Now Reading
Ipolitiki yezomnotho: Siyaqhubeka isimuncu embonini kashukela
Dark Light

Ipolitiki yezomnotho: Siyaqhubeka isimuncu embonini kashukela

Amabhizinisi aboHlanga engcupheni yokushabalala. Umnotho wesifundazwe nemboni kuzothinteka


Kwake kwakhona isikhathi lapho imboni yomoba kuyiyo ewumgogodla entuthukweni ezindaweni ezahlukene KwaZulu-Natal, kukusuka oPhongolo enyakatho kuyoshaya eMthavuna eningizimu. Amadolobha amaningi afana neKwaDukuza (Stanger), Umzinto neTheku imbala athuthukiswa ukuhweba ngomoba. Elinye lamalokishi amakhulu eThekwini iKwaMashu  lakhiwe endaweni eyayiyipulazi lomoba elingelikaSir Marshall Campbell.

Eminyakeni eyedlule le mboni ikhungathwe yizingqinamba zokwehla kwentengo kashukela, ukumiswa kabuhlungu ushukela oshibhile ovela kwamanye amazwe anjengeBrazil kanye nentela kashukela eyethulwa uHulumeni. Lapho kusazanywa izindlela zokusimamisa le mboni kuhlasele ukhuvethe obekusho ukuthi ezinye zezisebenzi zemboni zavaleleka e-Eastern Cape, nokuthi izigayo azikwazi ukusebenza ngendlela enengeniso ejwayelekile ngenxa yemithetho yemvalewakhaya.

Nyakenye inkampani kashukela engenye yezinkulu KwaZulu Natal, iTongaat-Hullett yadiliza izisebenzi eziyizinkulungwane ezinhlanu. Uma kubalwa ukuthi ngamunye umuntu osebenzayo unakekela abantu abayisithupha kusho ukuthi abantu abayizinkulungwane ezingama-30 balahlekelwa yiphalishi. Ekuqaleni kwalo nyaka iTongaat-Hulett ivale umshini eDarnall okubeke engcupheni imisebenzi yabantu abaqashwe ngokuphelele abangama-390 kanye nabalimi abangama-200.

IGroup Mill Board okuwuhlaka olwenza izinqumo mayelana nokufakwa komoba emshinini ikhiphe isaziso sokuthi kuze kube uLwesine lomhla zili-17 kuMandulo akukho moba ozokwamukelwa emshinini iSezela Sugar Mill. Kwenzeka lokhu nje abalimi bebenomoba osushisiwe ukulungiselela ukugawulwa kanti omunye ubushe ngengozi. Abanye abalimi besebewugawulile umoba usutakiwe omunye usezindaweni zokuwulayisha emalolini azowuyisa emshinini.

Lesi sinqumo sesibe nomthelela omubi kubalimi boHlanga abaziphilisa ngomoba njengoba iningi labo ligawula umoba kanye ngonyaka. Njengoba isivuno sabo sanonyaka sesilahlwa kusho ukuthi kulo nyaka abanangeniso nhlobo. Kulinganiswa ukuthi ezindaweni zaboHlanga ezigayelwa isigayo saseSezela amathani omoba azolahlwa alinganiselwa ezi-3 180 endaweni yaseMalangeni, kanti eMthwalume ayizi-2 100 kuthi eMfume kube ngamakhulu angama-900. Esewonke amathani umshini owachithile ayizi-26 000.

Ngokwenkampani eyenza ushukela nengabanikazi besigayo saseSezela inkinga idalwe ukuthi lo moba ongamathani ayizi-26000 oshe ngengozi ubungekho esimweni esilungele ukugaywa ukuze ukhiphe ushukela. “Siyavuma ukuthi uma kukhona ukuphazamiseka kokusebenza esigayweni, nangasiphi isizathu, akwehli kahle kwesibambisene nabo kubandakanya abalimi. Siyaxoxisana nabalimi ukulungisa isimo ngokushesha nokuthola izindlela zokugwema isimo esifanayo nangelinye ilanga,” kusho uMphathi Wezokuxhumana, uMnu u-Ofentse Dijoe. Omunye wemihlangano obizwe yi-Illovo ukuzama ukubonisana nabalimi, wona obusePaddock awuphelanga kahle njengoba abalimi abaningi bewudubile imimoya isiphezulu.

Inhlangano elwela aboHlanga kule mboni, iSouth African Farmers Development Association (SAFDA), ithi i-Ilovo isenga ezimithiyo ngembangela yokumiswa kokusebenza komshini waseSezela. 

“Umoba ulahlwa nje ngoba vele umshini waseSezela ubungasebenzi ngendlela. Lo moba okuthiwa ubufika emshinini ungasekho esimweni esifanele ubulitshaziswa ukusebenza kancane komshini,” kusho uMnu uSfiso Mnguni oyiNhloko Yomnyango enhlanganweni iSAFDA. Uqhube wathi: “Okwenziwe yi-Illovo kuwukuziphikisa. Le nkampani ifike yacela uHulumeni ukuba uxhase abantu ukuthi batshale umoba ongamahektha ayizi-3 000, okusho ukuthi kufanele inyuse namandla okugaya. Ithe isuka yayivala umshini eMzimkhulu ngoba ikhala ngezindleko zokusebenza kwawo.”

NgokukaMnguni, isenzo sokulahla umoba wabalimi sisho ukuthi kunabalimi boHlanga abachithelwa ngaphandle kwemboni. “Ngaphandle nje kokuthi uHulumeni, ngokunxenxwa yithi, ufake umanyolo obiza izigidi ezili-R133 ngonyaka odlule ukulekelela abalimi abancane, umlimi omncane uma ulahla umoba wakhe kukaningi ukuthi angangaphinde avuke ngoba vele bekuwukuphela kwawo, nezikweletu zimi ngenhla. Futhi njengoba lo mlimi omncane engafakanga moba nonyaka kusho ukuthi ngeke ahlomule emalini eyalwelwa embonini yokubonelela aboHlanga, mali leyo encike ekufakeni umoba emshinini”. UMnguni uthi inkampani kufanele ibabonelele abalimi njengoba belimele ngenxa yokungasebenzi ngendlela komshini.

  • Izigidigidi ezili–14 imali eyenziwa yimboni kashukela eNingizimu Afrika
  • Izigidigidi eziyi-5.1 inanimali lomkhiqizo womoba eNingizimu Afrika
  • Izinkulungwane ezingama-85 abantu abaqashwe ngqo yile mboni
  • Izinkulungawane ezingama–350 abanamathuba omsebenzi ngenxa yemboni kashukela
  • Izinkulungwane ezingama-850 abahlomulayo ngenxa yabaqashwe yimboni ngqo
  • Oqashiwe unakekela abantu abalinganiselwa kwabayisithupha
  • Izinkulungwane ezingama-20 abalimi bakamoba abancane
  • Izidigi ezili-200 imali efakwe uHulumeni kubalimi abancane
  • Izigidi ezingama-20 imali elahlekile ngokuchithwa komoba
  • Izinkulungwane ezingama-26 amathani omoba ochithiwe

Ukulahlwa komoba ongamathani ayizi-26 000 kusho ukulahlekelwa okukhulu kubalimi. Uma nje kuthathwa ngokuthi njengamanje ushukela ngezi-R4 797.00 ithani ngalinye kusho ukuthi abalimi balahlekelwe yingeniso yemali elinganiselwa ezigidini ezingama-R20.  Lesi sinqumo siphinde sibe nomthelela wokuthi njengoba abalimi bengezothola mali ngomoba wabo kusho ukuthi imali abawusebenze ngayo ayizukubuya. Baphinde abalimi babe nenkinga yokuthi lo moba osugawuliwe abazoba nayo imali yokuwusebenza ukuze uvunwe ngonyaka ozayo. Imali yokusebenza umoba njengokuwuhlakulela, ukubulala ukhula nokufaka izikhuthazi kungabiza imali engafinyelela ezinkulungwaneni ezingama-9 ngehektha. Omunye wabalimi boHlanga, uMnu uNorman Cele, oshelwe umoba ongamahhakela angama-35 ukhala uyazithulisa njengoba wonke lowo moba ungeke ungene emshinini. “Njengoba ngishelwe umoba omningi kangaka ongeke ungingenisele mali, ngabe izisebenzi ngizozikhokhela ngani, ngiphinde ngisebenze lo moba ngemali engiyithathephi?” kuzikhalela uCele.

See Also

Yize i-Illovo Sugar Company ibeka ngokuthi umshini iSezela Sugar Mill ubusebenza kahle, abalimi abafana noCele bakhala kakhulu ngesinqumo esathathwa yile nkampani ngonyaka owedlule sokuthi ivale umshini iMzimkhulu Sugar Mill esePort Shepstone. “Sababuza abaphathi be-Illovo Sugar ukuthi njengoba umshini iSezela ibivele inezinkinga ezinkulu ngonyaka owedlule, kuwubuhlakani na ukuthi kuvalwe umshini iMzimkhulu bese abalimi bakhona baphakele iSezela? Sathenjiswa ukuthi akuzoba khona nkinga njengoba iSezela Sugar Mill ikwazi ukugaya amathani ayizigidi ezi-2.5 ngonyaka. Kodwa buka manje, umoba wethu uyalahlwa,” kuqhubeka uCele. Umshini iMzimkhulu wavalwa ngenxa yokuthi amanzi omfula uMzimkhulu aba nosawoti ngenxa yokuthi umshini useduze nogu, ulwandle luyangenela lukhuphuke ngomfula. 

Izindleko zokuhlanza la manzi ukuze asetshenziswe emshinini kwatholakala ukuthi ziphezulu kakhulu.

Ngaphandle kwezindleko zokukhokhela izisebenzi, isisetshenziswa kanye nokulungisa umoba ukuze uvunwe ngonyaka ozayo, abalimi ikakhulukazi aboHlanga babhekene nenkinga yokuthi banezikwelethu emabhange. Abanye babo banezikweletu abazisayinda ne-Illovo Sugar ukuze batshalelwe umoba ngaphansi kohlelo lweJob Fund oluxhaswe uHulumeni wesifundazwe iKwaZulu-Natal. I-Illovo ayiphumanga nazwi eliqondile uma ibuzwa ngokuthi kuzokwenzakalani ngalaba balimi mayelana nezikwelethu, imali yokulungisa umoba. Olunye uhlelo olungase luphazamiseke yilolo lweSupplementary Payment Fund, okuwuhlelo olwaqalwa yi-Illovo lokhuthi abalimi bakamoba bathole uchatha ngaphezulu kwemali eyisivumelwano yethani. Lo chatha umlimi uwuthola ngomoba ongenile emshinini. Ukuchithwa komoba akugcini ngokuthinta abalimi kepha lesi simo sikapakela nakulabo abangosonkontilaki kule mboni njengalabo abagawula umoba, abawudonsa ngogandaganda kanye nalabo abawuthutha ngamaloli.

Ngokwezibalo zeSouth African Sugar Association, imboni kashukela yenza inzuzo elinganiselwa ezigidigidini ezili-R14 ngonyaka, iqashe ngqo abantu abayizinkulungwane ezingama-85, yakhe amathuba omsebenzi ayizinkulungwane ezingama-350. Abalimi abancane babalelwa ezinkulungawaneni ezingama-20, abakhulu bona bangaphezulu kwenkulungwane. Imishini yokugaya umoba ili-14.

UNgqongqoshe Wezomnotho, Ezemvelo Nezokuvakasha uNkk uNomusa MaDube Ncube usejube ithimba leTrade and Investment KZN ukuba ngesonto elizayo lihlangane nabalimi bakamoba ngenhloso yokuxoxisana ngendlela abalimi abangasizakala ngayo kule nkinga ababhekene nayo. “Sinohlelo olungaphansi kweTrade and Investment KZN lokusiza osomabhizinisi abazithola besenkingeni. Ngakho-ke ngaphandle kokubheka indlela yokulekelela abalimi abancane sizosebenzisa lolu hlelo ukulekelela labo abatshale umoba njengebhizinisi,” kusho uMaDube Ncube.

Kushaye isikhathi sokushicilela inhlangano yabalimi iSezela Canegrowers Association ingakaphenduli emibuzweni yaleli phephandaba. Iyaqhubeka imihlangano phakathi kwenkampani i-Illovo mayelana nokuthi abalimi bazosizwa kanjani.

Scroll To Top