Zikhona izindlela zokunqoba umdlavuza



UMhlongo yintatheli ebheke izindaba zohulumeni bendawo
Phambilini uMnyango Wezempilo ubuthembele ekuphumeni uye kubantu ukuze ufundise umphakathi ngezempilo. Lapha bekusuke kugxilwe ekugcizeleleni ukubaluleka kokuzinakekela, ukugwema izifo, nokuzijwayeza ukuyohlolwa ukuze uma kunezifo ezifufusayo zisheshe zitholakale bese umuntu elashwa.
Ucwaningo luthi nezifo ezingelapheki uma zisheshe zatholakala kuba lula ukubhekana nazo.
Ngenxa yokuqubuka kokhuvethe, oluholele ekuvalweni kwezwe ukuze kunqandwe ukubhebhetheka kwalolu bhubhane, okhulumela uMnyango KwaZulu-Natal uMnu u-Agiza Hlongwane, uthe sebeqale ukusebenzisa ezobuchwepheshe ukuze bakwazi ukuqhubeka nokuxhumana nomphakathi.
“Lapha singabala izitatimende esilokhu sizikhipha ukuqwashisa umphakathi ngempilo, izithangami zabezindaba nohlelo olusha lwethelevishini iLunchTimeChat.Gov, olusakazwa bukhoma eziteshini zomphakathi, isezinkundleni zethu zokuxhumana njalo ngoLwesihlanu nasesteshini sethelevishini i-1KZN ngoMgqibelo,” usho kanje.
Uthe njengoba izwe selisesigabeni sokuqala semvalelwakhaya, akusekude ukuthi izinhlelo zoMnyango zokuhlangana nomphakathi ziqhubeke ngendlela ecishe ifane neyaphambilini kodwa abazozethamela bazobe befake izimfonyo, behleli ngokuqhelelana kuphinde kujwayelwe nokugeza izandla ngamanzi nensipho noma ngesibulalimagciwane.
Njengoba iNyanga kaMfumfu eNingizimu Afrika ithathwa njengeyesifo somdlavuza uHlongwane uthe: “Isifo somdlavuza sehlukene futhi sibucayi. Kuya ngokuthi iyiphi ingxenye yomzimba ephethwe yiso nokuthi idinga ukwelashwa okungakanani. Siyafisa ukukugcizelela ukuthi kuzo zonke iziguli ezinomdlavuza zingama-20% kuphela ezidinga i-oncology ngenxa yokujula komdlavuza wazo.”
Uthe okumqoka ekunqobeni umdlavuza akusikho ukulapha kodwa wukuhlolwa kwabantu njalo ukuze uma sitholakala abezempilo basheshe bangenelele. Uqhube wathi iKwaZulu-Natal yenza kahle kakhulu ngasohlangothini lokuhlolela umdlavuza kusetshenziwa imishini nasekulapheni.
“Zinhlanu izinhlobo zomdlavuza ezidlangile KwaZulu-Natal esokuqala owesibeletho, owebele, owamathumbu, oba phakathi komlomo namakhala odalwa ukubhema nezilonda zomdlavuza eziba sekhanda nasemqaleni kanye nowamapayipini asesithweni sangasese sowesilisa,” usho kanje.
Uqhube wathi kuningi umuntu angakwenza ukugwema ukuba yisisulu somdlavuza. “Umdlavuza webele ushiya kukhalwa njengoba uhlasela owesifazane oyedwa kwabangama-27. Lesi yisibhicongo esingenasidingo ngoba lo mdlavuza uyakwazi ukunqandeka ungakabhebhetheki emzimbeni, umuntu alashwe asinde.”
UHlongwane uthe kulula ukusheshe kubonwe izimpawu zomdlavuza webele.
Unxuse abesifazane ukuba bajwayele ukuzithinta amabele, babheke ukuthi akukho sigaxa yini esingajwayelekile. Uma lokhu kumhlula, angacela lowo ahlekisana naye ukuba amsize. Njalo ekuseni angama phambi kwesibuko bese ephakamisa izingalo. Uma kukhona ibele elinyuka kakhulu kunelinye, lokho kungaba yinkomba yokuthi kukhona okungahambi kahle.
“Ezingeni lomphakathi sinezinsiza zezemfundo futhi siqwashisa ngezempilo nezemfundo ukuzihlola amabele nokunakekela abadinga ukunakekelwa kwabanomdlavuza ngasezinsukwini zokugcina (iPalliative Care) ngokubambisana nezinhlangano ezigxile emphakathini,” kusho yena.
Uthe ezingeni lezikole, bagxile ekunciphiseni ukushona kwabantu ngenxa yomdlavuza wesibeletho ngokuba bajove amantombazane aneminyaka yobudala eyisi-9 ukuze agweme iHuman Papillomavirus okungelinye lamagciwane athathelana ngokwenza ucansi olungaphephile [STI], edala umdlavuza wesibeletho. Ezingeni lesifunda lokunakekela baneminye imishini yokuxilonga banqande umdlavuza usafufusa kanti bengeze ngeli-15 ukusiza ukunqanda umdlavuza wesibeletho.
Uthe nasezibhedlela ezinkulu bayifakile imishini. “Sinxusa abesilisa abaneminyaka engama-50 ukuthi bahlolelwe umdlavuza osesithweni sangasese ngoba uyingozi. Empeleni, wonke umuntu wesilisa onomlando walolu hlobo lomdlavuza unxuswa ukuba aqale ukuwuhlolela kusukela eminyakeni engama-45,” usho kanje.
Uthe bayabagqugquzela abesimame abaneminyaka engaphezu kwama-30 ukuba babuze kwabezempilo ukuze balungele ukwenza iPap Smear, esiza kakhulu ukunqanda nokwelapha umdlavuza wesibeletho.
“Ngaphezu kokulwa nomdlavuza, sizoqhubeka nokuyibamba ekhaleni impi yezifo ezingathathelani. Mayelana nalokhu, sikhathazeke kakhulu ngezifo ezingelapheki njengesikashukela nomfutho wegazi ophezulu. Empeleni, KwaZulu-Natal baningi kakhulu abantu ababanjwe yilezi zifo ezingelapheki okwengeza emthwalweni wezifo,” kusho yena.