Now Reading
Uthembisa ukubhekana ngqo nokhuvethe uBiden ezinhlelweni zakhe
Dark Light

Uthembisa ukubhekana ngqo nokhuvethe uBiden ezinhlelweni zakhe

Usuku ngemuva kokunqoba ukhetho lobuMengameli umholi weqembu lamaDemocrats, uMnu uJoe Biden nabeluleki bakhe bahlanganise amakhanda bezama ukubona ukuthi bazobhekana kanjani nokhuvethe waphinde waqinisekisa izinhloso zakhe zokuvala nokunciphisa ukwehlukana okukhona kwezepolitiki kuleli lizwe.

Umholi weqembu lamaRepublicans, uDonald Trump, obe nguMengemali wokuqala wase-USA ukwehluleka ukuthola ihlandla lesibili ngemuva kweminyaka engama-28, akakwamukeli ukwehlulwa njengoba umkhankaso wakhe uqhubeka nokulwa ngezindlela zomthetho ukuphikisa imiphumela yokhetho. Isithombe esivelile ngempi ende uBiden azobhekana nayo uma esengena esikhundleni ngenxa yabashayi bomthetho abaqhamuka eqenjini lamaRepublicans, ilapho abaholi balo bengakavumi nabo ukuthi uyena onqobile.

Enkulumweni yakhe ayethule esifundeni azalelwa kuso iDelaware ngesonto eledlule, wethule umyalezo wobunye nokubuyisana, wamemezela nokuthi “sekuyisikhathi sokwelapha” isizwe. 

“Umsebenzi uqala njengamanje,” kusho isekela lomphathi womkhankaso kaBiden uKate Bedingfield.

UBiden ukuveze kwacaca ukuthi ukubhekana ngqo nokhuvethe iyona nto ebaluleke kakhulu. UBedingfield uphinde waveza ukuthi uBiden uhlela ukusungula ithimba elizobhekana ngqo nokhuvethe elizohlela indlela eyaphambili liholwa ngowayengudokotela uVivek Murthy nowayengukhomishana wokuphathwa kokudla nezidakamizwa uDavid Kessler. Kuzokhumbuleka ukuthi Biden wenza ukugxeka izenzo nezimpendulo zikaTrump ngokhuvethe umgogodla womkhankaso wakhe. Wathembisa ukuthuthukisa inqubo yokuhlolela ukhuvethe futhi ngokungafani noTrump uzolalela izeluleko zabezempilo nososayensi. Bangaphezu kwezigidi ezi-5 abantu abaphelelwe  umsebenzi kuleli lizwe ngesikhathi sokhuvethe. UBedingfield wengeze ngokuthi uBiden “uzoqondana ngqo nomsebenzi wokubuyisana kwaleli zwe, ukubeka eceleni izinkulumo ebezinzima emikhankasweni kuqondwane ngqo nomsebenzi wokuphatha izwe”.  

Ngokungafani nabanye abahlulwa okhethweni lobuMenmgameli, uTrump akasikhiphanga isitatimende sokuvuma ukwehlulwa noma welula isandla sobudlelwane noBiden.

See Also

UTrump ngesonto eledlule enkundleni yokuxhuma uTwitter egxeka isithunzi sokhetho uthe: “Lolu khetho luntshontshiwe.”  Kungekhona okokuqala, uTwitter ukuphikisile okushiwo uTrump.

UTrump  nabeluleki bakhe abakabulethi ubufakazi ngalokho abakubiza ngokukhwatshaniswa kwamavoti. Izikhulu zokhetho ezifundeni zaleli zwe zithe abukho ubufakazi bokukhwabanisa okhethweni.

UBiden phambilini wayethe uhlele ukusayina umthetho ophikisana nokunqatshelwa kwabantu abaqhamuka emazweni enkolo yobuSulumane, ukujoyina kabusha isivumelwano ngesimo sezulu emhlabeni jikelele,  ukuhlehlisa isinqumo sikaTrump sokukhipha leli zwe enhlanganweni iWorld Health Organization (WHO).

Scroll To Top