Now Reading
Kuya kuntwela kuTrump ngokudedela izintambo zombuso
Dark Light

Kuya kuntwela kuTrump ngokudedela izintambo zombuso

Ngemuva kwamasonto amaningi egoloza obenguMengameli wase-USA, uDonald Trump, ngesonto eledlule uvumele izikhulu ukuthi ziqhubeke nokudlulela kulowo onqobe ukhetho lobumengameli kuleli lizwe uMnu uJoe Biden.

UTrump unike imbangi yakhe ehola iqembu lamaDemocrats ithuba lokuthola izifinyezo kanye noxhaso lwezimali njengoba eqhubeka nemizamo yakhe yokulwa nemiphumela yokhetho.

UTrump, ongumholi weqembu lamaRepublican, usola ukuthi kube nenkohliso enkulu nokukhwatshaniswa kwamavoti okhethweni lwangenyanga edlule kepha ukusho lokhu ngaphandle kokuletha ubufakazi. Yize engakaze akwamukele ukunqoba kukaBiden, lesi simemezelo sakhe ngesonto eledlule besisondele kakhulu ekuvumeni kwakhe ukwehlulwa. 

IGeneral Services Administration (GSA), okuyiHhovisi lezwe okufanele kube yilo elisayina ukushintsha kombuso, litshele uBiden ngesonto eledlule ukuthi usengaqala ngokusemthethweni inqubo yokuthatha umbuso. Umphathi weGSA u-Emily Murphy uthe encwadini manje uBiden usezokwazi ukuthola izinsiza abekade enqatshelwe zona ngenxa yezingqinamba zomthetho ebezihloswe uTrump ebeziphikisa ukunqoba kwakhe.

Lesi simemezelo sikaTrump siqhamuke ngemuva kokuthi iziphathimandla zaseMichigan zikuqinisekisile ukuthi uBiden uyena onqobile kulesi sifundazwe, okwenze imizamo kaTrump yezomthetho yokuguqula imiphumela yokhetho kube nzima kakhulu ukuthi iphumelele.  

UTrump kanye nabeluleki bakhe bathe bazoqhubeka nokusebenzisa ingalo yomthetho ukuzama ukuguqula imiphumela yokhetho kodwa umbhalo wakhe enkundleni yokuxhumana uTwitter ubunophawu lokuthi neWhite House iyakuqonda ukuthi sekusondele isikhathi sokuqhubekela phambili manje.  

“Isikhalo sethu esiqinile sizoqhubeka, sizoqhubeka nokulwa kwethu okuhle futhi ngicabanga ukuthi sizonqoba! Noma kunjalo-ke ngenxa yokuthanda izwe lethu, ngincome ukuthi u-Emily nethimba lakhe abenze okudingeka ukuba kwenziwe maqondana nezinqubo futhi ngiphinde ngatshela ithimba lami ukuthi nalo lenze okufanayo,” kusho uTrump kule nkundla yokuxhumana.

Umeluleki kaTrump upende lesi senzo njengokufana kubo bobabili abaholi abazongenela ukhetho bethola izifenyiso ngesikhathi semikhankaso, wathi lokhu okushiwo uTrump akusho ukuthi uyakuvuma ukwehlulwa.

See Also

Isitatimende esiphume ethimbeni likaBiden sithe imihlangano izoqala neziphathimandla zezwe mayelana nempi leli zwe elibhekene nayo okuwukhuvethe, kanye nezingxoxo zezindaba zokuphepha kuzwelonke.

Lesi senzo seGSA sichaze ukuthi ithimba likaBiden selizoba nalo lonke uxhaso lwezimali lukazwelonke kanye nehhovisi elisemthethweni lokuqhuba ushintsho lombuso kuze kufike isikhathi sokungena esihlalweni sobuMengameli ngoMasingana. Lokhu futhi kuhlahlele indlela ukuthi uBiden kanye naloyo oyiSekela lakhe, uKamala Harris, bathole izifinyezo ezijwayelekile zokuphepha kuzwelonke ezitholwa nanguTrump.

Iziphathimandla ezimbili embusweni kaTrump zitshele abezindaba ukuthi ithimba likaBiden selingaqala noma inini ukusebenzisana nelikaTrump kubuyekezwe izinto zezwe.

Ngaphambi kwalesi simemezelo sikaTrump, uBiden uqoke amalungu aphezulu ethimba lakhe lezinqubomgomo zamazwe angaphandle, lapho ethathe umsizi wakhe othembekile u-Antony Blinken wamqokela ukuthi ahole uMnyango Wezwe kwathi lowo owayeyinxusa le-USA, uNobhala Wezwe kanye nowayesemkhankasweni wokuba ngumholi weqembu lamaDemocrats ngonyaka wezi-2004, uJohn Kerry, waqokwa njengesithunywa sakhe esikhethekile sesimo sezulu.

Scroll To Top