Ibashaya ngomngqimuzo iSABC abezamankomane



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Umdlalo wamankomane wawunesasasa kwabaningi khathi izimpi zisakhonjiswa bukhoma yiSABC kuthelevishini
Unyaka wezi-2010 awusoze waphela ezingqondweni zabantu balapha eNingizimu Afrika kwazise elakuleli lasingatha ngawo iNdebe YoMhlaba kanobhutshuzwayo.
Lokhu kwaba inqophamlando njengoba kwakuqala emlandweni ukuthi izwe lase-Afrika lisingathe lo mqhudelwano. Sekuwumlando ukuthi iNingizimu Afrika yawusingatha ngokwezinga eliseqophelweni eliphezulu.
Ukuza kweNdebe YoMhlaba esingathwa emva kweminyaka emine kuleli kwaletha umehluko omukhulu eNingizimu Afrika okubalwa nokuphakama komnotho kwazise kwakuze izinkumbi zabantu ababeqhamuka emazweni angaphandle abacitha isikhathi esingangenyanga behlezi kuleli.
Yize lowo nyaka ungasoze wakhohlakala kodwa washiya kukhalwa kwezamankomane kuleli.
Okwenza lokho ukuthi bathi abamankomane bekhala ngokuthi izinga lokusakazwa kwezimpi liyehla, abakwaSouth African Broadcasting Corporation (SABC) bazivikela ngokuthi izinsiza kusebenza eziningi zizosetshenziswa ukusakaza imidlalo kanobhutshuzwayo, ezamankomane zona azime kancane.
Kusukela lapho izinto aziphindanga zabuyela esimeni kuze kube inamuhla kunyaka wezi-2020 njengoba kugqoza nje ukusakazwa kwezimpi kwaSABC.
Lesi senzo singesibuhlungu njengoba abathandi balo mdlalo kumele begcina bebuka izimpi zakuleli kuDStv.
Kuliqiniso ukuthi akubona bonke abantu abakwazi ukukhokhela iDStv esakaza ezamankomane. Lokho kwenza abantu abaningi bangazi ukuthi kwenzekani nokuyinto okwenza lo mdlalo kube sengathi awunakiwe kangako kuleli.
Ngaphezu kwalokho izinhlaka zesibhakela ziyayikhokhela ilayisense yethelevishini yeSABC.
Ngiyakuqonda ukuthi ukuze kusakazwe izimpi kumele kube khona izingxoxo ezithize kodwa umdlalo wamankomane uwumdlalo wasekhaya abantu abaningi bakhule bewulandela.
Eminyakeni edlule bekwaziwe ukuthi njalo ngoLwesihlanu kusukela ngehora le-20:00 kuzoba khona impi kuze kuyoshaya ihora le-23:00 kuSABC 2, kodwa manje lokho akusenzeki sekuvele ngaleso sikhathi kudlale ingqayi ethize. Kubuhlungu ukuthi kuSABC 3 kuvezwa imidlalo yeBundesliga okuyiligi enkulu yaseGermany ne-English Premier League (EPL) yona okuyiligi enkulu yase-England yize benza inzuzo ngayo kodwa umbuzo uthi kuthini ngemidlalo yakwethu?
ISABC iyinyathele emsileni ngesikhathi ithatha isinqumo sokusakaza imidlalo yalama ligi, lokho kwenza ukuthi izinhlaka zezamankomane okukhona kuzo amabhokisa, abaqeqeshi, onompempe, ophromotha, yizimenenja nabanye badinwa bathelwa ngamanzi. Bebabaza ihlazo bekhihla eseNdlovukazi uNandi bethi ISABC isingaze iyekelele isibhakela sakuleli sife iqome ukubonisa imidlalo kanobhutshuzwayo waphesheya kwezilwandle.
Ukukhombisa ukuthi babediniwe laba ababalwe ngenhla baze bahlela imashi ebheke ekomkhulu leSABC e-Auckland Park eGoli ukuzoveza izikhalo zabo ngoba bebona ukuthi izinga lo mdlalo selehle kakhulu kuleli. Ngesikhathi kuhlelwa le mashi inhlangano ephethe lo mdlalo iBoxing South Africa (BSA) yakhetha ukuziqhelelanisa nayo.
Ngowezi-2017 esigcawini sokucobelelana ngolwazi sophromotha esasikwaSABC, le nhlangano esakazela umphakathi yathembisa ukusakaza lo mdlalo ngokuphelele kodwa kayikaze ikwenze lokho.
Kuze kuhlelwa imashi nje kwakungamele kuze kufikwe nalapho. IBSA eholwa uCindy Nkomo isibe nemihlangano eminingi neSABC kodwa isixazululo ekugcineni asiphumi.
Esinye sezikhulu esisanda kushiya kuBSA ezinyangeni ezidlule sacashunwa sithi: “Sesikhathele ukuncenga iSABC, miningi kakhulu imihlangano kodwa asikho isixazululo.”
Ukungasakazwa kwezimpi kwenza ukuthi kuhoxe abaxhasi abaningi. Akugcini lapho kodwa kucindezela amabhokisa okuphoqeleka ukuthi aze ayolwa izimpi zawo phesheya kwezilwandle.
ISABC ayingakhethi iphela emasini, akungabi khona imidlalo okungathi mikhulu kuneminye. Eminye imidlalo engasakazwa eyeNetball, emasontweni edlule bekuneligi ebizwa ngeTelkom Netball League (TNL) okuyiligi enkulu yamaqembu kuleli ibisakazwa kuDStv abangenayo bebezwa ngendaba.
Kuyimanje udaba olusakhulunywa olokusakazwa kwemidlalo yekhilikithi okuzotholana phezulu amaProteas ne-England. Umbuzo uthi ngabe izogcina isakaziwe yini le midlalo na?