Now Reading
IGreece ne-Egypt esivumelwaneni semingcele yasolwandle
Dark Light

IGreece ne-Egypt esivumelwaneni semingcele yasolwandle

“IGreece ne-Egypt bazolamukela iqhaza eliqavile elizobanjwa yi-USA eMiddle East kanye nasempumalanga neMediterranean,” kusho uNdunankulu waseGreece uKyriakos Mitsotakis ngesikhathi ekhuluma nabezindaba evakashele uMengameli wase-Egypt u-Abdel Fattah al-Sisi.

I-Egypt neGreece basayinda isivumelwano sokumiswa kwemikhawulo yolwandle ngenyanga uNcwaba,  okwakubanikeza amalungelo ngemithombo yemvelo eseMediterranean.

UNdunankulu uMitsotakis uthe lesi sivumelwano siyakhombisa ukuthi la mazwe ayawuhlonipha umthetho wamazwe omhlaba futhi ubudlelwano obuhle phakathi kwamazwe angomakhelwane bukhiqiza imiphumela emihle ezakhamuzini zalawo mazwe. Uphinde wabika ukuthi la mazwe womabili azimisele ngokwandisa lesi sivumelwano.

ITurkey enengxabano neGreece ngenxa yokugqagqana kwezimangalo zezinsizakusebenza zamandla kagesi eMediterranean, ithi lesi sivumelwano  singena ngqo endaweni yayo.  

Lesi sivumelwano siphinde sidlulele nasezindaweni zasolwandle iTurkey eyavumelana ngazo neLibya ngonyaka odlule iGreece yathi lesi sivumelwano sala mazwe asikho emthethweni.

Ukungezwani phakathi kwala mazwe angabalingani enhlanganweni iNorth Atlantic Treaty Organisation(NATO) kwaqubuka kulandela isivumelwano lapho iTurkey yathumela umkhumbi wayo emanzini abangwayo eMediterranean.

See Also

I-Ankara okuyinhlokodolobha yaseTurkey yanquma ukuwubuyisa lo mkhumbi ngenyanga kaMandulo ngenxa yemizamo yezingxoxo phakathi kwala mazwe kodwa kuphinde kwavela ukuthi yaphinde yawuthumela kula manzi anempikiswano.  

Ngesonto eledlule iGreece ithe izeluleko zasolwandle zaseTurkey kusukela ngoLwezi zili-11 kuya zingama-23 okufaka phakathi nendawo eba nokuzamazama komhlaba, kube yisenzo esicasulayo ngakho icela iTurkey ukuba ihoxise konke ekushilo ngokukhulu ukuphuthuma. “Sivumile ukuqhubeka nobumbano lwethu, sihambisana nawo wonke amazwe angabangani kithi ukuze sibhekane ngqo nanoma ngubani osabisa noma ofuna ukuphazamisa uzinzo nokuvikeleka kwalesi sifunda, nangendlela evimba noma yiliphi iqembu ukuthi lingaphoqeli izikhundla zalo zobutha,” kusho uSisi.

Scroll To Top