Now Reading
Kuphekwa kuthululwa: UMengameli wesibili esikhathini esingaphansi kwesonto
Dark Light

Kuphekwa kuthululwa: UMengameli wesibili esikhathini esingaphansi kwesonto

Anathi Mtaka

Kulindeleke ukuba uMnu uFrancisco Sagasti oyisishayi mthetho sasePeru abe nguMengameli wesikhashana olandelayo waleli zwe elihlaselwe udlame, imibhikisho nokungazinzi kwezepolitiki.

USagasti uqokwe njengenhloko entsha yePhalamende lakuleli zwe okuyisikhundla esimubeka ethubeni lokuthatha esobuMengameli wesikhashana ngemuva kokuthola amavoti angama-97. USagasti (76) ongunjiniyela nesifundiswa futhi owake waba yisikhulu kuWorld Bank, angaba nguMengameli waleli zwe wesine esikhathini esingaphansi kweminyaka emihlanu nowesibili kwesingaphansi kwesonto.  

Scroll To Top