhlukumeza omunye umuntu. 

Enye imbangela yokuhlukumezeka kwabantu besifazane ukuthi ingxenye yabantu besilisa icabanga ukuthi impumelelo ukuqonywa iningi labantu besifazane. Siphila ngaphansi kwesikhathi esinzima lapho abantu bebulalana ngenxa yokufuna impumelelo. Siphila esikhathini lapho sithengisana thina sodwana ngenxa yempumelelo, ikakhulu impumelelo esheshayo. 

Impumelelo kowoHlanga ukuqeda lokho okuqalile. Isibonelo sempumelelo ukuqeda iziqu obozifundela noma ukufika emaphethelweni nencwadi oyibhalayo. Into engizama ukuyisho ukuthi impumelelo kumele ijabulise wena kuqala ngaphambi kokuthi ijabulise omunye umuntu. Uma ungajabule ngempumelelo yakho, kusho ukuthi ubukade wenzela abanye abantu hhayi wena. 

Uma imoto ohamba ngayo ingajabulisi wena kuqala kodwa ukujabulela ukuhamba ngayo ngenxa yokuthi abangani bayakuncoma, kusho ukuthi leyo moto ayisiyo impumelelo kuwe kodwa iyisiqalekiso. 

Empilweni uzohlangana nobunzima ezintweni eziningi ozama ukuzenza, kodwa ayikho into emnandi njengokuqeda okuqalile. Anginankinga ukuthi wehluleke kangaki ukwenza okuthile empilweni yakho, kepha intshisekelo yami ukukubona uqeda lokho okuqalile. Ngenkathi ngicabanga ngalokhu, ngicabange wena futhi ngadlinza kabanzi ngokungenzeka ubhekene nakho njengamanje. Ngicabanga inani labantu abafisa ukuthi ungahluleka. Ngaphandle kwaleyo ngcindezi, kukhona ezinye izinkinga okungenzeka zikunika ingcindezi engenasidingo ezibangwa indlela ochazelwe ngayo ukuthi iyini impumelelo. Ngifisa wazi ukuthi uzophumelela ngesikhathi ozophumelela ngaso futhi impumelelo yokuqala kuzoba ukuqeda lokho ozama ukukuhlanganisa kuyimanje.  

See Also

Ngifisa wazi ukuthi engikufisela kona ukuthi uqedele osukuqalile. Angiyena umuntu othanda ukuthatha isikhathi esithe xaxa sokuqeda engikuqalile, kepha angizokufaka ngaphansi kwengcindezi futhi ngilindele ukuthi ufane nami noma nomakhelwane wakho. Ngiyawethemba amakhono akho futhi ngiyakholelwa ukuthi unawo amandla okuqeda lokho okuqalile. 

Ungaqali uzimatanise futhi uzifanise nomunye umuntu empilweni. Impumelelo yomunye umuntu ayingakufakeli ingcindezi ngoba awazi ukuthi wenza ngani. 

Isifiso sami ukuthi uzibuze ukuthi usho ngani ukuthi uphumelele empilweni. Zibuze ukuthi zingakhi izinto oziqalile waziqeda, futhi zingakhi izinto oziqalile wangaziqeda? Uma impumelelo yakho igxile ekujabuliseni abanye abantu ngaphambi kokuthi ijabulise wena, udinga ukuthi ushintshe indlela owenza ngayo izinto. 

Lo nyaka omusha kumele kube ngowakho ngoba uzoqeda lokho okuqalile hhayi ngezimoto ozoba nazo. 

Scroll To Top