UHolomisa yinomfi yamaqembu aphikisayo
UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
NGEZIZATHU ezahlukene ukhetho lwezindawo esiphuma kulo luqophe umlando lwaguqula nepolitiki yaseNingizimu Afrika. Okokuqala ngqa kubekhona omasipala kuzwelonke abangenalo iqembu eliphumelele ngamalengiso. Okokuqala ngqa imikhandlu emikhulu yaseJohannesburg, eTshwane, naseNelson Mandela Bay ingabi ngaphansi kwe-ANC. Kanti khona manjalo amaqembu amancane yiwo aphenduke izingqwele komasipala abaningi njengoba abeyinoni kulawo amakhulu. Yize abemithombo yabezindaba bebebheke kakhulu abaholi kanjalo namaqembu athile, ikakhulukazi i-African National Congress (ANC), iDemocratic Party (DA), i-Inkatha Freedom Party (IFP) kanye ne-Economic Freedom Fighters (EFF), kukhona umholi obepheka impi yamaqembu aphikisayo nobeyibuyisa emgqeni. Lowo mholi nguJenene uBantubonke Holomisa ongumholi we-United Democratic Movement (UDM).
Yize iqembu lakhe lingenzaka kahle kuhlanganisa nokwehlulwa esigcemeni ahlala kuso eMqanduli lo mholi ugqame kakhulu emizamweni yangasithe yamaqembu aphikisayo ukuba enze imbumba ezobhekana ne-ANC. Ngokuthola kwemithombo yeBAYEDE izingxoxo zamaqembu aphikisayo bekungeyona into elula ngoba wonke abenezimfuno ezahlukene kukhona nabukelana phansi. Nokho kuthiwa uHolomisa ukwazile ukulungisa lokho kukhuluma ikakhulukazi ngasohlangothini oluthinta i-EFF neDA obekukhona obekude kuvuka. Kuthiwa ukwazile ukuthi enze ukuthi bonke abakhongi bamaqembu bakubone kumqoka ukuvumelana ngento eyodwa, ukuphikisa nokunqinda i-ANC amandla. Kuthiwa isipiliyoni sakhe sikwazile ukubuyisa imihlathi eyalanayo yingakho kuze kwaba nesibophezelo esenziwe ngamaqembu aphikisayo lawo abeyingxenye yomhlangano eGoli ngesonto eledlule ekuthini kubo alikho elizovotela i-ANC noma yikuphi kunalokho azovotela izinhlangano eziphikisayo. Lo mgomo uvelile ngesikhathi abe-EFF bethi yize bengeke babambisane neDA komasipala kepha bazolinika leli qembu amavoti abo uma sekudonsiswana ne-ANC.
Kanjalo neDA nayo yethule ukubambisana okufanayo lapho amaqembu aphikisayo akuMasipala iNelson Mandela Bay ehlangane khona ukunqinda uKhongolose. Ngesonto eledlule kuvele izindaba zokuthi uHolomisa ehambisana noMholi weCongress of the People (Cope) uMnu uMosiuoa Lekota bakwazile ukugwema ukwehlukana phakathi kwamaqembu aphikisayo emuva kombango weDA ne-EFF ngoMnu uHerman Mashaba obemele iDA kwesikasodolobha eGoli.
Kuwo wonke amaqembu ayehambele nayingxenye yamaqembu aphikisayo kukhona ukuvuma ukuthi uHolomisa ubambe elikhulu iqhaza ekwakheni isifuba sempi esikwazile ukuginga uKhongolose komasipala abaningi. Kulindelekile futhi ukuthi enze njalo nangokhetho lukazwelonke ngonyala we-2019.