Now Reading
Empeleni kumele benzeni ubuciko kithi?
Dark Light

Empeleni kumele benzeni ubuciko kithi?

Siphila ezikhathini ezimangazayo. Zimangaza nje ziyafundisa kanti futhi zisula lokhu esabe sifundiswe khona. Siphila lapho ubuciko bunamandla okwenza izinto zenzeke. 

Uzothi omunye akuqali lokho ingani amahubo noma izihasho zensizwa njengobuciko kwakwenza umuntu athathe uhlangothi ukuthi uyavumelana yini nesimo noma cha. Uma ngephimbo oholayo ethi: “Umkhonto uyoze wenzeni kwaZulu” wabe esazi olalele ukuthi impendulo ikuye. Uma umzalwane ethi: “Awusukume wena ntombi enoJesu” yayisukuma intombi leyo. Isukuma nje isijuluke imanzi ikhuluma nezilimi ngakho belu ngoba ingoma lena yenza into engakwazi ukuyichaza.

  Kanjalo nobuciko bokudweba bamukelwa ngoba kwabe kunento thizeni eyabe ikuvusa kumuntu. Imenze ayibone le nto omunye okungenzeka ukuthi akayiboni. Kuthi wena uma ubuzwa ukuthi uyini umdwebo wena ubone umbala obovu ubhixwe oqwembeni, kwavavazwa neminye kepha uma usuzwa kuchazwa ngabahambi bendlela ubezwe bethi lo mbala uwukuthi. Futhi lapha kwezemidwebo uke utshelwe ngenkomo ongayiboni kuthiwa yiyo le umdwebi ayekhuluma ngayo.

Nali nje iciko, yebo ubizwa kanjalo uRasta, uthatha esakhe isikhathi adwebe futhi abe neqholo kulokho ngoba ekubona kuyikho. Kepha uthi angakuvezela izwe abe manaphanapha zinhlamba zabantu. 

Akekho obuza leli ciko ukuthi isimomqondo uma lenza lo msebenzi sisuke sikuphi nokuthi yikuphi lapho ethola khona ukwaneliseka emoyeni ngomsebenzi wakhe wobuciko.

Ngake ngalamula abantu bephikisana sekucija nolimi ngobuciko bomculo weJazz. Umthandi walo mculo wayethi inoni leli likaMiles Davis limenza angaphili kulo mhlaba ophikisana nayo uthi akukho okululozolo kepha unhlavanhlava nje okungachazeki. Nalapha okwabe kwehluka kukho wukuqonda okwenziwa yile mikenenezo kuloyo olalele.

Ungayichaza uyithini nje indaba yesigubhunesangoma noma nesiyoni? Ndlelani yokusishaya le eyenza kuthi uma siduma uzwe umuntu egxuma okwenhlavu. Uzwe omunye athi ungasilokothi uzovusa ‘izinto zakhe?’ Khona laba ababelalela umufi uPavarotti babezwani ngoba kwakuze kugeleze izinyembezi impela. 

See Also

Kuthi lapho uBlack Coffee ethinta izinkinombo uzwe kuchwaza inkundla, kuchitheka izishebo neziphuzo. Kukhona nje abazishaya isifuba ukuthi sebahlambela umgidi weJoyous Celebration iminyaka kabaphuthi, nakhona usaba nokubuza ukuthi kwenziwa yini nokuthi kumthinta kuyiphi indawo.

Nayinje ingoma iJerusalema isiyoze iphele kukhona abathi kabezwa ukuthi yini le eyenza abantu besase kangaka ngoba ukuculwa ngeJerusalema umuzi ongcwele kade kwaqala lapha emabandleni. Awu okukaJohn okuthiwa kavule igate kwenza kuphithane ikhanda.

Mhlawumbe le yimfihlo yabo ubuciko nokumele singayazi sonke ngesikhathi esisodwa noma ngolwazi olufanayo. Kumnandi kunjalo ngoba mhlawumbe singazi ngeke sibuthokozele ubuciko. Uma le kuyimpendulo, angiboni ukuthi sekungaze kufe umuntu.

Scroll To Top