Ubuchwepheshe: Kukhona lapho ukhuvethe lusiweze khona



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Ubuchwepheshe obekuzothatha iminyaka busheshe bafika ngenxa yokhuvethe
Bekuyinto eyamukelekile ukuthi amazwe afana neNingizimu Afrika asemgudwini othize woguquko kwezobuchwepheshe. Lokhu bekubonakala ngisho lapho uHulumeni ebikezela ngezinguquko ekusebenzeni kwamathelevishini kuleli.
Sonke besisatabuzela sifundisana ngokuzayo. Kepha kuthe nje ngokuphazima kweso ngokungena kokhuvethe zaguquka izinto nathi sazithola sesigijima namanye amazwe asedlula le ngezobuchwepheshe. Lokhu kudalwe yizinto eziningana neziphoqe ukuba kube nezinguquko empilweni yansukuzonke.
Ngesigaba sokuqala sokhuvethe izimboni eziningi kuphoqeleke ukuba zinqume ukuthi izisebenzi zisebenzele ngasemakhaya. Lokhu kusho ukuthi emsebenzini (emahhovisi) kuzobe kukhala ibhungezi kepha emakhaya kuwubutatata.
Ukufika kobuchwepheshe beZoom neqhamuke nohlelo lokuba abantu bakwazi ukubambela imihlangano emqoka besebenzisa ezokuxhumana benoma yikuphi.
Lobu buchwepheshe obasungulwa yinjinga uMnu u-Eric S. Yuan nongumphathi nomsunguli weZoom Video Communications, buweze izinkampani nabantu abaningi. Ezimbonini ezifana nakwabezindaba izinto ziqhubeke sengathi akwenzakalanga lutho ngoba abantu bebesebenzisa uZoom ukuhlanganisa izinto.
Kunede kwabonakala ukuthi iZoom le iyaduma futhi yenza imali nabanye baqhamuka. IMicrosoft Teams iyinkundla yokuxhumanisa eyakhiwe nguMicrosoft, njengengxenye yomndeni wemikhiqizo iMicrosoft 365.
Amathimba ancintisana ngokuhlinzeka okufanayo njengeSlack ehlinzeka ngendawo yokusebenza kukhulunywa kuxhunywana nangokubonana, ukugcina amafayela, nokuvumela ezinye izisetshenziswa ukuba zisebenze.
Olunye uhlelo oluqhamukile lwalekelela ikakhulukazi ekuhleleni imihlangano emikhulu abantu bengekho ndawonye kube wuhlelo iwebhina. Iwebhina ukuhlanganyela ngezobuchwepheshe lapho isikhulumi noma abambalwa benza khona isethulo kubantu abaningi ababhalisile bekwazi ukubandakanyeka ngokubuza, bavote basebenzise nokunye okubaxhumanisa nesikhulumi.
Kuzo zonke lezo zinhlelo nezinye ezifana nazo, isintu sisizakele ngoba zenze kwabalula. Ngazo abafundi nothisha bebexhumana kuqhubeka umsebenzi.
Amalungu amabhodi ahlukene exoxa ngezixazululo ebhizinisini. Ochwepheshe namalungu ePhalamende neZishayamthetho behlangana bebhunga ngezixazululo. Imindeni nabangani bakwazile ukubamba imingcwabo kusetshenziswa lobu buchwepheshe kwakwazi ukuthi kugwenywe ukwephulwa kwemigomo kaHulumeni.
Ngisho nezinkonzo zibanjwe kubo lobu buchwepheshe. Konke lokhu yize bekuyofika kithi ekugcineni kepha ukhuvethe lwenze kwashesha kwafika njengoba namuhla abanye sebengochwepheshe kukho. Lokhu kufakazela inkulumo yesiZulu ethi ukuwa kwenye indlu wukuvuka kwenye.