Uthuthuva kubonakala umkhumbi waseTurkey uqiqinge impahla
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
ITurkey ibhikishele iGermany kanye nenhlangano i-European Union (EU) ngesonto eledlule ngemuva kokuthi amabutho aseGermany angaphansi kombutho wamasosha e-EU engene futhi azama ukusesha umkhumbi wezimpahla waseTurkey ababesola ukuthi uyisa izikhali eLibya ngokungemthetho.
Amasosha aqhamuka eHamburg, ayingxenye ye-EU abekwe ukuba aqaphe ukuthi uyahlonishwa umgomo wokumiswa kokuthunyelwa kwezibhamu eLibya, angene emkhunjini iRoseline A ebusuku kodwa abuye ahoxa ngemuva kokuthi iTurkey iphakamise ukuphikisana nalesi senzo se-EU obekuyiyo ebiyalele ukuthi umkhumbi useshwe, lokhu kushiwo uMnyango Wezokuvikela eGermany.
ITurkey ikhiphe amavidiyo akhombisa amasosha abehlomile elawula abashayeli bomkhumbi abebe beke izandla emakhanda bemi ebhulohweni iTurkey ethe elomkhumbi iRoseline A.
Lesi sigameko siqhamuka ngesikhathi esibi njengoba kuvele kukhona ukungezwani phakathi kwe-EU kanye neTurkey. Umphathi wengqubomgomo yezangaphandle ze-EU uthe ubudlelwano phakathi kwayo neTurkey buyafadalala mayelana nokufunwa kukawoyela waseTurkey osemanzini okuthiwa aweGreece neCyprus. Lo mphathi uphinde wathi unswinyo ezinyangeni ezizayo lungase luphume kule nhlangano luqondiswe eTurkey.
I-Ankara okuyinhlokodolobha yaseTurkey ithe lo mkhumbi ubuphethe izinto zokusiza futhi la masosha aseHamburg aphula umthetho wezomhlaba ngokuthi awalindanga ukuthola imvume yeziphathimandla zaseTurkey ukuba bangagibela yini kulo mkhumbi. ITurkey ibize amanxusa aseGermany, e-Italy kanye nawe-EU ukuba ayolalela isikhalo sayo.
Kodwa iGermany ithe ngemuva kwamohora amane ilinde impendulo yokuthi amasosha angangena yini emkhunjini, lokhu abakwenzile bekuwumkhuba ojwayelekile wokuthi ukuthula kuthathwe njengokuvuma. “Zonke izinqubo zilandelwe ngendlela efanele,” kusho okhulumela uMnyango Wezangaphandle.
UMnyango Wezokuvikela waseGermany uthe amasosha awatholanga lutho esolisayo ngesikhathi ethola umyalelo wokuthi aphume emkhunjini.
ITurkey iseka uHulumeni waseLibya owamukelwa umhlaba wonke empini yayo neRussia kanye namavukelambuso asekelwa yi-Egypt empumalanga yakuleli zwe.
Okhulumela uMnyango Wezangaphandle eTurkey, uHami Aksoy (0sesithombeni), uthe ukaputeni walo mkhumbi wayiveza yonke imininingwane emasosheni mayelana nomthwalo owawuthwelwe yilo mkhumbi nohambo lwawo.
“Ngisho esekwenzile lokho kwathi seligamenxe ihora lesihlanu ntambama amasosha ayehlomile agibela umkhumbi awuhlola futhi awuqapha okwathatha amahora amaningi,” kusho u-Aksoy.
“Siyasiphikisa lesi senzo esenziwe ngenkani futhi ngaphandle kwemvume futhi ngalokhu sinelungelo lokufuna isinxephezelo.”
Lo mkhumbi ongamathani ayizi-16 000 wasuka echwebeni laseTurkey iGemlik ngaseBursa emasontweni amabili edlule, wagcina ukubonakala ubheke eningizimu ntshonalanga ulibangise eLibya.