Lucasule uMphathiswa olwemoto eyalimala ihamba iMeya
UMoshoeshe uyintatheli engxile kwipolitiki nezomphakathi.
Uthukutheliswa wukungakhishwa kombiko uMphathiswa Wezokubusa Ngokubambisana Nezindaba Zomdabu e-Eastern Cape, uMnu uXolile Nqata, oveza imininingwano ngokulimala kwemoto yoMkhandlu uMzimvubu eyayishayelwa yiMeya yawo.
Encwadini ebhalwe mhla ziyisi-8 kuMandulo nonyaka, iBAYEDE enayo, uMphathiswa uNqata uzwakalisa intukuthelo ngokuthi uselinde isikhathi esiyizinyanga ezintathu umbiko ngokulimala kwemoto yalo Mkhandlu ongaphansi kowesifunda i-Alfred Nzo eyayishayelwa iMeya uSobane Mnukwa ngesikhathi sengozi yize ngokomthetho kwakufanele engabe ushayelelwa umshayeli woMkhandlu ovumelekile ukwenza lokhu.
Imizamo yokuthola iMeya noSomlomo uNkk uFlorida Ngonyolo ayiphumelelanga njengoba ucingo lwayo belungabanjwa kodwa uSomlomo ubelokhu ethi usemhlanganweni uma ebuzwa ngalolu daba.
Okhulumela ihhovisi likaMphathiswa, uMnu uMamkeli Ngam, uthe bebengekayitholi incwadi yoMkhandlu yize wawuyalelwe ukuthi wenze umbiko ngengozi.