Isimomqondo esiseka ubuholi besifazane esiyolamula
USikhakhane yintatheli emnkantshubomvu egxile ekuphenyeni izindaba zepolitiki.
Izibalo ezikhishwe iKhomishana ebhekele ukhetho okuyi-Independent Electoral Commission (IEC) ngesibalo sabesifazane abangenele ukhetho lokuchibiyela obelungoLwesithathu kuleli sonto, zifake amahloni uphiko lwamantombazane asohlakeni lweYoung Womens Desk ku-African National Congress (AmaYangayanga) njengoba ekhala ngokuthi lokhu kuyizinkomba zokucindezelana kwabesifazane bebodwa.
Lolu hlaka luxoxe nelaboHlanga ngemuva kwemiphumela yokhetho obelukomasipala baseNingizimu Afrika abangama-56 ngaphansi kwamawadi angama-96 ezifundeni ezingama-461.
Ezibalweni ezikhishwe iKhomishini Yokhetho zalabo abebengenele lolu khetho lokuchibiyela emawadini ehlukene asebaliwe ngenhla, sebebonke abebengama-444, abesifazane bebeyi-139 kuphela kanti abesilisa bekuyiviyo bengama-369.
UNks u-Aluwane Chokoe wamaYangayanga ehhovisi likazwelonke eLuthuli House, uthe abaphathekile neze kahle futhi bazizwa benamahloni ngoba lokhu kusakhomba ngokusobala ukuthi ngisho umphakathi usakholelwa kakhulu kwabesilisa uma kuziwa ebuholini.
Nokho ubuye akhale ngomama ukuthi banomthelela kulokhu ngenxa yokuthi indlela abakhule ngayo ibenza bakholelwe ukuthi umuntu wesilisa nguye ofanelwe isikhundla sobuholi.
“Inkinga esinayo ukuthi lokhu okwenzeke okhethweni lokuchibiyela kuyisibuko esiveza ngokusobala indlela imiphakathi yethu esacabanga ngayo uma kuziwa kwezobulili nokuphatha. Okunye esinenkinga nakho ukuthi thina singamantombazane amancane siyayilwa le nto futhi ezikhungweni zemfundo ephakeme izithelo seziyaqala ziyabonakala kodwa omama bethu nalaba abadala kithi besifazane basanenkungu yengcindezelo ebenza bangazethembi kodwa bazi ukuthi ubuholi bufanele umuntu wesilisa. Ngisho nangaphakathi ku-African National Congress nakwamanye amaqembu ezepolitiki inkulu le nkinga yokungasekwa kwabantu besifazane ezikhundleni eziphezulu. Buka nje kuTop 6 ye-ANC sinomholi oyedwa nje vo wesifazane okungumama uJessie Duarte ekubeni abantu besifazane ngokwezibalo enhlanganweni nasemphakathini yibo abaningi. Lokhu kuyasikhalisa kakhulu futhi kuseyinto esekude ukuphela ngoba uma nje ungaya KwaZulu-Natal uphakamise ukuthi umholi olandelayo wesifundazwe akube umuntu wesifazane ungathola lo mbono ucindezelwa yibo kanye abesifazane ngoba ngokwesiko nendlela esikhuliswe ngayo umuntu wesilisa nguye obonakala efanelwe yilezi zikhundla zokuhola isizwe noHulumeni nezinhlangano,” kuchaza uNks uChokoe.
Uthe okuxakayo abesifazane abangafuni ukufunda kukho ukuthi abantu besilisa bayaxabana kodwa abalahlani ngoba bayakwazi ukwesekana. Uqhube wathi kwabesifazane ngeke ukubone lokho ngoba bahlale befuna ukubukelana phansi yikho begcina beseka abesilisa esikhundleni sokuphakamisa omunye wabo.
IKwaZulu-Natl yiyo ebihamba phambili ngezibalo zabesilisa abebemele amaqembu ezombusazwe ikakhulukazi okuyi-EFF, i-ANC ne-IFP okungamaqembu obekugqame kuwo bona.
Izindawo ezisemakhaya yizo kulolu khetho ebezimelwe kakhulu abantu besilisa emaqenjini amaningi kusuka eNquthu, eNkandla, oPhongolo, eJozini nakoMtubatuba bekukhonya abesilisa.
Nakhona kulezi zindawo amagama alaba besilisa abethwelwe ngeqoma abesifazane abebebonakala ngisho kumavidiyo beqhumisa imikikizo bebakhankasela.
UNks uChokoe uthe le nselelo ayibhekene ne-ANC kuphela kodwa emaqenjini afana neDemocratic Alliance ne-EFF namanye kunenselelo efanayo njengoba kuke kwakhalwa ngoNkk uHelen Zille ukuthi ngesikhathi enguNdunankulu waseWestern Cape, wazithola egxekwa ngokuqoka uxhaxha lwabesilisa kuKhabhinethi yakhe.
Nayo i-ANC isolwe kakhulu ngokuhluleka ukubhekelela abesifazane ezikhundleni ezibalulekile ikakhulukazi ezoNdunankulu. Lokhu kuholele ekutheni igcine isinquma ukuthi kulezo zifundazwe okuqokwe abesilisa baba ngoNdunankulu iqoke ukuba oSomlomo kube abaholi besifazane.
Umbiko weNhlangano Yezizwe omayelana nokuzibandakanya kwabezifazane okhethweni owashicilelwa ngowezi-2004, uveza ukuthi kwamanye amazwe abesifazane bagcina benqindeka amandla ukungenela izikhundla ngenxa yokuthi kwesinye isikhathi amasiko, inkolelo ethinta ubulili, uhlobo lomholi osuke ehola lelo qembu lezepolitiki nezinkolelo kungezinye zezinto ezibayizithiyo nezenza izibalo zabesifazane abazihlanganisa nombusazwe zingagculisi ikakhulukazi abazibandakanya nezikhundla.
Nokungafundiseki kwabesifazane ngepolitiki nangeqhaza labo ezinhlakeni ezahlukene kungezinye zezinto eziyimbangela yokuba bagcine bengazethembi noma babemanqika.
Omunye umbiko okuyi-International Parliamentary Global Report, uveza ukuthi abesifazane eNingizimu Afrika basanemigoqo ebavimbayo ukuba baphumelele kwezombusazwe ngoba abakutholi ukwesekwa okwanele. Lapha kubalwa ukwesekwa ngezimali nangezinye izinsiza zokuba bakwazi ukuqhuba imikhankaso yabo njengoba kwenzeka kozakwabo besilisa.
Ngisho i-United Nation Women eholwa owayeyiPhini likaMengameli wezwe eNingizimu Afrika, uNkk uPhumzile MaMlambo Ngcuka, nayo iveza ukuthi bangamaphesenti ali-18 kuphela abesifazane abenziwa ongqongqoshe kodwa othola ukuthi bafakwa kule minyango ebukwa njengengatheni.