Ufuna ukuba yisitholwa saseKenya uLema



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Usopolitiki ophikisayo eTanzania ufuna ukubhaciswa eKenya futhi unxusa iziphathimandla zezwe ukuthi zingamubuyiseli ezweni lakhe, alichaze njengepharadisi “lokushushiswa”.
UMnu uGodbless Lema, okwamanje osabekwe esiteshini samaphoyisa esiseduze nomngcele neTanzania, uthe usabela impilo yakhe neyomndeni wakhe. Uthi ngaleso sizathu yikho ekhethe ukubaleka.
I-Amnesty International isiphakamise ukuthi iKenya ingamubuyiseli uLema ezweni lakhe ngempoqo ngenxa yokuthi uzobhekana nokushushiswa okungagcina kumfake ejele.
Isiteshi samaphoyisa uLema abekwe kuso sisedolobheni iKajiado, okungamakhilomitha angama-80 uma usuka emngceleni waleli zwe neTanzania. Abezindaba eKenya bathi kunemibiko ethembekile ethi leli zwe lingagcina limuhambisile uLema.
Abameli bakaLema babike ukuthi sebethintene ne-United Nations High Commissioner for Refugees( UNHCR ) emizamweni yakhe yokuthola ukubhaciswa.
I-Amnesty International esitatimendeni esikhiphile ithe ukubuyiselwa kukaLema ezweni lakhe kuzobe kuchaza ukuthi iKenya iphula umgomo wokungabuyiselwa kwabantu emuva, okubeka ngokucacile ukuthi amazwe awavumelekile ukuxosha abantu emngceleni wawo abafuna indawo yokubhaca noma ibabuyisele emazweni ababaleke kuwo lokho okubabeka engcupheni yokuthi bashushiswe.
Umqondisi wale nhlangano u-Irungu Houghton usecele iKenya ukuba ihlinzeke uLema ngendawo yokuhlala kanye nokhuselo. ULema ungene ohlwini olukhulayo losopolitiki abaphikisayo eTanzania ababhekene ngqo noHulumeni ezinsukwini ezimbalwa uMengameli uJohn Pombe Magufuli enqobe ihlandla lesibili.
Obegaqele isikhundla sikaMengameli uMnu Tundu Lissu obehola iqembu eliphikisayo naye ogxeke imiphumela yokhetho, waphinde wanxusa ukuba abantu bathathe izinyathelo ezijulile babhikishe ngobuningi babo, njengamanje ubhace ezindlini zamanxusa aseGermany eDar es Salaam.