Now Reading
Kweqana izibiba eMoses Mabhida ngethenda yezigidi
Dark Light

Kweqana izibiba eMoses Mabhida ngethenda yezigidi

Umholi we-ANC nelungu leSishayamthetho  uthi  indaba ayikho ngendodakazi kepha ingaye qobo


Ukuvela kodaba losomabhizini osemncane waseMgungundlovu okuthiwa inkampani yakhe ihlomule izigidi ezili-R184 kudale ukukhuluma. Uma luqala lubikwa emphakathini kubatshazwe ukuthi inkampani i-Upscale Property okuthiwa ibhaliswe nje esikhathini esingamasonto amathathu yabe isigixabezwa ngomsebenzi wezigidi. Igama ebelihamba phambili kulokhu ngelikaNks uSilindile Xulu. 

I-Upscale Property ibiyingxenye yezinkampani ebezifake isicelo somsebenzi wokuqashisa ngendawo yokuhlala izisebenzi zoMnyango Wokuthuthukiswa Komnotho, Ezokuvakasha Nokongiwa Kwemvelo neyayikhangiswe uMnyango wezeMisebenzi Yomphakathi ngoMfumfu wanyakenye. Le ndawo kwakucacisiwe ukuthi kufanele ibenezindawo zokupaka izimoto ezingaphezulu kwama-500.

Mhlawumbe esimweni esejwayelekile nasemkhakheni lapho aboHlanga bengabaningi khona, ukuhlomula kukaNks uXulu bekumele kutuswe ukuthi njengesenzangakhona ngasohlangothini lukaHulumeni nohlale egcizelela ukufukulwa kwaboHlanga emikhakheni eyahlukene. 

Nokho akubanga njalo ngoba okubukeka njengepolitiki yamaqembu nezinsolo zokwenzelela sekudunge amanzi. UNks uXulu uyindodakazi kasopolitiki owaziwayo uMnu uThulani ‘Two Ways’ Xulu oyilungu likaKhongolose nojutshwe njengomdidiyeli wesigungu sesikhashana esilungisa izinkinga esifundeni iMoses Mabhida. Kanti ngakolunye uhlangothi inkampani nayo ebilindele ukudla umhlanganiso iRebosis ikhala ngokudlaliswa injeje.

AbakwaRebosis bafake isikhalo kwaTreasury Appeals Tribunal. Omunye wabanikazi beRebossis nguMnu uZunaid Moti, le nkampani kuthiwa inoxhaxha lwamabhizinisi okudayisa izimoto kuleli khona lapho ikhonjwa kwezezimayini  njengoba kuthiwa ihweba njenge-Africa Chrome Field esebenza ngokubambisana neFanshawe Mining Holdings eZimbabwe. 

Ngokwamaphepha iRebosis yona yayibize izigidi ezingama-R84 kodwa kuthiwa kwavela ukuthi indawo yayo ingaphansi kwaleyo ebidingeka njengoba ibingama-11 000 m2 futhi inezindawo zokupaka izimoto ezili-172. 

Isikhalo sabakwaRebosis sokuthi kwenzelelwe sesekwe wuphenyo olwenziwe ngabenkampani iPaul O’ Sullivan esetshenziswe abeRebosis ukuphenya lolu daba. Ekhuluma nelaboHlanga uMnu u O’ Sullivan uthe: “Uma i-Upscale ithi inesakhiwo abanaso futhi esingaqashiselwa uHulumeni, uma bekushilo lokho, kuwukukhwabanisa. Uma ithenda abayifakile bekungeyokubambisana, lokho kufakwa nokunikezwa umsebenzi kufanele ngabe kwenzeke egameni lokubambisana hhayi egameni le nkampani entsha eqalayo njengoba kunjalo lapha.

Njengoba i-Upscale ingenazo izakhiwo, kungathokozisa ukuzwa ukuthi yisiphi isakhiwo abazosihlinzekela uHulumeni, emveni kwamasonto ambalwa bazisiwe. Uma ungasazisa, sizokwazi ukwazisa umnikazi wangempela wesakhiwo.

Njengoba lolu daba selusesimweni sokuthi lubuyekezwe futhi kunesikhalo sobugebengu. Ngishaywa wuvalo asikwazi ukuqhubeka sidingide mayelana nokuhlangene nalokhu.”

UXulu uyaphawula ngodaba

ElaboHlanga kuleli sonto likhulume noXulu nothe kukhona okunuka santungwana kulokhu, ishoba walikhomba kupolitiki yeqembu. UGxabhashe uthe  okubuhlungu kuye wukuthi  kulolu daka  sekungene nabenhlangano yakhe ababecabanga ukuthi ukuvela kwalezi zindaba ngesinxele kuzomfaka ohlwini lwalabo abazocelwa yinhlangano ukuba bake bame kancane ngenxa yamacala abo kodwa akwenzekanga ngoba befisa. 

“Lana kukhalwa ngezinsolo zenkohlakalo yokwabiwa kwethenda manje ungenaphi uXulu lapho ngoba ngisho naseSishayamthetho angihlali nakwelilodwa ikomidi lamathenda?” kubuza uXulu. 

Ube esenaba nangendodakazi yakhe enukwayo: “Mfwethu ingane yami indala, ineziqu futhi iyaphanta njengami njengoba mina ngikhule ngizizamela kungekuhle ekhaya ngidayisa ngenza konke futhi kanginamahloni ngalokho njengoba okunye okuningi bekufunde kumina kodwa yena ubuye wahlala kakhulu kubo kamama wakhe kwaMshengu eMpendle lapho kunamabhizinisi okudayisa nezitolo.”

Uthe kodwa konke lokhu kusuka esifundeni sakhe ngoba aqala uhlelo lapho abuyisa khona amalungu enhlangano akudala amanye ayesehambile afana noMnu u-Alpha Shelembe, uNks uBarbara Thompson noMnu u-Aubrey Lukhele. 

“Kuthe mangiqala lolo hlelo kwaba nabanye abathembekile enhlanganweni bazongitshela ukuthi kulolu bumbano engilwakhayo angingasebenzi nozibanibani. Ngaxakeka ukuthi kanjani,” usho kanje.

See Also

Uthe ngenxa yalokho njengoba kuyiwa okhethweni kuba nabanye ababona kubuyiswana nabaholi abadala bona bangacabangi ngenhlangano kodwa bacabangela izisu zabo nokuthi azoncipha amapuleti okudla. 

“Yingakho ubona nabanye bekhiphe izitadimende emuva kwePEC ngoba bebezitshela ukuthi ngikhona kulabo abazosuswa,” kusho uXulu. 

Uthe uma umuntu ezoqashisa ngendawo kumbe ibhilidi yini efuna isipiliyoni lapho. “Ngeke siziphike izingane zethu ngoba zizalwa yithi futhi singeke sizivimbe ukuthi zingene emabhizinisini uma zifuna,” kusho uXulu

Ufunge wagomela wathi yize ebengafuni ukukhuluma kodwa manje sekufike lapho kufanele avikele umndeni wakhe ngoba ingane yakhe ihlukumezekile ngalokhu. 

UMnyango uthi  kuqonde  konke 

Okhulumela uMnyango Wezezindlu uMnu uMbulelo Baloyi ukugcizelele ukuthi inkampani iRebosis yayingekho emhlanganweni wethenda nokuthi le ebithola umsebenzi inesikhala esikhulu futhi esingaphezulu kuleso bebesidinga. Uphinde wathi ngale kwalokho banohlelo lokuzama ukunikeza amathuba amabhizinisi asafufusa kulo mkhakha obonakala usalawulwa kakhulu abambalwa. Uthe ngeke bakhulume kakhulu ngethenda ngoba sekufakwe icala kodwa konke kwenziwe ngokulandela umthetho. 

 Kule nkulumo u-O’ Sullivan uphikisene noBaloyi.

“Ngingakuqinisekisa ukuthi owayemele ngokusemthethweni iRebosis wayekhona emhlanganweni ophoqelekile wethenda. Kanjalo, noma yisiphi isitatimende esiphambuka kulokhu sobe singamele iqiniso. Sibuye siyaqinisekisa ukuthi ngeke kuze kwenzeke ukuthi inkampani entsha, engabhalisele intela noma iVAT, engenampahla noma izikweletu, enganamlando wokuhweba njengoba kunjalo ku-Upscale Property Investments (Pty) Limited, ikwazi ukuhlangabezana nezidingo zethenda ngisho kuthiwani. Izidingo zoMnyango Wezezimali zicacile mayelana nalokhu,”  kusho u-O’Sullivan.

Scroll To Top