Now Reading
Ugogo uMahlangu inkanyezi yaboHlanga
Dark Light

Ugogo uMahlangu inkanyezi yaboHlanga

Intombi endala yakwaNdebele eyisibani sezizukulwane ibigubha engama-85 yabona ilanga


Emhlabeni lapho impumelelo ichazwa ngendlela ethize, intombi endala yabeNguni, ugogo u-Esther Mahlangu ungowehlukile. Ungena ezindaweni eziphambili, ame nabantu abahlonishwayo emhlabeni enguye edlubhe isiNdebele sakwabo. 

Esizweni sabeNguni bamaNdebele uyisibani esikhanyisela isizukulwane ngendulo. Ukuzigqaja kwakhe kusuka ekugqokeni kwakhe nasemsebenzini wakhe wezandla kuthela ngehlazo bonke laba abacabanga ukuthi ukuhlakanipha wukukhuluma isiNgisi noma ababuka ubuhle ngeso lasentshonalanga. 

Kufika i-University of Johannesburg nje imhloba esokuba ngudokotela, kwabakwabo kwaNdebele ugogo uMahlangu uyisibunge esisondeza abancane nabadala emsukeni wabo.  

Umsebenzi wakhe, ukuzinikela kwakhe kwakwenzayo kuyisifundo hhayi kuphela emacikweni afisa ukwenza njengaye kepha kuwo wonke umuntu othi ungumAfrika.

Lokhu akwenzayo yisipho sabakwabo ngoba uma elanda uthi isipho lesi wasithola esemncane ngesikhathi eyingxenye yesiko lokukhuliswa kwamantobazane amaNdebele. Imidwebo yakhe yavunywa ngamaJalimane nokwathi ngonyaka we-1999  abakwaBMW bamcela ukuba ahlobise imoto yabo yohlobo oluphambili okuyi-525 Sedan.  Mva nje abakwa Rolls-Royce kuleli bathe ngeke basale njengoba bamcele ukuba ahlobise iPhantom  nokuyimoto ezobizwa nge “The Mahlangu” 

See Also

Kuleli sonto ubegubha iminyaka engama-85 abona ilanga. Kwababuza ukuthi njengoba esemdala uyophumula nini, ugogo impendulo unayo: “Ngiyabuthanda ubuciko. Buyingxenye yami ngeke ngikwazi ukubususa kulokhu engiyikhona. 

Abantu abaningi bangibuza ukuthi ngizophumula nini kulo msbenzi. Ubuciko abusiwona umsebenzi kimina, buyingxenye enkulu yengiyikhona futhi ngizoqhubeka ngilobe (ngipende) uma nje ngisakwazi,” kusho intombi endala.

Scroll To Top