Now Reading
Izishabasheki zemvelo zilwela ukongiwa kwemvelo eNairobi
Dark Light

Izishabasheki zemvelo zilwela ukongiwa kwemvelo eNairobi

Leli lizwe lizithola lisesibakabakeni kufanele ukuthi likhethe intuthuko noma ukongiwa kwemvelo njengoba umsebenzi wokwakha umgwaqo onguthelawayeka oxhaswe yiChina obiza izigidi ezingama-6000 uqala edolobheni iNairobi. Abezemvelo sebeveze izikhalazo eziningi ngokugawulwa kwezihlahla kuleli dolobha ukuze kuvulwe lo mgwaqo omkhulu, othathwa njengesisombululo saleli lizwe sokubhekana nesiminyaminya sezimoto.

Ngenkathi iziphathimandla zithembesa ukuvikela izindawo eziluhlaza okotshani, izishoshovu zemvelo zinomuzwa wokuuthi lokhu akwanele. Uma sekuqediwe ukwakhiwa kwalo mgwaqo ozobizwa ngokuthi yiNairobi Expressway, uzonciphisa izikhathi zokuhamba kuleli dolobha ngamahora ambalwa, lokhu kushiwo  yiKenya National Highway Authority (KENHA). Kepha ukuphela kwalo mgwaqo kusho izinkinga.

Ngemuva kokuthi usuqediwe lo mgwaqwo ohlongozwayo uzoshiya ukhondolo olude lokucekelwa phansi kwemvelo kanye nomhlaba ungekho muhle yize kukhula imibhikisho nokuphikisana nalokhu kwakhiwa kwalo mgwaqo yizakhamuzi zakuleli zwe kanye nezishoshovu zezemvelo.

Ngaphandle kwesicelo senkantolo, ogandaganda bayaqhubeka nokuduma kulo mgwaqo owakhiwayo okubeka ngokusobala ukuthi uHulumeni uzimisele ngokuwakha uwuqede.

See Also

UMqondisi weWangari Maathai Foundation, u-Elizabeth Wathuti uthe: “Okusikhathaza kakhulu ukuthi kunesikhalo esiqhubekayo eNkantolo Enkulu kazwelonke yezemvelo futhi uma lokhu kwakhiwa kusaphoselwe inselelo enkantolo, umthetho uthi kufanele kumiswe kuze kube isicelo silalelwa yinkantolo kodwa lokhu asikakuboni njengoba ukugawulwa kwezihlahla ngathi kusaqhubeka.”

UHulumeni waseKenya ubonakale sengathi uthintekile esenzweni esenzeke emasontweni amabili adlule, kulandela okunye ukubhikisha kwezishoshovu zezemvelo kanye nabahlali bakuleli dolobha iNairobi lapho umkhiwane oneminyaka eyi-100 ubudala wasinda ngesikhathi laba abakhayo begawula izihlahla endaweni.

Scroll To Top