Now Reading
Ubedliwa ngumdlavuza noma ngushevu? UNdobe uzikhulumela ngale kwethuna
Dark Light

Ubedliwa ngumdlavuza noma ngushevu? UNdobe uzikhulumela ngale kwethuna

Ezinsukwini zokugcina ugonyuluke kwelaboHlanga. Ukhala ngabakwabo eqenjini

Kumalungu e-African National Congress (ANC) nakulawo adlelana nayo isigameko sokwedlula emhlabeni komunye wabaholi abebesebancane futhi bethembisa kushaqisile. Emalungwini omndeni wakwaSiwa (abakwaNdobe) indlela ukufa okubavakashele ngayo nanamuhla akukholakali futhi namanje basadidekile.

Ngokwemibiko umufi uMnu uMluleki Ezekiel “Bhutana” Ndobe, uhambe ngesikhali nangesandla sakhe. Okunye okugqamile embikweni ngokwedlula kwakhe iningi ebelingakwazi wukuthi kwenzeka konke nje lokhu ubelwa nesifo somdlavuza. Nokho leli phephandaba selingakuqinisekisa ukuthi ngokukaNdobe ozofihlwa kule mpelasonto, ukukhubeka kwempilo yakhe  kuqale ngezinsolo zokuthi wabe eyingxenye yetulo labantu ababulala uMnu uSindiso Magaqa. Konke lokhu wakusho ngesikhathi ecele umhlangano nelaboHlanga ezinyangeni ezimbalwa ngaphambi kokuba edlule emhlabeni. 

Ngosuku (kunguLwesihlanu)  akhuluma ngalo nelaboHlanga wathi unezinhlelo ezimbili ayezoba nazo kanduba ahlangane nelaboHlanga. Uhlelo lokuqala kwabe kuwukuvela emahhovisi akwaSouth African Revenue Service (SARS) ePinetown bese edlulela emahhovisi e-ANC enkabeni yeTheku.

“Kuhle sibonane ukuze ngiveze konke engicabanga ukuthi izwe kumele likwazi. ElaboHlanga ngiyakholwa ukuthi lethembekile ukuba lisingathe lolu daba. Ngiyalethemba,  okokuqala ukuthi lizobheka ukuthi engikushoyo kuliqiniso yini. Okwesibili ngiyazi ukuthi iqiniso niyalimela futhi kanichemi futhi ninesifuba. Lokhu engininika khona kukhona lapho kuqoshwe khona ngevidiyo. Kunabantu okuyothi uma kwenzeka noma yini kimi bathintane nani. Ngizocela ukungawasho amagama abo kepha umyalelo wami kubo uqonde ngqo, iphasela nobunye ubufakazi buzoqala kuBayede,” kuyalela uNdobe.

Sekuwumlando ukuthi emahoreni nje ambalwa kuvele izindaba zokuthi akasekho uNdobe, imilayezo emibili ithunyelwe kwelaboHlanga mayelana nephasela neligcine lifikile. Ukuqinisekisa ukuthi konke okukulo kuyikho akukokotelwanga, elaboHlanga lilalele labuka konke lalumbanisa nalokhu umufi akuqopha mhla enelaboHlanga. Konke ukukhuluma bekuhambisana umehluko wukugxila okube khona uma ekhuluma nelaboHlanga nayilapho edalule namagama abaholi abathile nathi ngesikhathi eboshwa babengemuva kwalokho.

Ekucubunguleni zonke izinkulumo leli phephandaba lingakuqinisekisa ukuthi uNdobe obevela emphakathini njengomuntu ohlale emamatheka novikela iqembu lakhe, uhambe emhlabeni engeneme. Ukungenami kwakhe kwakusendleleni aphathwa ngayo ngabanye babaholi namalungu enhlangano ayimele kwaze kwasekugcineni. Izigameko okubukeka ukuthi beziyiva enhliziyweni yakhe wudaba oluthinta izinsolo zokuthi wabe eyingxenye yababulali bakaMagaqa. Okwesibili yindlela abanye abaholi abasingatha ngayo udaba lokuphakanyiswa kwakhe esikhundleni esithize eqenjini. 

Odabeni lukaMagaqa uNdobe uthi: “Lesi (sokusolwa) kwaba yisigameko esibuhlungu kakhulu empilweni yami nengeke ngisikhohlwe. Kepha kuhle ngichaze ukuthi umsuka wakho ukuphi. Konke lokhu kwenzeka ngesikhathi lapho kukhona izigameko zokubulawa kwabaholi ikakhulukazi emazingeni oHulumeni Bendawo. Lokhu kwenzeka kuzo zonke izingxenye zesifundazwe, nakhona esifundeni engivela kuso iHarry Gwala. Okwaba buhlungu wukuthi kungakenzeki lokhu, iHarry Gwala bekuyindawo enokuthula nengathintekanga kuyaphi nangezikhathi zokulwa phakathi kwe-ANC ne-IFP,” kuchaza uSiwa.

Ebuzwa ukuthi kungani ukungaboni ngasolinye kwakapakela naseHarry Gwala ikakhulukazi eMzimkhulu, uNdobe wabeka wathi: “Ukuhlaziya kwami isimo nembangela yezigameko zokusocongwa kwabaholi ukuthi ukusuka kwami ngonyaka wezi-2015 njengoSihlalo wesifunda sengiyoba yiSekela likaNobhala esifundazweni, abasala ngemuva yabaphunyuka njengoba kwaqala ukungaboni ngaso linye. Lokhu kungaboni ngasolinye kwaba nezidumbu phansi njengoba kwaqala ukusocongwa kwabantu. Owokuqala owasocongwa kwaba nguMnu uKhaya Thobela owayenguSomlomo eMzimkhulu. UThobela wayesembangweni wokuba nguSihlalo wesifunda futhi eze kabi. Wabulawa phambi komndeni wakhe nokwaba wukuqala kwezigameko zokusocongwa kwabaholi endaweni,” kubeka uNdobe.

Uqhube wathi: “Emuveni kokubulawa kukaThobela kwalandela uMnu uMduduzi Shibase owayeyiKhansela lendawo kuWadi 14. Emuveni kukaShibase kwaba nguMnu uSindiso Magaqa. Uzoqaphela ukuthi bonke laba ukuthi bonke laba baholi nakwenzinye izindawo ngalesi sikhathi babelimala emzini yabo phambi kwemindeni noma endleleni bephuma emihlanganweni.  Kuzo zonke lezi zigameko ngaleso sikhathi kwabe kuwukuthi lezi kwabe kuyizenzo zobugebengu, okumele abenzi bobubi babanjwe, hhayi kuphela laba abangababulali kepha nalabo abahlela lokhu nabakhokhela ababulali,” kuchaza yena.

Wabe esengena odabeni lukaMagaqa ngqo nowayebonakala ukuthi lumphatha kabi. Uveze ukuthi uMagaqa empeleni ubuholi bakhe bavunjululwa nguye. “Kuzobaluleka ukuthi ngiqale ngiveze ubudlelwano bami noMagaqa. Ngaqala ukuhlangana naye esengumfundi ngesikhathi njengomholi wenhlangano ngaleso sikhathi siyongenelela odabeni olwabe lwenzeka nolwabe luthinta abafundi nesikole endaweni. Ngathi uma ngibona abafana ababili ngabona abantu abanobuholi ngaphakamisa ukuthi abathathiswe ubulungu beqembu. Laba bafana kwakungenye insizwa yakwaMjoli owesibili kunguMagaqa. Ngiyakhumbula  ngaleso sikhathi kwakukhona  nokukhuluma okwakuthi bobabili bangamalungu e-UDM ayetshalwe ukuba azophazamisa uthishanhloko, uMnu uHlefana owayelilungu le-ANC njengoMgcinimafa egatsheni lami ngaleso sikhathi,” kuchaza uNdobe. 

Uphinde waveza ukuthi kwaba wukungenelela kwakhe nomunye umholi kuKhongolose, uNks uNobuhle Nkabane, okwenza ukuba uMagaqa owayesemusha enhlanganweni futhi esemncane  amenywe ukuthi abe yilungu lokwengezwa ebuholini kulandela umthethosisekelo wenhlangano. UNdobe uthi akuyona imfihlo ukuthi njengakunoma yiyiphi inhlangano kwakuba khona ukwehluka ekwenziweni kwezinto phakathi kakhe nabanye okubalwa uMagaqa nokho uthi lokho kwabe kungekho ezingeni lobutha, nathi uyaxakeka uma sekukhona abathi babeyizitha. 

Imibuzo ngokufa kukaMagaqa

Okunye akuvezayo wukuthi uma kuyikuthi uMagaqa wabulawa ngenxa yodaba lwehholo langakubo njengoba kushiwo, kuye akwenzi mqondo ukuthi kungani kuzosolwa yena owayeyiMeya yesifunda umsebenzi wakhe ongathinti amahholo kepha ogxile ekuhlinzekeni abantu ngamanzi. Khona lapho uthi nangosuku uMagaqa abulawa ngalo wanyengekho ngisho kuleli kepha eseChina.

“Ngaziswa ngokulimala kwakhe ngiseChina ngakusasa. Ngathi uma ngibuya ngahlela ukuba ngiye kombona esibhendlela kepha ngaziswa ukuthi kungena amalungu omndeni nabangani  kuphela. Nokuthe uma esedlula emhlabeni kwavela izindaba zokuthi udliswe ushevu. Umbuzo uthi ngubani owenze lokho ngoba bonke abantu ababenukwa ukuthi yibo abanesandla abakaze baye kombona, abantu ababevunyelwe ukumbona ngumndeni nabangani kuphela,” kubuza uNdobe.

Amasongo kaSigonyela

Echaza ngokuboshwa kwakhe uthi kwaba yisimanga. Uthi wavuswa ngehora lesine ekuseni ngumsizi wakhe nowamazisa ukuthi ekhaya eMzimkhulu ufunwa ngamaphoyisa. Uthi wasuka khona lapho (eThekwini) elibangise eMzimkhulu endleleni wacabanga ukuthi kungcono azinikele emaphoyiseni aseduze ukuze angakhi isithombe sokuthi uyabaleka. Nembala kwathi uma esezinikele afonelwa lawa ayeseMzimkhulu nagcina efike eThekwini ukuzomlanda. Uthi okwenziwa kuye ezinikela kwamehlisa isithunzi.

See Also

“Kwathi uma befika bangifaka ozankosi kusuka eThekwini kuya eMzimkhulu. Kubo kwakubanjwe umgulukudu. Kwathi uma sesizongena ekhaya ngakhalela izingane zami ezabe zizongibona ngingena nozankosi. Bangizwela kwathi uma kufikwa izingane bazivalela ekhishini, kwakuyihora lesithupha zivuswa. Lokho kwaba buhlungu kimi kakhulu,” kuchaza uNdobe nobuso obujulile.

Uthi nguye owatshela amaphoyisa ukuthi kunezibhamu, esinye eThekwini nesinye eMzimkhulu nacela ukuba bazithathe ukuze babheke ubufakazi. Nembala zashaqwa izibhamu. ElaboHlanga lithole ukuthi kwathi angasuswa amacala kuNdobe nabophiko lwezibhamu baphothula owabo umsebenzi nowathola ukuthi izibhamu azinabufakazi. Ngokomthombo osemaphoyiseni lokhu kwenziwa ngoZibandlela nyakenye. Okube sekumangaza wukuthi kuvela ukuthi zibuyiselwe kuNdobe ngosuku alimala ngalo. 

Abuveli ubufakazi bokuthi nguye owazilandela ngenxa yesimo sempilo kepha ngokwalo mthombo osemaphoyiseni ukukhuluma okungaqinisekisiwe wukuthi wabhala (uNdobe) incwadimvume ukuthi zilandwe ngothile (elaboHlanga linalo igama lalo muntu). Ngokwemibiko kuthiwa ngesinye salezi zibhamu esinqamule impilo yakhe. 

Ukuhlatshwa wukugula

USiwa uveze nokunye okushaqisayo ngempilo yakhe emuva kokuphuma ejele. Ngaleso sikhathi kwabe sekubonakala ukuthi kamuhle emzimbeni. Uma elanda uthi: “Uma ngiphuma ejele isimo sempilo yami asibange sisaba sihle. Ngiqale ngangena esibhedlela ngiphindelela indaba kuyizinso okwabe sengathi zinobuthi. Udokotela wami wangeluleka ukuthi ngaphandle kokhwantalala lokuba sejele kukhona okushaya amanzi nathi ngubuthi.” ElaboHlanga linalo igama likadokotela nokho liqome ukungalivezi. Ekhuluma nelaboHlanga uNdobe wabika ngezinhlelo zokuyosuswa kwenso nokuyinto iphephandaba elingatholanga ukuthi kwagcina kwenzekile yini. Imibiko yokuthi uhamba nje ubenomdlavuza ayikaqinisekiswa yileli phephandaba.

Okokugcina akhala ngakho yilokhu akubiza ngokubulawa ephila ngabakwabo eqenjini athi babenamazondo hhayi kuye kuphela kepha nabanye ababehamba naye. Wathi okubuhlungu wukuthi abenza lokhu ngabantu abasebasha kanti nalabo athi ngisho esengasekho bazohujwa ngabantu abasebasha.

“Ngesikhathi ngihanjswa eMzimkhulu ngibuye ngibuyiswa eThekwini ngamaphoyisa, akukhuluma kimi ukuthi konke okwenzakalayo yipolitiki. Empeleni ngabuthola ubufakazi bokuthi omunye wakwethu eqenjini nowayesesikhundleni kuHulumeni wayewathinta amaphoyisa ngenhloso yokuthola ukuthi asekuphi. Ucomrade (igama lakhe ligodliwe) akuqondakali ukuthi engelona iphoyisa wabe esazi ngani ukuthi ngizoboshwa nokuthi kungani ayenendaba nokuthi kwenzakalani.

“Kanti kwafika nakimi ukuthi abanye ababengeneme ngendlela engabe ngiqhuba ngayo umsebenzi weqembu nowawuthinta izinkinga zeTheku babe sebeba wumbimbi nabanye endaweni lapho ngivela khona eHarry Gwala,” kusho uNdobe owabe esenika elaboHlanga uhlu lwabantu athi babeyimpi kuye nesiqome ukuwagodla okwamanje.

  • Lolu daba luncike engxoxweni ekhethekile noNdobe. Ozul’azayithole bazokuhluza lokhu okuthunyelwe ngababejutshwe ngumufi. Udaba luyaqhubeka ngelizayo.

  • Uzalwe zili-19 kuMasingana we-1975 eKokshill kwaSondzaba, eMzimkhulu.
  • Ubezalwa uNkk uNondumiso MaNkohla Ndobe noMnu uMshosholozi Ndobe abangasekho.
  • Uqale isikole eZwelibanzi Junior Secondary  kusuka kuGrade 1 kuya ebangeni lesi-8.
  • Wadlulela e-Ibisi Senior Secondary School lapho aaphothulela umatikuletsheni ngowe-1995.
  • Ngowe-1996 wahlala ekhaya, ngonyaka olandela wayofundela ubuthishela wenza  eMzimkhulu College of Education waqeda ngowe-1999.
  • Ngowezi-2002 waqashwa waba uthisha eRietvlei  Junior Secondary lapho akhombisa ikhono eliyisimanga lokuthanda ezemfundo nokugqugquzela intsha.
  • Ngowezi-2006  waqokelwa ukuba iKhansela kuMasipala uMzimkhulu emele i-ANC nalapho ayeyilungu lesigungu esiphezulu somkhandlu.
  • Ube iMeya yesifunda iHarry Gwala.
  • Udlule emhlabeni eseyiPhini likaSomlomo eSishayamthetho saKwaZulu-Natal.
Scroll To Top